zulu.3001.home affairs
Banesibindi –
Ezithinta inhliziyo
UBRENDA NGXOLI noMasello Motana kuningi okubakhubazile ezimpilweni zabo ngenxa yezindawo zabesimame abazidlalayo emdlalweni weTV iHome Affairs.
UBrenda (25) wakhuliswa wumama yedwa eCape Town, kanti wathola iziqu ze-drama emva kwalokho wasebenza njengomethuli wezinhlelo zeTV eGoli.
“Ngayekiswa emva kwezinyanga ezimbalwa ngahamba ngabuyela kumama ekhaya. Lokhu kwangiqeda ithemba,” kusho kukhumbula yena.
“Ngazibona njengesahluleki. Kwakunzima ikakhulu kumama wami owayengumsizi wasezindlini owayebeke amathemba akhe kimi engisiza nangemali.
“Ngesikhathi ngenza ama-auditions okugcina omdlalo iTsha Tsha, ngangisakhathazekile.
“Ngenhlanhla nganikwa indawo kaMimi nokuyiyonanto eyashintsha impilo yami.”
UBrenda Ngxoli wenza umnini wesaluni kwiTsha Tsha waba yintandokazi kubabukeli beTV.
Ungomunye futhi osezikhangisweni zePolka zama-cellphone nokuyilapho ezwakala ethi “Seer-ree-us!”.
UVuyo yena wehluke kakhulu kulokhu.
“Kade ngangithandazela ukuthola indawo enjena,” kusho uBrenda ngendawo yakhe ayidlala kwiHome Affairs.
“Uyi-tomboy engazimisele ukuphila nokukhathazeka emva kokudlwengulwa iqulu labantu.
“Ukuthukuthela kwakhe ukusebenzisela ukuya phambili.
“Ngisho ngabe kwenzekani kuyena, ubuya esenamandla kakhulu.
“Akazange alilahle ithemba lamaphupho akhe.”
UMASELLO indawo ayidlalayo kaNtombi wayithatha kuBonnie Mbuli Henna.
Ochungeni lokuqala uNtombi wayengumsebenzi wasemabhanoyini owayethanda impilo ephambili kanti washiya umsebenzi wakhe emva kokuthandana nomgibeli owayecebile.
“UBonnie ngomunye wabadlali bethu abaphambili kanti wakhela uNtombi elikhulu igama ochungeni lokuqala lweHome Affairs,” kusho uMasello.
“Ngiyamazi uBonnie, kodwa futhi ngenza ngamabomu ukungaceli iseluleko sakhe ngoba ngizimisele ukudlala indawo kaNtombi ngendlela yami.”
Indaba kaNtombi izoshintsha emva kokushada nosomabhizinisi onguRemi endaweni yabadla izambane likapondo eGoli.
Impilo yale ntokazi ishayisana kakhulu nekaMasello eGoli nokuyilapho afika khona eneminyaka engu-16 ephuma ePotchefstroom High, ngokushesha waqala wahaya izinkondlo wacula emakilabhini eNewton naseYeoville ukuze akwazi ukukhokha irenti.
Ngesizini yokuqala uBonnie wayeshaye ama-extensions amahle enguNtombi. UMasello wakushintsha ukubukeka kwezinwele zikaNtombi zabukeka njengezendalo nakuba esayifaka i-make-up nezingubo zikanokusho.
“Ngiyabazi abesimame abafana noNtombi, abanezimoto, abasebenza kahle abahlala emizini kanokusho emadolobheni, kodwa abangenakho ukuthokoza,” kusho yena.
“Impilo yakhe ayifani neyami, kungakho ngikuthanda ukudlala indawo yakhe. Imnandi kanti ifinyelela nakulabo babukeli abangazange bangibone ngidlala indawo yentatheli emdlalweni Isidingo.” [z]
BONA ZULU – August 2006
Bazabalazela ukuphila
UBrenda noMasello emdlalweni iHome Affairs…
KWESOBUNXELE: “Ngakukhulekela ukudlala indawo enje,” kusho uBrenda ngendawo ayidlalayo kwiHome Affairs.
KWESISHUTHEKIWE: UBrenda enguVuyo.
indaba nguDOUG GORDON
BONA ZULU – August 2006
KWESOBUNXELE: “Lena iyona ndawo yami engcono kwiTV okwamanje okufanele ngiyidlale ngendlela yami,” kusho uMasello ngendawo kaNtombi.
KWESISHUTHEKIWE: UMasello edlala indawo kaNtombi.
