zulu.2962.elton
U-Elton John yisimanga
URYAN White wazalwa ngoDecember 6 1971. Enezinsuku eziyisithupha ezelwe, kwatholakala ukuthi unesifo se-haemophilia nokuyisifo esiphathelene negazi nokwakuzodingeka ukuba afakelwe igazi impilo yakhe yonke.
NgoDecember 1984, uWhite kwatholakala ukuthi une-AIDS.
Ososayensi babesandokuthola ngalowo nyaka ukuthi i-HIV idala i-AIDS nokwakuyisifo ngaleso sikhathi esasaziwa ngokuthi yi-“gay cancer.”
URyan kungenzeka ukuthi wathola igazi elaline-HIV - phakathi kweminyaka u-1979 no-1984 - ngaleyo ndlela cishe elingu-90% laba-HIV.
Umuntu ophilile ongenayo i-HIV uba ne-T-cell count cishe engu-1 200. I-AIDS ibonakala lapho ukuguliswa yi-HIV sekwehlise leso sibalo saba ngaphansi kuka-200. Ngesikhathi lokhu kutholakala kuyena, iT-count yakhe yayisiyehle yaba ngu-25 kwathiwa ngeke ziphele izinyanga eziyisithupha esaphila.
Okumangazayo wukuthi waphila, kwathi lapho kuphela lezo zinyanga eziyisithupha, wabe esekulungele ukuya esikoleni - kodwa benqaba ukuphinde bamemukele.
Wayebukelwa phansi
“Ngangithathwa njengomuntu onothuthuva, umama wami bethi ngumuntu ongafanele ukuba wumama, ngingafunwa ndawo,” kusho yena emva kwesikhathi.
“Akekho owayethanda ukuhlala eduze kwami, bonke babesukuma bahambe. Ngisho nasesontweni imbala, abantu babengalokothi ukungixhawula.”
Kwakuyinto ebuhlungu kakhulu yokubandlulula neyayikhombisa ukungazi kwabantu ngesifo se-HIV/AIDS.
Kwathi nalapho inhlangano eyaziwa umhlaba wonke iFederal Centers For Disease Control isimemezela ukuthi uWhite akasiyo neze ingozi kwezinye izingane (nanoma ngubani), bambalwa abakuzwa lokho.
Umhleli wephephandaba lendawo nokuyilo elaleseka uWhite, wathola izinsongo zokubulawa. Inhlamvu yabulala ifasitela lapho kwakuhlala khona umndeni kaWhite, babona ukuthi kungcono bahambe kuleli dolobha.
Lo mndeni wathuthela eCicero e-Indiana nokuyilapho uWhite wafike wabhalisa e-high school yakhona. Ngelanga lokuqala kulesi sikole wabingelelwa wuthishanhloko nethimba labafundi elase lifundisekile ngesifo se-AIDS kangangoba babengakwesabi ngisho nokumxhawula.
UWhite waba ngomunye wabantu bokuqala ukulwa nokungaqondi kahle nge-AIDS nokungabi nalwazi kwabantu. Owayengumongameli waseMelika uRonald Reagan waphawula wathi enkulumweni yakhe emva kokushona kukaRyan White ngo-April 1990: “ungomunye wabantu abawukhombisile umhlaba ukuthi lesi sifo siyesabisa, akwesabisi abantu esibaphethe.”
Izinguquko
Impilo kaRyan yathinta izimpilo zabantu abaningi ngisho nomculi u-Elton John imbala.
Lo mculi okumanje usewine amaGrammy amahlanu ne-Oscar eyodwa usethengise amakhophi ama-albhamu angaphezu kuka-250 million kanti yisihlabani esakhombisa ukumeseka uWhite nomndeni wakhe.
Wabasiza ekutheni bathenge umuzi wabo omusha ngesikhathi besuka lapho babehlala khona, nangesikhathi uWhite engeniswa esibhedlela okokugcina - u-Elton John wahlala naye kwaze kwaba sekugcineni.
Wayengomunye wababebambe ibhokisi emngcwabeni kaRyan nokuyilapho adlala khona futhi ingoma yakhe ethi Skyline Pigeon eyidlala nekhwaya yesikole. Izinguquko zaya ngokwanda.
Iminyaka yo-1980 yayinzima ku-Elton John ngoba wayesebonakala ukuthi uzibandakanye kwi-cocaine notshwala. Ngo-1986 ngesikhathi enamakhonsathi e-Australia washelwa yiphimbo lakhe kwadingeka ukuba ahlinzwe emphinjeni.
Kwaba namahlebezi okuthi usezinkingeni zezezimali ngenxa yokusebenzisa imali ngokweqile - kwake kwaba khona isikhathi lapho ayenezimoto ezingu-28 kubandakanya amaFerrari, amaRolls Royce kanye neJaguar XJ220 umshayeli wakhe ayenqaba ukuyishayela ngoba ethi inamandla kakhulu.
Baqwashisa ngokuzinakekela
Emva kwalokho kwalandela izindaba zokuthi umngani wakhe weqembu lomculo iQueen uFreddie Mercury wayephethwe yi-AIDS.
NgoNovember 24 1991 waba ngomunye wabambalwa ababemenyiwe ukuhambela umngcwabo kaMercury.
Ngo-1992 wasungula i-Elton John AIDS Foundation esiqoqe ngaphezu kuka-$60 million - u-90% - uya ngqo ekunakekeleni abanaleli gciwane, u-10% ufakwe ekufundiseni ngokuzivikela.
“Ngizosho ngingananazi ukuthi iSouth Africa ingelinye lamazwe amahle kakhulu esengike ngawavakashela,” kusho yena evakashele kuleli ngo-2005 uphathini wakhe uDavid Furnish enomcimbi wokuqoqa izimali. Lo mcimbi wahanjelwa yizimenywa ezingu-500 nokubalwa phakathi kwazo u-Archbishop Desmond Tutu kanti kuwo kwaqoqwa imali engaphezu kuka-R7 million.
Kulo lolo hambo u-Elton John wathokozisa izingane ezi-HIV-positive eCape Town naseKhayelitsha. Esibhedlela saseMcCord eThekwini, wathokoziswa yikhwaya yomculo iSinikithemba.
“Ukunibona niphilile nigcwele intokozo yinto ekhuthazayo kunoma wubani. Umhlaba uyindawo engcono ngenxa yenu,” kusho yena etshela ikhwaya elinamalungu angu-15.
Waphinde wabamemela ekhonsathini lokuqoqa izimali e-UK ukuba bazocula ingoma ethi Circle Of Life – nokuyingoma ayibhalela umdlalo weThe Lion King.
Uzinikele
“Sacula phesheya no-Elton John abantu basukuma bema ngezinyawo bejabula,” kusho uNomusa Mpanza oyilungu lekhwaya.
Eminyakeni elishumi eyedlule i-Elton John Aids Foundation isiqoqe imali engu-R50 million yezinhlelo zokulwa ne-AIDS eSA kanti lo mculi uthi: “sizinikele ekutheni siqoqe izimali zokusiza nokuyinto esiyohlale siyenza - uma-nje i-AIDS isekhona.”
“Njengowesilisa oyinkonkoni nginenhlanhla yokuba ngingangenwa yilesi sifo,” kusho yena ebhekise esikhathini esedlule lapho ayengaziphethe kahle.
“Uma usemncane uye ucabange ukuthi ayikho into engenzeka kuwena, kodwa lokho akusilo iqiniso.
“Okungikhathazayo wukuthi abantu abasha bacabanga ukuthi abekho engozini yokuthola lesi sifo ekubeni akunjalo,” kusho u-Elton John. [z]
BONA ZULU – January 2008
U-Elton John wafakwa ngaphansi kwezingqalabutho kwiRock And Roll Hall Of Fame ngo-1994 kwathi ngo-1998 wahlonishwa njengoSir.
Uthi ubuwazi - ngo-1979 u-Elton John waba ngumculi we-pop wasentshonalanga wokuqala ukuba namakhonsathi eSoviet Union…
Asikho isizathu sokuba uSir Elton John enze akwenzayo ngoba akekho omphoqile. Ziningi izihlabani ezinikela imali ezinhlanganweni ezintula usizo, kodwa zimbalwa ezizibambela mathupha. Nomculo wakhe ukhomba ukuthi ungumculi owehlukile…
Kungani ehlukile
BONA ZULU – January 2008
indaba ngu-ISAAC KWELA
izithombe ngabePICTURENET
u
Isihlabani nasebholeni
Ngeminyaka yo-1970, u-Elton John wafezekisa iphupho lakhe ayenalo eseyingane, ngokuba ngusihlalo weWatford Football Club. Wafaka imali yakhe eningi wakhuphulela le kilabhu kuFirst Division.
Ngo-1984 iWatford yafinyelela kumafayineli eFA Cup nokuyilapho yehlulwa khona ngo-2-0 yehlulwa yi-Everton.
Emva kwalo mdlalo kwakukhona i-fulegi elikhulu phakathi kwabalandeli be-Everton lithi: “Sorry, Elton – ngicabanga ukuthi kungakho besibiza ngamaBlues.”
Nakuba engaseyena umuntu onamasheya amakhulu, kodwa kusekhona izimali
anazo kule kilabhu.”
t
I-SA cishe ngelinye lamazwe amahle esengike ngawavakashela
BONA ZULU – January 2008
WINA!
Amathikithi ekhonsathi
ka-Elton John
UBONA ebambisene nabeBig Concerts banikezela ngamathikithi angu-8 - amabili ahamba ngamabili (two-pairs) ekhonsathini yaseThekwini ngomhlaka 16 January e-Absa Stadium namanye angu-two pairs ekhonsathi yaseCape Town ezoba ngomhlaka 13 January eNewlands Cricket Grounds. Ukuze uzibeke ethubeni lokuwina SMSa ELTON JOHN (CT) noma ELTON JOHN (DBN) ku-35919. I-SMS ngayinye ibiza R3. Kuvalwa ngomhlaka 31 January 2008. Abawinile bayokwaziswa.
l
Ikhono elimanga-lisayo
Wazalwa ngomhlaka 25 March 1947 wethiwa waba nguReginald Dwight kanti waqala ukukwazi ukudlala upiyano eneminyaka emine.
Ngasekupheleni kweminyaka yo-1960 babehlanyisa izihlwele neqembu lakhe lomculo i-Bluesology – waqala wazibiza ngo-Elton John ehlonipha u-Elton Dean owayedlala i-saxophone kwiBluesology noLong John Baldry.
Ukudlala kwakhe noBernie Taupin kwaqala ngaleso sikhathi. Waqala waqhulula izingoma. Ngo-1973 waqhamuka nethi Daniel nethi Crocodile nokwaba ngeyokuqala ka-Elton John ukuba ibe nguNombolo 1 emashadini omculo eMelika.
I-double albhamu yakhe ethi Goodbye Yellow Brick Road yalandela ngawo lowo nyaka. Kule-albhamu kuboshelwe izingoma ezishisayo ezifana nezithi - Bennie And The Jets nethi Candle In The Wind.
Phezu kokuhlangabezana nezinkinga ngeminyaka yo-1980, kodwa wayelokhu eziqhululile izingoma ezinohlonze ezifana nezithi I’m Still Standing, I Guess That’s Why They Call It The Blues, ayeyidlala noStevie Wonder, Sad Songs (Say So Much) nethi Nikita.
Ngo-1994 u-Elton John no-Tim Rice babhala izingoma zeLion King. Ngethi Can You Feel The Love Tonight wawina i-Oscar yangalowo nyaka yeBest Song.
Ngasekuqaleni kukaSeptember 1997, uTaupin washintsha amagama eCandle In The Wind ngemumva kokwedlula emhlabeni kukaLady Diana iPrincess Of Wales, nokuyiyona ngoma u-Elton John ayidlala emngcwabeni kaDiana.
Lokhu kwenza le ngoma yadayisa ubuthaphuthaphu cishe amakhophi angu-50 million emhlabeni jikelele.
