zulu.2984.yourfamily_parenting
PHEPHA
NGALELI HLOBO
Ungavumeli ukubhukuda kuphethe ngosizi ngale sizini
KUNGATHATHA ngaphansi kwemizuzu emibili ingane iminze nokwenza lokhu kube ngokwesibili okujwayelekile ekudaleni ukufa ezinganeni ezingaphansi kweminyaka engu-14. Ngamaholidi sivame ukuzibhukudela kuma-swimming pool noma emabhishi - kulapho wena njengomzali kufanele uqaphele izingane kakhulu.
Xoxisana nezingane ngezingozi zamanzi. Zitshele ngemithetho nokuthi ziziphathe kanjani eduze kwamanzi.
Nazi izeluleko zokuqiniseka ukuthi izingane ziphephile.
Kwi-swimming pool
Ungayivumeli ingane yakho ibhukude yodwa.
Hamba ungagijimi eduze kwe-swimming pool ngoba ama-tiles ayashelela.
Ningadayivi noma niphushanele phakathi. Kungenzeka i-pool ishone noma nilimale uma nidayiva ngamakhanda.
Izingane akufanele zidle ushingamu noma kube khona ezikudlayo lapho zibhukuda ngoba zingaxheleka.
Qinisekani ukuthi sezineminyaka efanele ngaphambi kokudlala ngamathoyizi athile noma zintantise okuthile emanzini. Ingane ingabambeka kalula ngaphansi kwamanzi.
Ebhishi
Zingabhukudi zodwa ngisho ngabe ziyakwazi ukubhukuda.
Mazibhukude lapho kukhona abaqaphi basolwandle.
Ngisho kumnandi kanjani ukuziphumulela olwandle ngesikhathi izingane zakho zibhukuda, ungathembeli ezintweni ezilusizo njengama-water-wings, nawe qiniseka ukuthi izingane ziphephile.
Gqokisa ingane imibala ekhanyayo ukuze amalungu omndeni akwazi ukuyibona.
Utshwala nokubhukuda akuhlangani - awukwazi ukugxilisa umqondo kokwenzayo.
Phatha izigubhu zepulasitiki hhayi okuyizingilazi ngoba kuyafa kube yingozi.
Tshela izingane zakho zimemeze noma ziphakamise isandla uma zisenkingeni.
Gwema izindawo ezinesihlabathi esithambile olwandle, kungavodloka zilimale. Ama-water parks (kulapho kunama-slides amakhulu, ama-pools anamagagasi namanzi atshazayo.)
Uma ingane ingakwazi ukubhukuda kahle, yigqokise i-life-jacket.
Qiniseka ukuthi izingane sezikhule ngokwanele ukwazi ukuthi kufanele zenze ini ngaphambi kokungena emanzini.
Hlonipha izimpawu ezikuma-rides. Ukwenza isibonelo, lapho kushushuluzwa khona qiniseka ukuthi ingane iya ngezinyawo kuqala.
Zitshele ukuthi zizolimala uma zingayilandeli imithetho.
Imifula namaxhaphozi
Iningi lezingane emaphandleni zisakuthokozela ukubhukuda emifuleni. Ungazivumeli zibhukude kungekho muntu ozigadile.
Akulula ukubona ukuthi yini engaphansi kwamanzi. Kungenzeka kube namatshe noma amabhodlela afile. Khumbuza izingane ukuba ziqaphele.
Zixwayise ngokhula noma utshani okungazibamba ngaphansi. Uma kwenzeka zibambeka mazizame ukuziqaqa zingethuki noma zitatazele.[z]
Source: www.olympicswimschool.co.za
Indaba: Kamogelo Sebola
OKWABAZALI ABAHLE
Ungazi-vumeli izingane zibhu-kude zodwa
