zulu.2991.sisstars
ESITHOMBENI KULINGISIWE
N GINEMINYAKA engu-22 indoda engithandana nayo ineminyaka engu-29. Ihlala nomama wengane yayo, kodwa ithi ayisamthandi. Ayizimisele ngokumxosha kanti ithi angahamba noma nini uma ithanda.
Inkinga yami wukuthi selokhu sathandana asikaze sibe ndawonye ngokugculisayo.
Manje ifuna ukushada nami kodwa ayikaze ihlanganise imindeni yethu. Ngibona sengathi ukushada nayo kuzongihlukumeza ngoba umama wengane yayo uke angishayele ucingo angithuke.
Ukhona omunye umlisa engithandana naye kodwa angimthandi njengoba ngithanda le ndoda. Ngicela usizo.
Ongafuni ukwaziwa
Isimo okusona asikuphethe kahle. Uyasho nokuthi ukushada akusiwo umqondo omuhle.
Ngabe le ndoda ikutshela iqiniso ngomama wengane yayo? Ukungabi nasikhathi esanele sokuba ndawonye kungitshela ukuthi ekushoyo akusilo iqiniso.
Ngokuzwa kwami uthi unenye indoda, okusho ukuthi nobabili nisazidlalela nje. Mhlawumbe sesifikile isikhathi sokuthi ukhohlwe yilo mlisa uqhubeke nesoka lakho lesibili sithembe ukuthi uzogcina usulithanda.
Khumbula: akulungile ukuthandana nabantu abaningi. Kuyingozi. Ngabe awukwazi lokho? Ngabe awuzihloniphi yini wena?
Ngeke umthole umuntu ozokuthanda ngokweqiniso uma unamasoka amaningi. Uzoduma kabi abantu besilisa bangafuni ukusondela eduze kwakho.
Ziningi izinto ezenzeka empilweni yakho! Zibambe uzitshele ukuthi ufanelwe okungcono!
Ubaba onenhliziyo embi
Ngimdala ekhaya kanti ngihlala nomama nezingane zakithi. Ubaba wasishiya sisebancane sakhuliswa wumama. Abazali bakababa yibona ababemondla baze bamfunela omunye unkosikazi. Manje ubaba wenza sengathi akasazi wondla izingane angazizali. Senzenjani ngalo baba onenhliziyo embi?
MK, Barkly East
Akukho eningakwenza. Alikho ithemba lokuthi uzoshintsha kanti kufanele nikhohlwe uyena. Isifundo ongasithola ezenzweni zakhe esokuba ngubaba oqotho ezinganeni zakho uma usungubaba.
Umama wakho wenze konke okusemandleni enikhulisa nokuyinto okufanele niziqhenye ngayo.
Ucansi olubuhlungu
Ngineminyaka engu-22 kanti sinezinyanga ezimbalwa sithandana nesoka lami. Saya ocansini ngathola isifo socansi. Umhlengikazi wasemtholampilo wathi angihlolelwe iHIV, kwatholakala ukuthi nginaleli gciwane. Ngalithukuthelela kakhulu isoka lami ngoba lalithe kimina alinalutho. Sagcina sihlukene.
Manje sengithole elinye isoka. Angizange ngilifihlele ngesimo sami.
Liyazi mayelana nokumele sikwenze uma siya ocansini kanti liyagcizelela ukuthi asisebenzise amakhondomu. Anginankiga ngalokho kodwa kuba buhlungu kakhulu uma siya ocansini.
Manje ngiyesaba ukuya ocansini futhi angizwa bumnandi. Ngenzenjani?
Precious, Pietermaritzburg
Kufanele uhlolwe wudokotela noma umhlengikazi ukuze kutholakale ukuthi yini ephathelene nempilo ekuhluphayo.
Kufanele ukhululeke. Kuba buhlungu uma uya ocansini ungakhululekile. Mhlawumbe uhlushwa wukuthi uneHIV.
Okunye okufanele ukubheke wukuthi usuke usukulungele kahle yini ukuya ocansini uma senilwenza. Kuba buhlungu uma ungakakulungeli ngisho noma ningasebenzisa ikhondomu.
Kuzwakala sengathi ningabantu abazibophezele, kufanele utshele isoka lakho ngale nkinga yakho. Ngiyakuncoma ngokulitshela kwakho ngesimo sakho!
Yibani nesikhathi sokuthola ukuthi yini enifaka egiyeni locansi. Lwakhiwa kanjalo uthando oluhle olunesisekelo.
Kuphelile ngomshado
Bese kuphele iminyaka engu-10 ngithandana nobaba wendodakazi yami eneminyaka engu-8. Besike sixabane kodwa sithandana.
Sagcina sithathe isinqumo sokushada - kwaba wukuqala kwezinkinga. Isimo sashuba phakathi kwethu kanti wake wangishaya wangixosha ebusuku. Ngalala phandle ngoba kwakungekho lapho ngangingaya khona. Ekuseni wangixosha wathi akafuni lutho oluzomhlanganisa nami. Wathi angikhohlwe wumshado. Ngidumele kodwa ngifuna ukukhohlwa yiyo yonke le nto.
TVG, Despatch
Kwaze kwaba buhlungu ukumosha iminyaka engu-10 yonke. Kodwa ubunjalo bomuntu bubonakala kahle uma ebhekene nengcindezi enjengeyokulungiselela umshado. Umthelela walokho awubi muhle.
Akumangalisi ukuphatheka kwakho kabi emva kwesehlo esinje kodwa okuhle wukuthi ufuna ukukhohlwa yisona uqhubeke nempilo yakho.
Ungakhohlwa wukuthi nakuba ningasathandani kusazodingeka ukuba ondle ingane yakhe. Lokho kuyisibopho okufanele asigcine.
Enye indoda ekhaya lami
Ngineminyaka engu-38 kanti ngashada eminyakeni engu-12 edlule. Sasinezingane ezimbili ngesikhathi sihlukana nomkami futhi ngizondla izingane zami. Ngo-2004 ngaboshwa ngagwetshwa. Sengizophuma kanti sengimtshelile umama wezingane zami ukuthi asibuyelane. Wafika ejele engivakashele ehamba nezingane zethu wathi uyangixolela.
Inkinga wukuthi usenengane yenye indoda. Ngizokwemukela kanjani ukufika kwenye indoda ekhaya lami izobona ingane yayo? Le ndoda yamkhulelisa sisashadile kodwa sesihlala ngokuhlukana.
JJ, Middelburg
Unkosikazi wakho usekuxolele kanti uyafuna ukuthi nibuyelane. Ngabe ave kuyilokho okumqoka kunokuzihlupha ngendaba yendoda ezovakashela ingane yayo ekhaya lakho?
Kodwa uma lokho kukuhlupha, hlalani phansi, kube uwena, umkakho nale ndoda nibonisane ngalolu daba. Mhlawumbe yingane engavakashela ubaba wayo! Khohlwa okunye nibonisane nicabangele ingane engenacala!
Yithande noma kungesiyo eyakho ungayikhiphi inyumbazana - kanti lolu daba akufanele niludingide phambi kwayo. [z]
AMANDLA OKUPHILA
NGIKHETHE
yiphi indoda?
USis Sarah
uzokusiza aphendule yonke imibuzo yakho aduduze nabalusizi
Bhalela kuleli kheli:
Ask Sis Sarah,
Box 32083, Mobeni
4060.
Qaphela:
USis Sarah
akaqeqeshelwe ukuxazulula
izinkinga ezithinta impilo.
OZALWA KULE NYANGA
Usomabhizinisi
(Jan 28, 1962)
Le njinga yezimayini engumnikazi weSundowns ingalindela unyaka omuhle. Yona - nalabo ezalwa nabo kule nyanga - bangalindela ukuchuma kwamabhizinisi nomsebenzi wabo. Bangaphila kahle uma bedla okunempilo.
IZINKANYEZI
Kumele kukuhambele kahle othandweni uma uthembekile. Kuzoba lula ukubonakalisa imizwa yakho kanti ungalindela izinto ezinhle ezizokwenziwa abaseduze nawe.
Uzothola impatho enhle obuyilangazelela othandweni. Ungathathi izinto 'ngoshukela' ukuze wenze izinqumo ezifanele. Khombisa isithandwa sakho ukuthi uzwana nobumnandi.
Niyazwana nomaqondana wakho nokuyinto ezoqinisa uthando lwenu. Uma ungawedwana, vula amehlo - kule nyanga uzomthola umuntu ozobaluleka empilweni yakho.
Wena nesithadwa sakho nizokwenza izinto eziyohlala ziyisikhumbuzo esihle. Uma ungawedwana, makhulu amathuba okuthola umuntu omthandayo.
Zethembe. Qiniseka ukuthi ubukeka kahle. Ungafihli ukuthi ungumuntu wamancoko. Yilezi zinto ezizoqinisa uthando - noma ezizokusiza ukuze uthole umaqondana omusha.
Jabulisa umuntu omthandayo ngokumncoma umphathe kahle. Lindela ukuba nesikhathi esimnandi othandweni - usithokozele!
Yisikhathi sothando nesokuthandwa lesi uma kukhona ozwana naye. Uma ufuna umaqondana, uzomthola umuntu omuhle ozothanda ukuthandana nawe. Bheka lezo zimpawu!
Isithandwa sakho sizoyithanda indlela ozwana ngayo nenjabulo. Impilo izoba mnandi ithembise uma ungawedwana - khululeka ngoba izifiso zakho zizofezeka.
Kuzoba lula kube mnandi ukuba ndawonye nesithandwa sakho. Phuma wenze okuningi uma ungawedwana. Uzoheha abantu abasha ngokushintsha isimo nendlela obukeka ngayo.
Yisikhathi esikhethekile lesi uma uzomnika uthando umlalele umuntu wakho. Uma ungawedwana usethubeni lokuthola umuntu omusha ozoguqula impilo yakho.
Ukubuka izinto ngeso elibanzi kuzoluphucula uthando. Zama ukuba nomusa umcabangele umuntu wakho. Yiba nozwelo nothando ukuze ube yigugu kobathandayo.
Uzophatheka kahle othandweni uma ulalela izidingo nezifiso zikamaqondana wakho. Khululekani nikhulume ngemizwa yenu - omunye azame ukufunda umqondo womunye.
IZINKANYEZI
