zulu.2993.scandal
indaba nguDOUG GORDON
UThandeka akabhe-delwa!
UNthati usuke kwiHome Affairs waya kwiScandal - waba ngowesimame ongenasimilo!
EMVA kweminyaka engu-12 ezakhela udumo kwezamafilimu, uNthati Moshesh namanje usahamba ngemoto encane kanti nalapho ehlala khona eGoli ukhokha irenti. Indawo yakamumva asanda kuyidlala kwiScandal - ibukeka izomlethela udumo.
Ayikho into edonsa amehlo ababukeli kunowesimame ongenasimilo. "Yithuba lami lokuqala lokudlala indawo yowesimame ongenasimilo kwiTV, ngakhoke ngifuna ukulisebenzisa ngempela," kusho kwethembisa uNthati odlala indawo yowesimame ongusomabhizinisi uMo Molefe.
UNthati uphawule wathi: "UMo uvula kule ndawo njenge-consultant esebenza ngobukhulu ubuchwepheshe. Kodwa izinhlelo zakhe ezicashile zingadala umsindo."
UNthati uthanda ukudlala emafilimini - ukuba kuma-soapi yinto ayenza ngoba ezithokozisa.
Washiya phansi umsebenzi wakhe wokuqala wokudlala kuma-soapi emdlalweni othi Egoli eyokwenza i-movie ethi The Long Run - emayelana nowesimame owayegijima kwiComrades Marathon - nokumanje isakhonjiswa kumaTV emhlabeni jikelele.
Ngo-2002 washiya phansi kwi-7de Laan engasathandi ukudlala indawo kadokotela. "Uma kungasangithokozisi ukuvuka ngiye emsebenzini, ngishiya phansi," kusho yena.
UMO MOLEFE wehluke kakhulu kunempilo kaNthati yoqobo.
"Ngingumuntu ozithobile, ongumama ongayedwana ongakukhonzile ukuya emicimbini.
"Ngizihambela ngemoto encane, kanti imali yami ngiyibekela ukufundisa indodana yami uSabelo. Angigqoki izingubo zikanokusho.
"Ngesikhathi ngihambele umcimbi wemiklomelo yezengqephu maduze-nje ngangizigqokele izingubo cishe ezingabiza R1 000 sezizonke."
Abalandeli ahlangana nabo bambiza ngo "Thandeka" - umlingiswa amdlala kwiHome Affairs ngaphambi kwalena entsha yomdlalo iScandal.
UThandeka abomndeni wakhe bamphuca ingane esemncane, kodwa wathola impilo yakhe entsha njengomphathi wenhlangano ezimele (NGO).
Ngo-2006 waphinde wahlangana nendodakazi yakhe eyabe isikhulile uKatleho (Lerato Moloisane) nokuyinto eyashiya ababukeli besimame bekhala izinyembezi.
Umsebenzi kaNthati ugqilaza kangangoba uzithola sekudingeka ukuba ahlanganyele noLerato emicimbini yomphakathi.
KUTHENJWA ukuthi abalandeli bakhe basazothola olunye uhlobo lwamandla owesimame kuMo Molefe weScandal.
"Ngeke ngiziqhelanise kakhulu nowesimame engidlala indawo yakhe kwi-TV," kusho kuvuma uNthati.
"Uma ngingeke ngizifanise nomlingiswa engimdlalayo, kusho ukuthi ngeke ngikwazi ukwanelisa ababukeli."
Ngokwakhe ukholwa wukuthi uMo uzimisele ngokuzakhela imali ngokuzikhandla ngokomsebenzi kunokuphiliswa ngabantu besilisa.
"Uyingozi ngoba noma yini ayenzayo, uyenza ngenhloso yokuthola akufunayo," kusho yena.
"Angiyena umuntu othanda ukubukwa kangangoba ngihlale ngifuna ukubukeka ngiyimi kwiTV. Lokhu kuyangisiza ekutheni ngisebenze ngokuzinikela kwengikwenzayo ukuze nababukeli bajabule.
"Azikho izindlela ezinqamulelayo - ngiya ejimini, angibhemi kanti sengenza nomdlalo wegalofu ukuze ngihlale ngifithi ngilungele ukubhekana namakhamera."
Abesimame abadlala indawo yabangenasimilo emidlalweni baningi kangangoba ababukeli babathatha njengezindawo abazidlalayo.
UNtsiki Lukhele nguye owokuqala wethu owadlala indawo enjalo - eyamangaza abaningi emlandweni weGenerations.
Leyo ndawo yenza uPam Nomvete waba wusaziwayo - kodwa futhi yamlethela nezinsongo zokufa.
"Ngeke ngiyeke, kodwa futhi angifuni ukuba indawo kaMo ibe yingxenye yempilo yami. Kufanele uMo ngimgcine emdlalweni hhayi ukuthi ngiye naye ekhaya," kusho uNthati."
Ngeke kwenzeke lokho ngoba abantu abasheshe bamgxeke ngabomndeni wakhe - ikakhulu ubaba wakhe.
"Ungumuntu oqotho. Kuyena kuyezwela engikwenza kwiTV - sengathi izindawo engizidlalayo ziyimpilo yami.
"Umama wami yena wehlukile. Uyathanda ukungibona ngidlala kwiTV, ngisho ngabe ngidlala indawo embi. Lokho kuyena kusho ukuthi ngiyasebenza, ngizokwazi ukuba ngithenge ukudla ngikhokhe nerenti."[z]
BONA ZULU - January 2007
"UMo akufanele abuse impilo yami. Kufanele ngigcine emdlalweni, hhayi ukuthi ngiye naye ekhaya njalo ebusuku," kusho uNthati.
Sixoxisane noNthati Moshesh
BONA ZULU - January 2007
