zulu.2999.legless man
Kungani kubalulekile ukungalilahli ithemba
Uhambela phezulu!
indaba nguDAVID MACGREGOR
izithombe ngabe @LIVEWIRE MEDIA
URAYMOND NAKO namanje usakhumbula ukuthi wayethokoze kanjani eminyakeni engu-40 eyedlule eqashwa emayini yamalahle eNewcastle. Imisebenzi yayenqabile eMount Coke budebuduze nase-East London kanti njengabo bonke abesilisa bakule ndawo, uRaymond naye kwadingeka ukuba ashiye abomndeni wakhe ayosebenza kude ababone kanye ngoKhisimusi.
Kwakunzima besebenza amahora angu-12 ngelanga, izinsuku eziyisithupha esontweni, ehola R3 ngenyanga kodwa ekwazi ukondla unkosikazi nezingane ekhaya.
Ngo-1968 walimala engozini yasezimayini wanqamuka imilenze...
"Ngangineminyaka engu-25 ngisabheke lukhulu empilweni. Kodwa konke kwashintsha ngesikhathi ingolovane ingicindezela imilenze kwaze kwadingeka ukuba inqunywe yomibili."
Wahlala isikhashana esibhedlela ukuze ajwayele impilo entsha yokusebenzisa imilenze 'emisha'. Emva kwalokho wabuyiselwa emndenini wakhe. Ngokulimala kwakhe wanxeshezelwa ngesamba semali engu-R969,36 wathola nempesheni yeminyaka emithathu. "Ngasuka ekhaya ngiya ezimayini ngimude nginemilenze kodwa kwathi lapho ngibuyela khona ngabe sengimfishane ngingenamilenze," kusho uRaymond. "Kwakunzima ngizama ukuhamba futhi nempilo inzima emndenini wonke, kodwa angililahlanga ithemba."
Wasebenzisa enye imali ukulungisa umuzi wakhe wase eqala ukusebenza nsuku zonke engadini yama-vegetable aziqalela yona egcekeni lakhe.
Kodwa emva kweminyaka emithathu konke kwaqala konakala ngesikhathi umkakhe epakisha izimpahla zakhe ehamba nezingane ekhaya - emva kancane kokuba uRaymond ethole impesheni yakhe yokugcina eyayingu-R12 ngo-1971.
"Ukuphela kwemali yami kwasho ukuphela komndeni wami," kusho uRaymond.
MADUZE-NJE usanda kuthola imilenze yokufakelwa - ekwazi nokusitha leyo eyanqamuka. Isimo sasingesibi kakhulu njengoba uRaymond wayesenawo umuzi wakhe, ingadi yama-vegetable kanti wayesekhona ugogo wakhe owayegula nokunguyena muntu ababezihlalela naye.
Ngo-1984, ugogo wakhe wedlula emhlabeni kwadingeka ukuba yena ahlale yedwa endlini eyabe isiwa. Eminyakeni engu-21 eyalandela wahlala yedwa - kodwa futhi wenqaba ukulahla ithemba.
"Njalo ngangihlale ngikhulekela ukuba kwenzeke imilingo yokuba ngiphinde ngikwazi ukuhamba nokuyinto ebingiphilisa yonke le minyaka."
Emva kweminyaka engu-37 yosizi, amaphupho kaNako afezeka ngo-August kulo nyaka ngesikhathi endiziswa eyiswa eGoli eyofakelwa imilenze ebiza R110 000.
URaymond yindoda ebihamba ngayo imilenze emifishane iye esontweni ngisho ngabe liyana noma libalele. Omunye wabazalwane akhonza nabo waxoxela omunye wabasebenzi bezokuxhunywa kwezingalo nemilenze i-Amputee Club Of South Africa ngosizi lukaRaymond.
SELOKHU le nhlangano yasungulwa eminyakeni emithathu eyedlule, isisize abantu abangaphezu kuka-2 000 kulo lonke elomzansi Africa.
URaymond wavakashelwa nguCharl Beukes ongumgcini-mafa wabe-Amputee Club eMount Coke ngoNovember 2004.
"Nakuba wayengenalutho nendlu yakhe idilika, kodwa wayenethemba lempilo engcono," kusho kukhumbula uBeukes.
"Wayenezandla zakhe nomqondo kanti ngaphandle kokuhlala emphakathini ontulayo kodwa wayezama ukuziphilisa ngokusebenza engadini yakhe yama-vegetable."
Wandiziswa waya eGoli ngo-August kulo nyaka eyofakelwa imilenze emisha nokwaba ngokokuqala ngqa empilweni yakhe eminyakeni engu-40 ukuba ake aphumele ngaphandle kwendawo ahlala kuyona. Wayengubude obungange-metre.
Emva kwamasonto amabili, wabuyela ekhaya wafika kunabantu abaningi sebemlungiselele elikhulu idili ehambela phezulu eshaye namateku amasha amhlophe.
Ngesikhathi ehla ebhanoyini e-East London ngelanga lasehlobo kwaba khona izinyembezi zenjabulo abangani nabomndeni bemjabulela. URaymond naye owayethokozile wabamba izinduku zakhe zokuhamba wazibhekisa phezulu wathi: "Ngimude, ngimnyama ngimuhle manje. Umhlaba wonke ngowami."
NGESIKHATHI uRaymond engekho ekhaya lakhe, uBeukes waya kuma-agents ezindlu e-East London eyobuza ukuthi angasiza yini ngokuvuselela umuzi kaNako.
"Angizange ngiwakholwe amehlo ami. Ngangicabanga ukuthi sifike endaweni okungesiyo. Umuzi omusha ohambisana nemilenze yami," kusho uRaymond.
Leyo milenze yenziwe nge-titanium, kanti uNako wakhetha "isikhumba" esithambile esinsundu - "esifana nesoqobo".
Amehlo akhe avele aqhakaza ngesikhathi owesimame wendawo eqonda kuye ezozithintela mathupha imilenze yakhe. Emva kwalokho kwalandela abaningi befuna ukuzithintela imilenze yakhe. Kwaqhuma olukhulu uhleko ngesikhathi ethi uthokoza kakhulu ukuthola imilenze, "kodwa manje sengethemba ukuthi kuzoba khona uNkk Nako eduze kwami ngokushesha."
Ekugcineni wakwazi ukuba aphinde abonane nomfowabo uMnyekeni cishe emva kweminyaka engu-40 nokuyilapho uNako wahlengezela izinyembezi ngesikhathi umfowabo ebuza ethi: "Ngabe nguwe ngempela mfowethu Raymond""
Nakuba ekuqaleni wayekwesaba ukundiza ngebhanoyi, uRaymond waphinde wahamba ngalo eya eGoli emva kancane kokubuyela kwakhe ekhaya - ngenhloso yokuyosiza akhuthaze abanye nokuyokwazisa umphakathi nge-Amputee Club.
Into ayikhumbula uma engekho ekhaya, yingadi yakhe yama-vegetable.
"Izingane zami azibanga nandaba nami. Yingadi yami kuphela eyaba ngumndeni wami. Mhlawumbe nalokho kuzoshintsha njengamanje."[z]
@LiveWire Media
BONA ZULU - December 2005
UKhisimusi usheshe wafika kule nsizwa endala eyalahlekelwa imilenze yomibili engozini yasezimayini nosekuphele iminyaka engu-37 ihamba ngemilenze enqamukile...
KWESOBUNXELE: Abangani baRaymond bethokozela ukubuya kwakhe ekhaya. Abanaye nguCharl Beukes wabe-Amputee Club.
NGENHLA: Izinto zazi-nje ngaphambi "kwemilingo" - nakuba impilo kaRaymond isishintshile, kodwa usayithanda ingadi yakhe yama-vegetable.
KWESOKUDLA: Imilenze emisha isho impilo entsha kuRaymond.
BONA ZULU - December 2005
u
BONA ZULU - December 2005
t
"Angiwakholwanga amehlo ami."
NGENHLA: Imilenze emisha kaRaymond yenziwe nge-titanium embozwe ngesikhumba esinsundu - kanti izintokazi ziyathanda ukuyithintathinta.
