zulu.2.left-handed
BONA - August 2005
MANINGI amazinga ehlukene okusebenzisa isandla sobunxele, kodwa ingane ithathwa njengenxele uma isebenzisa isandla sobunxele ekubhaleni, ekudleni noma ekuphonseni ibhola kanjalo nasekuxubheni amazinyo, ukukama izinwele noma ukuphakamisa isandla ekilasini.
Ukuba yinxele kusho futhi ukusebenzisa iso lobunxele lapho ubuka kwi-telescope noma kwikhamera, noma ukusebenzisa indlebe yesobunxele lapho ukhuluma nocingo.
Abanye abantu bangasebenzisa izandla zombili ngokulingana kanti baziwa ngokuthi amaphatha.
Kungani sizalwa singamanxele"
Kuseyindida ukuthi kungani amaphesenti angu-15 abantu emhlabeni azalwa engamanxele. Ukuba yinxele yinto ehamba idlulele ezizukulwaneni kanti ngokuvamile abazali ababili abangamanxele baba nezingane ezisebenzisa izandla zakwesokudla.
Amawele afana ncamashi kungenzeka azalwe elilodwa lisebenzisa isandla sobunxele, kuthi elinye lisebenzise esokudla. Maningi ngokuphindwe kabili amanxele esilisa kunawesimame.
Ngabe izingane ezingamanxele kufanele zikhuthazwe ukusebenzisa izandla zazo zakwesokudla"
Cha, akufanele nakancane. Lokhu kungukuhlukumeza umntwana.
Okufanele abazali bengane eyinxele bakwazi
Izingane ezingamanxele zivame ukuthathwa njengabantu abangamadlabha. Ngisho nemisebenzi elula efana nokusebenzisa i-tin opener, i-pencil sharpener, isikele noma ummbese, yizinto eziba nzima kumuntu oyinxele. Ukufasa izintambo zesicathulo noma uthayi kufanele kufundiswe ngesikhathi ubheke ingane.
Okufanele kwaziwe othisha
Enye yezingqinamba ezinkulu zomuntu oyinxele wukufunda ukubhala. Akuphelele ukuba izingane ezingamanxele zivunyelwe ukubhala ngezandla zazo zobunxele, kufanele zifundiswe ukuthi kubhalwa kanjani. Ziye zizizwe zinethezekile uma zihleli imizimba yazo ziyibhekise kancane ngakwesokudla, iphepha zilibeke laba ngakwesobunxele latshekela ngakwesokudla. Ipeni kufanele libanjelwe kude kunelomuntu osebenzisa esokudla ukuze ingane ikwazi ukubona okubhalwayo.
Izikele ziyindida kwabangamanxele ngoba abawuboni ulayini okufanele isikele sihambe kuwo, kwenze kube nzima ukusika into eqondile. Izikele zabangamanxele zingathengwa noma zi-odwe ezitolo zabasiki bengqephu.
Ukunitha kufanele ukufundise ingane ngesikhathi uyibhekile, ukuze okwenzayo kuzokuba sengathi ikubona esibukweni. Izingane ezingamanxele zingathunga kusuka ngakwesobunxele. Imishini yokuthunga nayo yenzelwe abantu abasebenzisa izandla zesokudla.
Amanye amathuluzi enzelwe abantu abasebenzisa izandla zokudla kanti kokunye anama-switch abekelwe ukusetshenziswa yilabo abangamanxele.
Abazali nothisha kufanele bazazi izinkinga zengane eyinxele kodwa futhi akufanele lokho kubakhathaze. Izindaba ezinhle ngezokuthi izingane ezingamanxele zikwazi kahle kakhulu ukuzinikela ekufundeni.[z]
BONA ZULU - October 2006
Kungani kukuhle ukuba yinxele
Okufanele abazali nothisha bakwazi
indaba nguLYDIA LUTHULI
isithombe ngabeGREAT STOCK !
Into yokugcina ofuna ukuyenza wukuphoqa ingane yakho eyinxele ukuba isebenzise isandla sayo sokudla...
BONA - August 2005
