zulu.2985.missing
Beka ngokuyikho
Amakhasi ka
Athokozisayo - Izimpendulo
Ufuna ukuxhumana nomngani, isihlobo noma nelungu lomndeni wakho enikade nadukelana nabo: Sithumelele imininingwane yabo, mhlawumbe singakusiza ubathole.
Sibhalele kuleli kheli: BONA/Missing, Box 32083, Mobeni, 4060. Ungakhohlwa futhi wukusinika igama lakho nekheli!
UDavid Hlenye Mabizela wagcinwa ukubonwa ngo-1991 eDiepkloof Zone 2. Odadewabo ngoMathuthu, Puleng noMathapelo.
Xhumanani noMagauta Moloi, 46 Mountain Ridge Road, New Germany, 3610;
cell: 083-547-1477.
Umalume wami uDaniel Dumisani Mavuso wahamba ekhaya ngo-1992. Ngo-1994 wabonakala endaweni yase-Orange Farm.
Xhumanani noPhindile Mtshali, 152 Mofokeng Section, Katlehong, 1431;
cell: 072-285-5275,
ucingo lwasendlini: 011 905-7239.
Umngani wami uJoyce Mfanta, wagcinwa ukubonwa ngonyaka ka-2003 eGreenside, eGoli kanti kukholakala ukuthi usePort Elizabeth. (Indodakazi yakhe nguNasephi.)
Xhumanani noMoses Hlophe, No 204356297, Krugersdorp Correctional Centre, Private Bag X2023, Krugersdorp, 1740;
ucingo lwasendlini: Mam’ Nunu, 011-980-5512.
Umngani wami uJafta Mathew Msiza owayehlala KwaNdebele eSiyabuswa wagcinwa ukubonwa ngesikhathi esebenza eFaerie Glen ePitoli ehlala elokishini laseMamelodi. Ngikhumbula udadewabo ongasekho uPonono Msiza noBoy Msiza (naye ongasekho) noNelly Msiza.
Xhumanani noT.N. Mtau waseBethal,
cell: 078-259-6869,
ucingo lwasendlini: 017-647-3665 (kusukela ngo-7 ekuseni kuya ku-2 ntambama).
Umyeni wami uFrance wase-Okavango eNamibia, wagcinwa ukubonwa ngo-1989 ngesikhathi esebenza eShaft 3, Grootvlei Mine, Strubenvale eSprings.
Xhumanani noZoleka kuleli kheli: Stand 6765 Ext 5, Langaville, Brakpan, 1550.[z]
Abadukelene
Yakha igama
NINE FOUR FIVE
BONA
I-Puzzle Yezithombe
ENGLISH AFRIKAANS SESOTHO ISIXHOSA ISIZULU
AmaMulti-Game
BONA ZULU – January 2007
