ZULU.3002.free
BONA ZULU – April 2006
30 AMAHAMPA
Ama-movie aphambili
Isihlabani somculo we-hip hop uCurtis “50 cent” Jackson udlala emdlalweni othi Get Rich Or Die Tryin’, okungumdlalo omayelana nengane ehlala ezitaladini eshiya phansi umsebenzi wokudayisa izidaka-mizwa isiyoba wumculi we-rap.
UBONA uphisana ngama-hampa angu-15 eGet Rich Or Die Tryin’ abiza R40 iyinye. Ihampa ngayinye ine-beanie, iT-shirt ne-oster. Ukuze uzibeke ethubeni lokutonyulwa kowenhlanhla, bhala igama lakho, ikheli nenombolo yocingo otholakala kuyona emini kwi-postcard uyithumele kuleli kheli: BONA/Get Rich Or Die Tryin’ Giveaway, Box 32067, Mobeni, 4060.
KwiLast Holiday, uQueen Latifah ongumabhalane uthatha iholidi ulibangisa e-Europe. Ngesikhathi ehleli ehhotela kukhona ukushayisana kwakhe nabaphathi nabasebenzi.
UBONA unamahampa angu-15 eLast Holiday enani likaR174 iyinye. Ihampa ngayinye inekhamera oyisebenzisa uyilahle ne-poster. Ukuze uzibeke ethubeni bhala igama lakho, ikheli nenombolo yocingo otholakala kuyona ngezikhathi zasemini kuleli kheli: BONA/Last Holiday Giveaway, Box 32067, Mobeni, 4060.
Imititilizo
10 AMAHAMPA
Okwezingane
Noma yimuphi umama uhlale efunela ingane yakhe okuphambili. I-Krayons Skin Nourishing Baby Body Milk entsha iqukethe i-oat lipids nobisi okwenza isikhumba sondleke. Ayinamafutha, iyaswakamisa kanti iyashesha ukungena esikhumbeni futhi ayiyona ingozi esikhumbeni somntwana.
Ukuze uzibeke ethubeni lokuwina eyodwa yamahampa amaKrayons angu-10 enani likaR400 iyinye, thumela igama lakho, ikheli nenombolo yocingo otholakala kuyona ngezikhathi zasemini kwipostcard kuleli kheli: BONA/Krayons Giveaway,
Box 32067, Mobeni, 4060.
25 AMAHAMPA
Okwezinwele okuphambili
I-Hair Success Frizz Treatment Serum yakwaPalmer’s yenza izinwele zakho zicwebezele zibe bushelelezi. Iqukethe uVitamin E, aloe vera nesivikeli selanga.
I-Olive Oil Formula ithambisa izinwele izenze zibukeke kahle, iziqinise izivikele kanti inoVitamin A, B, no-E.
I-Olive Oil For Braids, etholakala nge-spray iswakamisa izinwele ezomile yenze ama-braids athambe acwebezele kanti iqukethe uVitamin A, B, no-E.
UBONA uphisana ngama-toilet bag akwaPalmer’s angu-25 abiza R160 iyinye aqukethe imikhiqizo emithathu. Ukuze uzibeke ethubeni, bhala igama lakho, ikheli nenombolo yocingo otholakala kuyona emini kwi-postcard kuleli kheli: BONA/Palmer’s Giveaway, Box 32067, Mobeni, 4060.
Kuvalwa mhlaka:
28 April 2006
25 AMAHAMPA
I-One Coat
I-One Coat Nourishing Mascara yakwa-Almay uyigcoba kanye isebenze ngokuphindwe kathathu.
I-Exclusive Triple Action gel formula ikwenza ubukeke kahle namashiya akho agqame kanti i-aloe noVitamin B5 kuwenza athambe. I-One Coat Nourishing Mascara itholakala ngeBlack, Blackened Brown noBlackest Black. UBONA uphisana ngamahampa angu-25 abiza R160 iyinye. Ihampa ngayinye inama-shades ale-mascara eyisimanga. Ukuzibeka ethubeni lokuthola eyodwa, thumela igama lakho, ikheli nenombolo yocingo otholakala kuyona emini kwi-postcard uyithumele kuleli kheli: BONA/Almay Giveaway, Box 32067, Mobeni, 4060. [z]
Izipho ZikaR15 600
BONA – August 2005
