zulu.2967.school
indaba nguPATRICIA McCRACKEN isithombe ngabeGREAT STOCK!
Ukudlwengulwa esikoleni...
Ngabe indodakazi yakho iyalandela"
Siza amadodakazi akho angabi nokwesaba ekilasini kulo nyaka ngokuxazulula eyokudlwengulwa ezikoleni
KUKHULU ukwesaba emakhulwini ngamakhulu amantombazane esikole nomama bawo kulo lonke elaseSouth Africa njengoba sekusele kancane kuvulwe izikole ekuqaleni konyaka. Kubona amaholidi awazange nje asho ukuphumula ezifundweni - kodwa ukuphumula ekuhlukunyezweni ngokocansi nokwesaba ukuthatha izinyathelo zalokho.
"Angizange ngisabuyela esikoleni inyanga yonke emva kokuba ngaphumela obala," kusho omunye oneminyaka engu-15 owahlukunyezwa wuthisha ngokocansi etshela abeHuman Rights Watch. "Yonke into, ngisho nokugqoka umfaniswano kungikhumbuza okwenzeka.
"Emaphusheni enginawo, ngiyambona uthisha esekilasini engihleka.
"Ngesinye isikhathi kudingeka ukuba ngidlule ehholo lapho kwakukhona ikilasi lakhe. Ngiye ngesabe sengathi usekhona."
Le ntombazanyana kusazoyithatha isikhathi ukuyedlulisa le nkinga engqondweni - kodwa kwamanye amaningi, akulula ukukhohlwa ngoba abazali bawo bahlangene nabahlukumezi.
"Kuvame ukuqala ngokuba uthisha elokhu ewusizo enganeni ezintweni eziningi," kusho uthisha waseGoli uNonhlanhla Maboa etshela abeHuman Rights Watch.
"Uthisha unika ingane imali ukuba ithenge ukudla nezingubo zokugqoka. Abanye abazali bakhuthaza izingane zabo ukuba zithandane nothisha ukuze kube khona ezikuzuzayo.
"Othisha basebenzisa ithuba ngoba izingane zihlupheka, bajivaze izikhundla nokuhlonipheka kwabo."
Uma abazali bekubekezelela lokhu, kuchaza ngokusobala ukuthi bathengisa ngemizimba yezingane zabo, ngokusho kukaPhrofesa Lebo Moletsane, oyi-deputy dean yezemfundo e-University of KwaZulu-Natal.
Ngokwakhe, enye indlela yokwenza lokhu wukuba kukhokhelwane amademeshe ngokosiko lokoniwa.
"Lezi akuzona izimpendulo," kusho uXoliswa Keke wabeChildline. "Kuqala ngokuba lowo muntu owonile, athi uzokhokha agcine engakhokhanga.
"Uma sekukhokhiwe, indaba isuke isidlulile kubazali kodwa hhayi enganeni. Naleyo mali ayiyiboni futhi ngokuvamile ayilutholi nosizo lokwelulekwa ngokwengqondo nanokududuzwa. Umdlwenguli ufunda ukuthi angadlwengula akhokhe kuphele kanjalo."
Okufike kube buhlungu ngokusho komqondisi wabeChildline uJoan van Niekerk, umuntu osuke engumxazululi - uthishanhloko, uthisha ofundisa nalowo, inkosi yendawo noma iphoyisa - kungenzeka azisikele ingxenye njengenkokhelo yakhe. Ngakhoke kuye kube yibo abalwela ukuthi lolu daba luphelele lapho kunokuba luye enkantolo ngoba becabangela ukuzuza kwabo.
NgokwabeHuman Rights Watch, nokuyilapho izingane zeminyaka engaphansi kwengu-18 zibandakanyeka, amademeshe okuhlukunyezwa ngokocansi awekho emthethweni, ngokomthetho ka-1957 i-Sexual Offences Act.
Ukuvikela umhlukumezi
Enye inkinga ngokusho kukaPhrofesa Moletsane, othisha bazama ukuba bavikelane.
"Kunezigameko zakwesinye isikole ezingazange zibikwe kuthishanhloko ngoba wayezohamba ayobikela amaphoyisa, mhlawumbe nothisha othintekayo aphelelwe wumsebenzi," kusho yena. "Bangitshela ukuthi unakekela umndeni wabantu abangu-30 - ngaleyo ndlela uma ephelelwa wumsebenzi, bazokwenzenjani bonke laba bantu"
"Ngakhoke bakhetha ukuxoxisana nomhlukumezi - nokuyinto engakhuthaza lowo thisha ukuba aqhubeke enze lo mkhuba kwezinye izingane."
"Asikakazi ukuthi mangaki amantombazane athintekayo ngoba ambalwa akhuluma ngalokhu. Abantu bayesaba," kusho uPhrofesa Moletsane.
"Othisha besilisa nabafundi besilisa basebenzisa izindlela ezithile ukwesabisa othisha besimame namantombazane ezikoleni," kusho uDkt Heather Brookes ongomunye owaba nesandla ekubhalweni komqulu wabeHuman Sciences Research Council i-Sexual Abuse Of Young Children In Southern Africa.
Akubona othisha kuphela
"Ungakhohlwa ukuthi ongenza kungabikho ukuphepha emantombazaneni ezikoleni zakuleli kungenzeka kube yilowo muntu ohleli eduze kwayo esikoleni," kusho kujobelela u-Erika George wabeHuman Rights Watch. "Amantombazane akuleli kungenzeka futhi angahlukunyezwa ngokocansi othisha kodwa kube abafana abafunda nawo ekilasini."
Lokhu kungaba ngenxa yokuthi bewabona edlala othisha, noma mhlawumbe ngoba kuyinto ababeyibukela kwabadala esengenandawo eSA kulesi sikhathi se-21st-Century.
"Sithola ukuhlukumezeka ngokocansi - amazwi ayiziswana angokocansi, bayasithinta basiqabule - nokuyinto eyenzeka ngisho koGrade 3 no-4. Kodwa abanye othisha bavele bathi yindlela abafana abadlala ngayo."
"Abanye othisha nabafundi bayakugxeka ukusebenzisa ukudlwengula njengesijeziso entombazaneni eyenqaba yeshelwa noma idlwengulwe ngabangani besoka layo ngoba liyisola ukuthi ayithembekile.
Ikilasi kufanele libe yindawo lapho izingane ziphephile ukuba zifunde zithokozile. Esikhundleni salokho, maningi amantombazane ahamba esehlukumezekile ngokomzimba nangokomoya, esefunde ukuthi abantu abadala, ikakhulu besilisa bayabalahla babadayise.
Lukhulu usizi
Maningi amadodakazi ethu asakuthola kunzima ukugxila ezifundweni zawo noma aphume esikoleni ngenxa yesimo sokuhlukumezeka ngokocansi.
Nakuba kwaba ngumthetho kusukela ngo-1997 ukuthi othisha abahlukumeza izingane ngokocansi kufanele baxoshwe, kodwa bangu-50 kuphela asebexoshiwe ngokuhlukumeza ngokocansi nangokudlwengula eminyakeni cishe elishumi.
Akulula ukuba sikuqede kothisha besilisa nabafana lokhu uma sikuziba. Ukukuziba nakho kuyindlela yokuhlukumeza.
UBONA wachitha izinyanga ezintathu uzama ukuthola uvo lwabeminyango yezemfundo ezifundeni eziyisishiyagalolunye ngokuthi zingaki izigameko zokuhlukunyezwa ngokocansi ezazenzeka ezikoleni zabo, ngisho ngabe kwakungothisha noma abafundi ababenza lokhu nokuthi babebhekana kanjani nalezi zinkinga.
Phezu kwama-e-mails nezingcingo, kodwa ngesikhathi sokushicilela, sasisathole izimpendulo ezimbalwa ziphuma esifundeni saKwaZulu Natal.
UPhrofesa Moletsane akumthusi nakancane lokhu. "Umthetho ukhona, udinga ukuphoqelelwa. UMnyango wezeMfundo kufanele uzinikele ngokuphelele ekuthatheleni abenzi balokhu izinyathelo eziqinile.
"Ukubika izehlakalo zokuhlukunyezwa ezikoleni kuyinselelo, ngakhoke kufanele sithole izindlela zokukwenza kube lula lokhu. Kufanele futhi sithole izindlela ezingcono zokusiza amantombazane abika ukuhlukunyezwa ngoba ahlale engaphansi kwenkulu ingcindezi yokuhoxisa amacala mhlawumbe athenjiswe izimali noma esatshiswe ngokufa.
"Ukukwenza kungabi lula ukuhoxisa icala ngisho ngabe owahlukunyezwa esashona - ukwenza nje isibonelo, kungasiza kakhulu kulokhu.
"Ngaphezu kwakho konke, sifuna wonke umuntu akhumbule ukuthi leli yicala elibomvu. Ngakhoke izikole ziphoqwa wumthetho ukuba zibike amacala emaphoyiseni - kufanele icace imiphumela uma zingawabiki."
Manje usungabekwa icala uma ungakubiki ukudlwengulwa noma ukuhlukunyezwa ngokocansi okwaziyo, ngokusho kukaLucy Jamieson wabe-University of Cape Town Children's Institute - uMthetho omusha weziNgane, uzokuqinisa kakhulu lokhu uma ususebenza ngokugcwele mhlawumbe ngo-2007.
Singawasiza kanjani amadodakazi ethu
Ungenzenjani uma indodakazi yakho ifika ekhaya ithi ihlukunyezwe ngokocansi noma idlwenguliwe esikoleni kodwa yesatshiswa ngokuthi izofa uma ike yasho" Ngabe ungakwazi ukuba uyikhulumele"
Qala ngokufunda konke ongakufunda ukuzilungiselela ukusiza ingane yakho. Cabanga futhi ngesimo esikoleni sengane yakho...
Ngaphambi kokuvalwa kwezikole ngoDecember 2005, kwadalulwa okwethusa kakhulu ukuthi cishe angu-52 amantombazane adlwengulwa esikoleni esisodwa esiyi-primary eThokoza, mhlawumbe emphakathini noma esikoleni eminyakeni emithathu.
Lokhu kwadalulwa ngoba uthishanhloko waseTshwaragano Primary uMmathoto Tlou akazange alifihle iqiniso. Isikole sathatha izinyathelo sabiza abeChildline nabe-Ekurhuleni Metro police ukuba bazokuba nama-workshop emva kokuba izingane ezingu-15 kwabikwa ukuthi zidlwenguliwe.
Kulokhu, ezinye izingane ezingu-37 zaba nokwesaba ukuphumela obala zidalule izimfihlo zazo.
"Ocwaningweni lwethu sathola ukuthi esikoleni esinamazinga aphansi okuhlukunyezwa kwamantombazane, ayibekezelelwa nakancane into engalungile noma ukuziphatha okunodlame, izingane zihlale ziqashiwe kugcizelelwe nemithetho nendlela yokuzihlonipha," kusho uDkt Brookes.
"Kodwa ezikoleni ezinokuhlukunyezwa ngokobulili, sithola ukuthi nezinhlelo zokuqeqeshelwa amakhono ngokubaluleka kwamalungelo kanjalo nangodlame kubafundi nothisha, azizange zizenze kakhulu - uma isikole singazange sibe nomoya wokuzixhasa lezi zinhlelo."
Bheka isikole sengane yakho ubuze ukuthi siyazeseka yini izinhlelo ezimayelana namalungelo abantu bobulili obehlukene. Uma kungenjalo, xoxisana nabanye abazali nihlangane ukuze niluphakamise lolu daba kwi-school governing body.
Khumbuza bonke abathintekayo ukuthi ikusasa lamadodakazi enu lisengcupheni - nokuthi umthetho uyanivuna kufanele uphoqelelwe.
Ungakhohlwa ukubeka uhulumeni icala. Khumbula inqubo yesikole ikhokhelwa ngezimali zethu zentela. Uma ungathokozile, faka isikhalazo sakho koyisikhulu esiphezulu kwezemfundo (MEC), uma kunesidingo, usedlulise kuNgqongqoshe wezeMfundo uqobo.[z]
BONA ZULU - February 2006
esithombeni abakhangisi
Baningi othisha besilisa abaxhaphaza izingane zethu.
BONA ZULU - February 2006
Usibona kanjani isikole esiyingozi
Ezinye zezimpawu zesikole lapho ukucwaswa nokuhlukunyezwa ngokobulili kungaba yinkinga, ngokusho kongumcwaningi wabeHSRC uDkt Heather Brookes yilezi...
lOthisha basebenzisa udlame.
lOthisha bafika emva kwesikhathi.
lOthisha abayi emakilasini.
lOthisha abanendaba nokukhuthaza inhlonipho.
lAbabalawuli abafundi noma baqondise isimo esingesihle sokuziphatha.
lAbayigcizeleli imithetho ngokuyikho.
lUkungalingani ngendima abayidlalayo nangokwezibopho phakathi kwabesilisa nabesimame.
lInkolelo yokuthi abesilisa kufanele babe ngabaholi.
Ezikoleni eziphephile, ngokusho kukaPhrofesa uBrookes, uzothola izinto ezifuze lezi...
lUmoya wokuhloniphana nokunakekela.
lUkukhuthaza inhlonipho enezinhloso ezinhle.
lUkukhuluma ngezinkinga zabafundi kunokuphoqelela inhlonipho.
lUkubambisana kothisha nabafundi.
u
t
Umthetho uyakuvuna, kufanele uphoqelelwe
Okumele ukwenze
Ngosizo olusheshayo, shayela abeChildline ucingo kweyamahhala ethi: 0800-055-555
Ukuthola ukuthi ungaba negalelo kanjani kwiChildren's Bill, thola usizo kwi-website yabeChildren's Institute: www.uct.ac.za/depts/ci
