zulu.3000.andile
BONA ZULU - October 2007
"Uhlelo lwami lokusiza abafundi ngizolusabalalisa ngokuthatha izingane zasemadolobheni ezihlukumezekile ziye endaweni enokuthula ukuze zisizakale," kusho u-Andile.
Usiza ekwelapheni abakhathazekile
Waqala ngokucula i-kwaito sambona kwiKhumbul'eKhaya, u-Andile Carelse uyadlondlobala - kanti ufuna ukukhula neSouth Africa
indaba nguPATRICIA McCRACKEN
USAHLABE ikhefu u-Andile Gaelesewe Carelse ohlelweni lwakhe olwalukuSABC1 olwaluthi Khumbul'eKhaya nolwaba yintandokazi kubabukeli kangangoba usathola indathane yezincwadi zabo. Lo nyaka uthi umphathe kahle.
Uma esekhaya uchitha isikhathi sakhe elungisa ingadi. Ezinyangeni ezimbalwa ezidlule wakhuthazwa yinsizwa yaseMozambique eshaya isiginci eyayitshale ummbila, iklabishi nezinye izitshalo ekhaya layo eYeoville.
Kwathi emva kokuba sekumile isivuno sokuqala sezitshalo ezinjengekhabe nesipinashi engadini yakhe eYeoville, u-Andile nomyeni wakhe u-Udo we-e-tv bavakashela eMozambique. Lolo hambo lwamvula amehlo kakhulu kunakuqala.
"ElaseMozambique yizwe eligajwe wukuhlupheka nobuphofu kodwa abantu bakhona bayazi ukuthi bangaziphilisa ngokutshala," kusho u-Andile.
"Banezindawo ezidayisa izithelo ezinhle kabi kanti badayisa abasuke bezitshalele kona ezingadini zabo.
"ElaseMozambique lihlushwa yizikhukhula neHIV/AIDS kodwa abantu bakhona bazondla ngokudla okufreshi abazitshalela kona bondle nabanye.
"Abantu baseSouth Africa bathembela kakhulu emaphaketheni okudla okudala.
"Baningi abantu abahlushwa wubuphofu kanti abaningi abakwazi ukusebenza ngenxa yeHIV/AIDS - kodwa bangakwazi ukutshala ama-veg anjengotamatisi neklabishi ezingadini."
Ukuxhasa
U-Andile uyalwazi usizi olubhekene nabagulayo njengoba ekanye nosaziwayo abanjengoSibongile Khumalo noMarks Maponyane ohlelweni lokuxhasa abaneHIV/AIDS.
"Sike sichithe usuku nomuntu one-AIDS kufike nomakhelwane bakhe ukuze abone ukuthi uyathandwa."
Ngolunye usuku u-Andile waphatheka kabi emva kokuba efike ekhaya lenye indoda yase-Alexandra.
"Abasebenzi bezempilo babesanda kuqeda ukuyigeza kanti kwathi lapho sisakhuluma nayo yathi ihalela u-cucumber.
"Lokho kwawuphula kakhulu umoya wami. Umndeni wayo wawungenayo imali yokuwuthenga kanti ave kulula ukuwutshala."
Izithelo
U-Andile uyaluthanda uhlelo luka-Al Gore owayeyisekela likamongameli waseMelika oluthi An Inconvenient Truth kanti usemkhankasweni wokunxenxa uMnyango wezoLimo eSA ukuba ube nosuku lomphakathi eSoweto - "Imizamo yami ayikaphumeleli namanje," kusho yena.
Kodwa le ntokazi ehehwe wuhlelo lwaseCalifornia lokutshalwa kwezihlahla zezithelo ngeke iphumule isifiso sayo singakafezeki.
"Ngiyothokoza kakhulu mhla ngabona bonke abantu belime izithelo nemifino ezingadini zabo. Uma abantu bengafunda ukuzitshalela, akekho ongantshontsha izitshalo zomunye ukuze azidle noma azidayise," kusho u-Andile.
Imbewu ayibizi neze ngokusho kuka-Andile. Okudingekayo abantu abazokhuthala banakekele izitshalo.
"Ubani ongathi abekho abantu abangakwenza lokho" Uma sonke sibhukula, singaliguqula izwe lethu.
"Ukwakha ikusasa lethu akuncikile kuhulumeni ukuba avule amathuba emisebenzi kodwa kufanele abantu bazakhele bona isithunzi ngokuzakha bazenzele."
Uyayazi u-Andile into akhuluma ngayo njengoba naye avuka wazithatha emva kokuhlukunyezwa ngokocansi.
Ukuhlu-kunyezwa
"Eminyakeni eyisithupha edlule ngaphumela ngezinto ezangehlela kubandakanya nokudlwengulwa kwami ubaba ngineminyaka engu-11. Ngaleso sikhathi udaba lokudlwengulwa kukaBaby Thabang lwalusematheni. Ngazila ukudla ngakhuleka ngesinqumo engangisithathile. Ngatshela umama ngoba udaba wayezosuke aluzwe emsakazweni.
"Ngazama ukuxhumana nomama owayeseshade nobaba nodadewethu ozalwa ngubaba kulowo mama kodwa sangabonana. Kungiphatha kabi ukuthi asibonananga nodadewethu - ngicabanga ukuthi wayeneminyaka engu-9 noma engu-10 ngaleso sikhathi," kusho u-Andile.
Njengomethuli wohlelo oluhlanganisa imindeni luyisize ekuxazululeni izinkinga zayo, u-Andile uyazi ukuthi kusemqoka kangakanani ukuthi alungise isimo kowakubo umndeni.
"Ngiyathanda ukuxhumana nabo ngizwe ukuthi banjani - kodwa angifuni ukubona ubaba. Sengikudlulisile akwenza kimina.
"Ngeke ngizihluphe ngokumfuna kodwa uma kwenzeka sihlangana, ngiyobhekana naleso simo ngaleso sikhathi. UNkulunkulu usengiphe omunye ubaba oshade nomama - sizwana kahle naye."
U-Andile wazama ukukhohlwa okwamehlela ngokuthi enze into ezosiza abantu abahlukumezeke ngokomoya nangokwenyama.
Wavula inkundla yokululeka abalaleli kwiYFM. Leyo nkundla yazala iKhumbul'eKhaya uhlelo olwaba nesasasa elikhulu ayezolwethula kwiTV olwasungulwa yi-Urban Brew inkampani ephrojusa izinhlelo.
Uhlelo olunamandla
"Abanye abantu kwabamangaza ukuthi ngiyeke ukucula nokusakaza kwiYFM ngiye kwiTV. Kodwa ngeTV kulula ukufinyelela kubantu. Ngiyakwazi ukubhala amazwi ami ngiveze imibono yami ngohlelo lwami.
"Ngayo abantu baseSouth Africa bakwazi ukubona ukuthi akubona bodwa abanenkinga. Ababukeli kufanele babone ukuthi abanye abantu baphila mpiloni."
Ngisho noma ngabe inkinga u-Andile asuke ezama ukuyixazulula ingaba nesiphetho esibi uyakulwela ukuthi iqiniso livele - njengodaba lomculi we-jazz owazama ukubuyela eSouth Africa kodwa wangakwazi ukwakha ubudlelwane obuhle phakathi kwakhe nendodakazi yakhe; nomqwayizi oneHIV owaxhumana nomama wakhe kodwa wabuye waphindela ezenzweni zakhe ezimbi.
U-Andile unombono wokuba nohlelo lokuxhumana nentsha kulo lonke elase-Africa kwiMTV Base oluzogxila ezihlokweni ezithinta izidakamizwa, iHIV nokuphila impilo enezithelo ezinhle.
"Intsha kulo lonke elase-Africa ibhekene nalezi zinkinga. Ngifuna ukuyisiza ngoba okusemqoka kimina wukuthi umbukeli abukele uhlelo lweTV oluzomhlomisa."
Amandla
U-Andile, ubuye abe ngumlawuli we-Open Disclosure, inhlangano egxile ekunikeni intsha isibindi sokukhuluma ezikoleni nasemphakathini ngobugebengu, ngodlame, ngezidakamizwa nangokuhlukunyezwa ngokocansi.
Akuhlosile ngempilo yakhe kuzwakala ngisho noma esephawula ngomhlaba awuthenge eMozambique.
Kulezo zinhloso zakhe wesekwa nangumyeni wakhe u-Udo ahlangana naye ngesikhathi besasebenza kwiYFM. Bavame ukuvakasha uma ithuba libavumela kanti nemibono yabo iyafana.
"Ngikholwa wukuthi uNkulunkulu usihlanganisa nabantu esizozwana nabo ngemibono," kusho yena ephawula ngomyeni wakhe. "Kusemqoka ukuthi nibe nemibono efanayo ngempilo uma nishadile."
"Sifuna ukwakha umuzi eMozambique sithathe abafundi abambalwa sibavakashise khona isonto lonke. Ngifuna bafunde ukudlala nokuxazulula izinkinga abahlangabezana nazo emakhaya bekude namakhaya abo. ElaseMozambique lakhelene neGoli kuneTheku kanti ukuvakashela kwentsha kwelinye izwe kungayifundisa ngokubaluleka kokungabacwasi abantu bakwamanye amazwe."
Wakhulumela phansi ngesikhathi esethi: "Umphako engifuna ukubaphathisa wona owokuthi empilweni kukhona ongakwenza ukuze uphume esimweni okusona ungenamyocu.
Kukuwena ukuthi isimo obhekene naso usamukela kanjani."
"Ngangineminyaka eyisishiyagalombili ngesikhathi ngitshala isihlahla sompetshisi engadini kagogo wami eMeadowlands. Ngangivame ukusichelela ngenkomishi yamanzi nsuku zonke.
"Ugogo wayethukuthela kabi uma abafana esasakhelene nabo beqa ucingo okwakubiywe ngalo bentshontsha izithelo kuleso sihlahla.
"Leso sihlahla sesisikhulu manje kanti akekho ongasithandi ngoba sibanika umthunzi."
Ngamazwi akhe uqonde ukuthi qhubeka ukhule ngoba ngelinye ilanga uyomangaza abaningi. Uneminyaka engu-33 kanti useyakulangazelela ukuthola abantwana.
"Uthando lwethu lwakhula sisafundana. Manje ngibona kufanele ukuba sithole abantwana - ngivame ukubona abesimame abakhulelwe nezingane ezizelwe!"
U-Andile akazi ukuthi uyokhulelwa nini ngoba leyo ngxenye yokukhula kwakhe incike kwakuphathelwe yimvelo. [z]
uhlwayela imbewu yethemba
BONA ZULU - October 2007
"Ingadi yami izobukeka kahle - ngizotshala izithelo nama-veg," kusho u-Andile Carelse.
u
t
Usiza ekwelapheni abakhathazekile
BONA ZULU - October 2007
"Kufanele sitshale izihlahla eziningi - ezihlahleni sizothola umthunzi nezithelo," kusho u-Andile.
