zulu.3011.street children
Akusiwo umdlalo wabamhlophe kuphela
Umdlalo wokutshuza olwandle usunikeze intsha ithuba lokuba nekusasa elingcono...
indaba nguCHRISTINE MAROT
izithombe ngu"
ISIKHATHI sabo babesichitha ngokubhema i-glue, kodwa namuhla sebephila ngokuhogela iphunga lolwandle olunosawoti.
Asisekho isidingo sokuthi uBongani, uMusa noVictor baphathe amabhakede anamanzi anensipho baye lapho kupakwa khona izimoto ukuze bazigeze, manje sebephatha amabhodi okutshuza olwandle.
UBongani Mathe wakhuliswa ngudadewabo eJozi kodwa kwathi lapho esekhulile, udadewabo wangakwazi ukumondla. UBongani walibangisa eThekwini lapho aqala khona ukuhlala nezinye izingane ezazingondingasithebeni eTong Lok ibhilidi elidala elikuPoint Road eThekwini.
"Kwakungelula ukuphila ngaphandle kobugebengu kodwa ngathola ithuba lokufunda ukubhukuda," kusho uBongani.
Emva kokufunda ukubhukuda wafunda ukutshuza okungumdlalo ayethi "ngowabelungu."
Lo mdlalo wawuthanda zisuka njengoba kwenzeka nakwabamhlophe.
"Ngabona ukuthi ungumdlalo omnandi ngagcina sengiwudlala nsuku zonke ngaze ngakufunda kahle ukutshuza olwandle," kusho yena.
Emva kwempumelelo yakhe ekutshuzeni, uBongani wazama ukugwedla isikebhe kanti namuhla ubamba iqhaza emincintiswaneni yemijaho yamabanga amade yokugwedla izikebhe. Uyazama ukuheha abangani bakhe ukuba babe yingxenye yalo mdlalo kodwa uthi abawufuni ngoba "bajahe ukuthola imali ngokushesha."
Ubugebengu
U-Victor Ngema wafika eThekwini ngo-1996 emva kokushona kukamama wakhe.
"Ngangihlala nomalume eVryheid kodwa ngagcina sengihambile ngoba wayehlala ephuzile," kusho yena.
Wayeneminyaka engu-10 ngesikhathi efika eMdubane engenamali kanti naye wabona kungcono ukuba aphile ngobugebengu njengontanga yakhe ukuze athole imali yokudla.
"Ngangisebenzisa izidakamizwa ngikhuthuza ukuze ngithole imali - ngangibheda ngempela," kusho yena enikina ikhanda.
U-Victor wasebenza okwesikhashana esiza ezingadini kodwa wabuye waphindela ezitaladini. Wayekhokha u-R5 ngosuku ehlala ekhaya labangondingasithebeni eSouth Beach eThekwini.
"Akulula ukuthola imali ngendlela ehlelekile uma uhlala ezitaladini. Ngangigeza izimoto ukuze ngiziphilise kanti ngangenza lowo msebenzi ngesikhathi ngihlangana no-Alan owangifundisa ukutshuza olwandle," kusho yena.
"Manje sengiyazifela ngalo mdlalo kanti sengifundisa nabanye ukutshuza. Sengike ngafundela ukugwedla izikebhe, ukutshuza nokufundisa abatshuzi - ngaziphasa zonke lezo zifundo," kusho yena ngokuziqhenya.
UMusa Zwane wahamba eLadysmith ngo-1999 eneminyaka engu-12 ngoba umkhulu nogogo wakhe bengasakwazi ukumondla.
Amabombo wawabhekisa eThekwini enalokhu emqondweni: "Mhlawumbe ngizophila, mhlawumbe ngife."
E-Tong Lok lapho babehlala khona wahlangana noVictor wajoyina uhlelo lweLearn To Swim. Emva kwalokho wafundela ukutshuza. Ngokusho kwakhe, wayezoba ngumdlali webhola ukuba akafundelanga ukutshuza.
Umbono
Udaba lwabo luyafana - bashiya amakhaya bebancane bahlala ezitaladini, becela imali noma bentshontsha ukuze baziphilise, bebhema i-glue, besebenzisa izidakamizwa, befuna umsebenzi - kodwa babenombono owodwa: babefuna ukuphila impilo engcono basuke ezitaladini.
Indoda ebanike lelo thuba nebakhuthazayo ngu-Alan Wallace.
U-Victor, Bongani noMusa babegeza izimoto kanti u-Alan wayebalwa emakhasimendeni abo ababevame ukuwathola. Imoto yakhe wayeyipaka e-Addington igezwe yilaba bafana ayesebajwayele. Wayebuye abameme ukuba baye olwandle abafundise ukutshuza. Akuzange kuthathe isikhathi eside ukuthi bawuthande lo mdlalo.
Sekuphele iminyaka engaphezulu kwengu-30 u-Alan etshuza olwandle kanti wake waba yimenenja yezitolo ezidayisa izimpahla zokutshuza, waphatha isikole sabatshuzi esiseMhlanga wabuye waba yingxenye yezinhlelo zokuphephisa abatshuzi ngaphambi kokuba avule iShaka Surf Adventures ese-Addington eThekwini.
"Akukho okudlula ukuba nothando lwalo mdlalo. Lezi zinsizwa zazinogqozi lokuwudlala kodwa zidinga umuntu ozozifundisa wona kahle," kusho yena.
Ngesikhathi u-Alan ehlangana nazo, wazifundisa ngokuphepha emanzini nokutshuza.
Kwabuye kwengezwa izifundo zokugwedla izikebhe, teambuilding ne-diving instruction ezifundweni zabo. Namuhla bafundisa eShaka Surf Academy kanti sebeyakwazi nokukhokhela izindawo abahlala kuzona.
U-Alan uzimisele ngokusiza ezinye izingane ezihlala ezitaladini kodwa unenkinga yemali. "Kubiza u-R2 000 ngenyanga ukondla nokufundisa umuntu oyedwa," kusho yena eqhuba ethi eShaka Surf Academy badinga umuntu ozobaxhasa ngezimali.
"Izingane zivame ukufika zizoqala ukufunda kodwa sihluleke wukuzisiza ngezimali kanti ngenxa yalokho zigcina seziphindele ezitaladini nokuyinto ebuhlungu kakhulu leyo."
Kuyisifiso sika-Alan ukufundisa lezi zingane ukuze zikhuthalele ukusebenza ngokuzikhandla ziphucule impilo yazo.
Impumelelo yoBongani, Musa noVictor ifakazela ukuthi isifiso sakhe singafezeka: izingane ezihlala ezitaladini zigcine seziphiliswa wulwandle! [z]
BONA ZULU - September 2007
Babesezitaladini manje sebetshuza olwandle
KUSUKELA KWESOBUNXELE: NguVictor Ngema, Bongani Mathe noMusa Zwane kanye no-Alan Wallace.
BONA ZULU - September 2007
u
Ukutshuza olwandle
Ukutshuza kungumdlalo odlalwa olwandle kanti owudlalayo ugibela ebhodini athwalwe yigagasi elimkhiphela ngaphandle olwandle. Abatshuzi babuye batshuze beguqe ngamadolo noma balale ngezisu ebhodini elifishane, bagwedle izikebhe, basebenzise ne-surf skis (uhlobo lwesikebhe).
Ukutshuza kungumdlalo owaqalwa esiqhingini saseHawaii ngeminyaka yo-1700 uqalwa nguLt James King owabhala ngawo emibhalweni ayeyibhalela uKapteni uJames Cook.
Ukutshuza kubalulekile emasikweni aseHawaii. Amakhosi ayeqhakambisa ubuholi bawo ngokutshuza!
Iningi lamabhodi okutshuza asetshenziswa esikhathini samanje enziwe nge-polyurethane foam, kanti anokhuni ngaphezulu ukuze aqine kahle. Okuthofozelayo okufakwa kuwona kuqala kukhavwa ngendwangu ye-fibreglass egcotshwa nge-polyester resin. Lelo nalelo bhodi lipendwa kahle ukuze libe bushelelezi licwebezele. Emabhodini enziwe kamumva kusetshenziswa i-epoxy eqinile nelula kune-fibreglass.
Ezintweni ezisetshenziswa ekutshuzeni kukhona ibhodi, intambo (eboshelwa eqakaleni kumtshuzi ukuze azimelele ebhodini), i-wax eyenza ukuba izinyawo zomtshuzi zingasheleli, namaphiko afakwa ngaphansi ebhodini ukuze ligijime kakhulu libambelele egagasini.
t
BONA ZULU - September 2007
Namuhla bahlala emafulethini abo
NGENHLA: Babebhema i-glue manje sebetshuza ngezikebhe - ikusasa labo seliqhakazile.
NGEZANSI: AbeShaka Surf Adventure babuye bafundise nangokuphepha emanzini... nokutshuza ngezikebhe.
