zulu.2973.yourlifeguide_motivation
Shintsha umqondo wakho!
Imicabanga yakho ilawula okwenzeka empilweni yakho - ngakhoke shintsha umqondo wakho, ucabange ngokuyikho ukuze ubone imiphumela emihle ezokuholela kweliqhakazile ikusasa
INDODA ekhaliphile yathi, "uma kukhona into ehlupha umqondo wakho isikhathi eside, kuyogcina ngokuba yenzeke". Imicabango yakho ilawula okwenzeka empilweni yakho. Lokho kunganzima ukukukholwa kodwa kuliqiniso. Inkinga wukuthi iningi lethu licabanga okungeyikho.
Lokhu kungenxa yokuthi: imicabango yethu ayimihle.
Umqondo UNKULUNKULU Asinika wona unendawo eyindlu yokukhumbula nokucabanga.
Ukukhumbula kwenzelwa ukuvuselela okwedlule kanti ukucabanga kwenzelwe ukubuka ikusasa.
Iqiniso wukuthi yonke into esiyibona namuhla ingumkhiqizo wokucabanga komuntu othile.
Abanye abantu basebenzisa umcabango wabo ukuzakhela umnotho kanti kumanje sebebe negalelo elikhulu ezimpilweni zabantu ekubeni abanye bagcina ngokucabanga ubuphofu nokulahlekelwa nokugcina ngokuba kube yizona zinto izimpilo zabo ezibambelela kuzo.
Wonke umuntu ungumkhiqizo wendlela azibona ngayo.
Noma yimuphi umuntu osephumelele, ngineqiniso lokuthi engakaphumeleli wake wazitshela ukuthi ngelinye ilanga uyophumelela.
Wonke umuntu ongakaphumeleli, ngineqiniso naye kukhona aseke wakucabanga kodwa lokho wumcabango wokwahluleka, ububha nokulahlekelwa.
Cabanga ngokuphilile ukuze nomqondo wakho uthole isisombululo ezingqinambeni obhekene nazo nezizokuholela ezifisweni zakho.
Uma imicabango yakho ingemihle, ungaba nawo wonke amathuba nezinsiza ozidingayo kodwa ujike ungaphumeleli.
IBhayibheli lithi kufanele sicabange ngokumsulwa, okuhle nokuba sicabange kahle.
Yeka ukuba nemicabango ezokudicilela phansi.
Gxila ezintweni ezinhle. Ungachithi umqondo wakho ophusile nesikhathi sakho ucabangana nesono esikukhungethe. (Wonke umuntu useke wadayiseka.)
Uma ucabanga ikusasa lakho likhungethwe wubuhlungu, zikhumbuze ukuthi lobo buhlungu bungaba yinzuzo.
Umehluko phakathi kwempumelelo nokungaphumeleli yindlela lezi zinto zombili ezicabanga ngayo nezidlulisa ngayo ulwazi.
Umuntu ocabanga ngokuphusile, noma iyiphi ingqinamba uyithatha njengethuba lempumelelo ngoba unenhloso yokunqoba.
Umuntu ongenathemba ubona izingqinamba njengesizathu sokuzithethelela ekwehlulekeni.
Abanye abantu bazama izinto ezinkulu kuthi lapho behlangabezana nobunzima bakhohlwe yilokho ngokomqondo.
Okubalulekile ezimpilweni zethu akusikhona kuphela okwenzeka kithina - kodwa yindlela esikucabanga ngayo ezingqondweni zethu, sizitshele ukuthi siyaphumelela noma asiphumeleli. Nakhu okuhlanu okufanele sikuqaphele:
1 YEKA UKUKHULUMA!
Chitha isikhathi uzihlalele wedwa ucabanga.
2 UNGAWAGCINI AMAREKHODI EZINQUMO ZAKHO EZINGEZINHLE.
Ungalokothi uzigcine emcabangweni wakho ulokhu ubuyela kuzona uziphatha kabi.
3 YIBA NEPHUPHO!
Enza imizamo yokuzicabanga ngokwakho unemali uthokozile.
4 AZI UKUTHI UDINGANI.
Zibuze ukuthi yini odinga ukuyenza ukuze ube ngumuntu othokozile. (Khumbula ukuthi awuthokozile ngokuphelele uma ukuthokoza kwakho kuncike ezenzweni zabanye abantu).
5 ENZA UMQONDO WAKHO UMNGANI WAKHO, HHAYI ISITHA.
Kunezinto okufanele uzikhohlwe nezinto okufanele uzikhumbule. Ukwazi umehluko yinto eholela enjabulweni nokwaneliseka empilweni.
Ungacabanga izindlela ongazikhipha ngazo esimweni obhekene naso namuhla - ucabange nezindlela ongahlukana ngazo nobuphofu nokwahluleka, ukuphoxeka nokuthukuthela.
Umehluko okuyiwo okhona phakathi kokucasuka nokujabula, phakathi kokuzethemba nokuzibukela phansi, wumcabango. Ngakhoke zisize: shintsha umqondo wakho! [z]
Imicabango emibi izo-kuholela ekwa-
hlulekeni ngisho ngabe
ucebe kunabo bonke abantu emhlabeni
SIYAKUKHUTHAZA
Pastor George
