zulu.298.scandal
indaba nguDOUG GORDON
izithombe nguPETER WHITFIELD
Bonke BAYALWENZA!
Ucansi namahlazo!
Sixoxisana nezithandani ezizifelayo ngocansi kwiTV...
BHEKA izihlabani ezintsha ezizobonakala kwiScandal edlala ku-e-tv kusihlwa kanti uzobona nezinguquko ezenziwe kule-soapie ukuze ihehe izigidi zabathandi bayo abaswela into abangayibuka ngaphambi kokuqala kweGenerations ngo-8 kusihlwa.
Okuheha abantu kakhulu kule-soapie kulezi zinsuku yizithandani ezinemali ezizwana nokushintshisana ngamakhosikazi uma kuyiwa ocansini.
ULala Tuko onazo zonke izimpawu zomkhangisi ulingisa indawo kaParis ohambela amazwe ngamazwe ongusaziwayo kwezemfashini.
U-Hugh Masebenza ulingisa indawo kaZuko Zondi naye ongahlali ndawonye ongumyeni kaParis.
"Badlala ngabantu," kusho uHugh. "Bakhetha abantu abazoya nabo ocansini bahlele nokuthi bazohlukaniselana kanjani ngabo.
"Ungazikhohlisi ngokuthi lokho kwenzeka kwiTV kuphela - sengike ngakubona kwenzeka ngempela!"
ULala noHugh bayamangala uma bezibona bekuma-billboards ezweni kukhulunywa ngokuphinga kwabo.
ULala wayeneminyaka engu-25 elingisa indawo kaKhanyisa owayeyi-receptionist kwiGenerations ngonyaka odlule ngesikhathi abakwa-e-tv bemcela ukuba alingise indawo kaParis kwiScandal esihlelwe kabusha.
Akazange asivume ngokushesha leso sicelo ngoba wayesanda kushada esanda kubeletha indodakazi yakhe uThandolwethu.
Akwenza uma eseqede umsebenzi wakhe estudiyo wukuphuthuma ekhaya ageze indodakazi yakhe apheke.
"Kodwa kulo nyaka ngibone kungifanele ukulingisa indawo enkulu. Indawo kaParis iyilokhu ebengikufuna. Musha kule-soapie kanti uyabaheha abantu.
"Nami ngizwana nemfashini njengaye kanti sifana ngalokho kuphela. U-Paris uzicabangela yena kuphela. Akanandaba nokunye ngaphandle kokuba kufezeke izinkanuko zakhe," kusho uLala.
U-Hugh, oneminyaka engu-34 yingqalabutho eyaduma kwiTV sisayibona kwiKhululeka, Madam And Eve, Isidingo, 7de Laan neZero Tolerance kanti akakutholanga kuyinkinga ukulingisa indawo kaZuko Zondi okhonze ucansi. Uma engematasa nomsebenzi wakhe usuke enza amalungiselelo omshado wakhe, ehlangana nomndeni wakubo nowakamakoti bephothula izindaba zelobolo nokunye.
U-Bronwyn Berry onguphrojusa wenza uchunge olungu-4 lweGaz'lam olwaba yimpumelelo kuSABC 1 ngaphambi kokuba athathe izintambo kwiScandal esasesifadalala ngonyaka odlule. Le-channel izama konke okusemandleni ukuheha ababukeli.
I-Scandal sethulwa ezinyangeni ezingu-18 ezedlule ngenhloso yokudoba abalandeli beGenerations.
Akusihambelanga kahle kanti manje uBronwyn usefake okusha kusona - wasibhala sahambisana nempilo ephilwa abantu baseNewtown eJozi lapho uthola khona intsha ichitha imali yayo ezimotweni, ezimpahleni zokugqoka nasezindlini zikanokusho ibheke nokuthi yini eyenzeka kwiScandal.
Ukushintshisana ngamakhosikazi kungenye yezinto ezihehayo kule-soapie. Kukhona nomuntu okhohlisa abanye ngokuthi uxhumana nabangasekho; ukuthunjwa komlingisi osemqoka; owesimame ocuthela abanye abantu; nomseshi oqashelwe ukuthola amahlazo abantu.
Kodwa nguParis noZuko abazokhipha iGenerations esibayeni ebikhonya kusona sonke lesi sikhathi.
U-Hugh Masebenza uthi akwenza uma elingisa kuyinto eyenzeka ngempela emphakathini kanti akakuboni kukubi okwenziwa nguParis noZuko njengoba beyengela izithandani ezinjengoSamantha no-Andrew kulo mkhuba abawenzayo.
"Lezi zinto ziyenzeka ezindaweni zabadla kahle ezinjengeSandton kanti nasemadolobheni amancane bayazenza.
"Izigidi zabalandeli beTV sezike zezwa ngezenzo zalolu hlobo kanti zifuna ukubona ukuthi kwenzekani ngempela uma kukhulunywa ngodaba lokushintshisana ngamakhosikazi uma kuyiwa ocansini," kusho uHugh. [z]
BONA ZULU - April 2006
"U-Paris akabacabangeli abanye, okubalulekile kuyena wukuzanelisa uma enomyeni wakhe noma omunye umuntu amthandayo," kusho uLala Tuko.
BONA ZULU - April 2006 29
U-Hugh Masebenza uthi akwenza uma elingisa kuyenzeka ngempela emadolobheni amakhulu namancane.
