zulu.297.phemelo
Wakhela impumelelo
UPhemelo Ngcobo owayedlala kwiGenerations wenza umsebenzi wokuthenga izindlu aqashise ngazo
UDLALA indawo kaDkt. Lerato Thibela kwiHillside kuSABC 2. Ubuye athuthukise imikhiqizo yezinwele yakwaSof 'n' Free. Wazakhela igama kwezokulingisa enguKhensani kwiGenerations. Uma engadlali wenza imali ngebhizinisi lakhe lokuthenga izindlu azilungise.
Ukushiya kwiGenerations ngo-2002 kwenza wathatha ikhefu kwezokulingisa.
"Akuzwani nami ukuba yisihlabani seTV. Ukudlala emdlalweni ofana neGenerations, kwangidalela inkinga," kusho yena.
Impilo yakhe yashintsha ngesikhathi eqala ibhizinisi lakhe ngo-2003. Wabuye washada noMthandeni Ngcobo oyi-accountant kwi-IT and communications.
UPhemelo wenza izifundo zokukhangisa waqokwa njenge-accounts executive enkampanini yokukhangisa - esikhundleni sokugxila entweni ayeyazi.
"Imali engayithola kwiGenerations angiyisebenziselanga ukuphila impilo ephilwa osaziwayo kodwa ngayithatha ngayibeka," kusho yena.
Waqoka ukuqala ibhizinisi lokudayisa izindlu. Wathenga ifulethi elalinegumbi lokulala elilodwa eSandton eJozi. Kodwa esikhundleni sokuhlala kulona, waqashisa ngalo.
Ibhizinisi lakhe lihamba kahle ngenxa yokuhlela kwakhe izinto ngendlela efanele.
"Inani lefulethi lami lakhuphuka ngo-R200 000 ezinyangeni eziyisithupha," kusho yena ehleka. "Amafulethi ayeseduze kwelami ayedayisa ngokuphindwe kabili emalini elami elalidayisa ngayo.
Into emqoka kakhulu ayifunda kwaba wukulondoloza imali eyilondolozela isikhathi eside. Kumthathe iminyaka eyisithupha kuphela ukuthenga izindlu aqashise ngazo.
Izindlu uzilungisa zibe yilokho okufunwa amakhasimende akhe - kanti kukhona naqashisa ngazo kwabanezivumelwano zokusebenza eSA.
"Izindlu ezinhle engingasoze ngazithengela zona zilungele amakhasimende aphesheya. Kungiphatha kahle ukwenza okufunwa amakhasimende ami - nezindlu engiqashisa ngazo zisezingeni lempilo amakhasimende ami ahlala eLondon, Paris noma eNew York ayijwayele," kusho yena.
"Ngiqala ngokufaka izimpahla nokudingeka endlini engizoqashisa ngayo. Ngifaka imibhede emisha, amashidi, okhaphethi bohlobo oluphambili, izimpahla ezisebenza ngogesi, i-satellite TV, kube ne-Internet ngiqinisekise nokuthi kuphephile ngiqashe nabazohlanza izindlu nabazolungisa negceke. Amakhasimende ami afuna ukuthi konke kube sesimweni esihle."
UPhemelo noMthandeni abaphili impilo ephilwa amakhasimende abo. Uthi babona kungcono ukuthi baqashe njengoba kunenkinga yama-interest rates kunokuthi bathenge umuzi.
"Irenti yomuzi obiza u-R5-million ilingana nemali oyikhokhela umuzi obiza u-R2-million kanti uma ubona kungabalulekile ukuthenga umuzi ungaziqashela umuzi ozozihlalela kuwona."
UPhemelo noMthandeni ibhizinisi labo baliqhuba besizwa abammeli nama-accontants. Angabasiza kakhulu abadinga ulwazi ngokuphathwa kwezimali ngoba ugada isenti nesenti alisebenzisayo.
"Ngicabanga kaningi ngisho noma ngifuna ukuthenga iphakethe likaswidi leli," kusho yena ehleka.
Izinto azibusisa ngazo uPhemelo yizinto ezimsiza ebhizinisini lakhe kuphela - unemoto enhle, kanti kuyenzeka aye phesheya ayohlola ukuthi baliqhuba kanjani ibhizinisi lokudayisa izindlu.
"Ngizwana namabhizinisi avunisa izithelo ezinhle. Maningi amazwe ayencishwe amathuba kwezentuthuko esikhathini esidlule athuthukisa ingqalasizinda yawo manje ukuze umnotho wawo uphucuke. Izinkampani zibona kushibhile ukuqashela abazisebenzelayo imizi kunokuyithenga.
"Njengoba ngingakabi nesikhathi sokuthola abantwana - nokuyinto engihluphayo leyo - umsebenzi engiwenzayo ongijabulisayo nothatha isikhathi sami esiningi."
"Ngizimisele ngokuba ngithuthukise ibhizinisi lami ngilibeke kwelinye iqophelo ngaphambi kokuba ngiqale umndeni wami. Njengoba sengivuthiwe ngokomqondo, sengingakwazi ukubhekana nanoma iyiphi inselelo manje," kusho yena. [z]
Indaba: Doug Gordon
Isithombe: Roelene Prinsloo
Kuthwetshulelwe eHoy Ploy, Hyde Park Corner
ISIHLABANI
Angi-kwazi noku-thenga ipha-kethe lama-swidi ngapha-ndle kokuca-banga ngayo
