zulu.3003.tattoo
isiKhumba
bayasibhala
indaba nezithombe nguKAREN LOTTER
KUBUKEKA engekho onolwazi ukuthi zingaki izitudyo zama-tattoo ezikhona lapha eSA noma mhlawumbe bangaki abantu abanama-tattoo - iqiniso wukuthi, lena yinto esesitayeleni. Njengamanje baya ngokwanda abantu abanama-tattoo.
Lokhu kwacaca ngesikhathi kune-African International Tattoo Fest yokuqala eyayibanjelwe e-Ocean Conference Centre eGolden Mile eThekwini nokuyilapho kwakunochwepheshe bama-tattoo bamazwe omhlaba abangu-10 nabangu-12 baseSA.
Igama elithi “Tattoo” lisuselwa kwelesiTahitian elithi “tatua,” elichaza “umaka.”
Umshini wokuqala wokwenza ama-tattoo wasungulwa nguMmelika uSamuel O’Reilly ngo-1890.
Lo mshini osasibhamu obanjwa ngesandla uxhunywa kugesi okuyiwo ohambisa izinaliti zosayizi abehlukene. Lo mshini ubuye ube ne-pedal yonyawo osebenza ngayo. Inaliti ingena esikhumbeni ifake u-dye izikhathi ezingu-3 000 ngomzuzu.
Inhlanzeko ibaluleke kabi uma umuntu enziwa i-tattoo. Kufanele kufakwe amagilavu kapulasitiki asetshenziswa kanye alahlwe ekhasimendeni ngalinye.
Kusetshenziswa o-inki abayisipesheli abafakwa ezinkomishini ezincane ezaziwa ngokuthi ama-“ink caps.” Izinaliti namashubhu kukhishwa ezikhwameni zokuqeda ubuthi bese zifakwa emshinini.
Izinaliti zihlanzwa ngamanzi anezithako ezibulala ubuthi.
Usiko
Eminyakeni engu-5 000 eyedlule abantu baseGibhithe babezibhala imizimba ngenhloso yokuzihlobisa. Kwathi ngeminyaka yo-2000 BC, nabantu baseChina baqala bazidweba imizimba yabo.
Ama-tattoo kade aba yingxenye ebalulekile yamasiko.
E-Borneo, abesimame babedweba imizimba yabo - kanti imidwebo eyayiba sezihlakaleni naseminweni babekholwa wukuthi ixosha izifo.
Emandulo eShayina, izigebengu zazibekwa uphawu lwezingcabo ezintathu esiphongweni. Amaqembu ezigelekeqe emhlabeni jikelele, asebenzisa ama-tattoo - ikakhulu emiqaleni noma ezandleni ngenhloso yokukhombisa ukuthi ngabaliphi iqembu.
Ifeshini
UNtando Kunene ngumama waseMlazi wezingane ezimbili oneminyaka eko-30 onebhizinisi lokuthuthukisa ukuthengiswa kwemikhiqizo. Ngesikhathi simbuza ukuthi angayenza yini i-tattoo emzimbeni wakhe wathi: “Ngingayenza, anginankinga ngayo - into engiyesabayo wubuhlungu.”
Iningi labangani bakhe ngokusho kwakhe banama-tattoo. “Angicabangi ukuthi kukhona into embi emphakathini ngama-tattoo, kodwa ayingxenye yefeshini.”
UShaun Cele waseGoli wayekwi-African International Tattoo Fest eThekwini ngenhloso yokuzobheka i-tattoo elandelayo azoyenza.
Unawo amanye engalweni nasesifubeni. “Lawa ngawenziwa eZimbabwe. Njengamanje sengicabanga ukuba ngenze azogcwala ingalo yami yonke,” kusho kuchaza yena.
Njengoba ama-tattoo esefeshinini - into ephambili kubantu wukuthi bazokwenza angama-design anjani.[z]
Yisikhathi se-tattoo
KWESOBUNXELE: UShaun Cele uyaziqhenya ngemidwebo yezobuciko esemzimbeni wakhe.
NGEZANSI KWESOBUNXELE: I-design egqamisa okobuhlanga.
Phezu kobuhlungu obuhambisana nama-tattoo - kodwa asesitayeleni…
Isebenza kanjani?
l Step 1: Khetha i-design oyifunayo.
I-design ye-tattoo ikhombisa ngokusobala umsebenzi omuhle wezobuciko kusukela ezimpawini ezithile noma ezinhlamvini zamagama noma ama-cartoon. Uzikhethela owathandayo.
l Step 2: Ukugezwa nokushefwa.
Indawo okhethele ukuyokwenzela kuyo i-tattoo kufanele kube yindawo ehlanzekile ejwayele ukuba ibe ne-rubbing alcohol. Endaweni okuzobhalwa kuyo i-tattoo kufanele ushefwe nge-razer esetshenziswa kanye ilahlwe.
l Step 3: Kuyadwetshwa kuqala.
Iningi lochwepheshe bokwenza ama-tattoo lisebenzisa isiqedaphunga se-stick ukwenza i-design ibonakale kangcono esikhumbeni sakho. Kuthi lapho iphepha lisuswa, kusale i-design e-purple ngoku-blue.
l Step 4: Ukudwetshwa ngaphandle.
Kuqale kudwetshwe ngaphandle ngombala omnyama. Izinaliti zishiya u-dye kwi-layer yesibili yesikhumba. Umzuzu wokuqala yiwona ozokunika ubunzima. Emva kwalokho isikhumba sakho sizojwayela nakuba sizokuba ndikindiki ngesikhathi kuqedelwa ukuhlanganisa i-tattoo ngaphandle.
l Step 5: Ukufakelwa kwemibala.
Kuthi lapho isidwetshiwe ngaphandle i-tattoo, bese ongumdwebi wayo exhuma i-shader needle bar emshinini we-tattoo kube nguye futhi olawula ukuhamba komshini esikhumbeni nokufakwa kwemibala.
