Zulu.2960.stadiums
Isikhathi sidliwe yinja njengoba kulungiswa izinkundla zebhola eSouth Africa ukuze zibe sezingeni lomhlaba
ENYE YEZINSELELO elaseSA ebelibhekene nayo ekulungiseleleni imidlalo yeWorld Cup ka-2010 bekungeyokwakha izinkundla okuyodlalelwa kuzona. Nakuba izwe lethu lizigqaja ngokuba nezinkundla zeqophelo eliphezulu, ubuncane bazo kanye nezindawo ezakhiwe kuzona kwenza ukuba zingakulungeli ukusingatha lo mqhudelwano.
Ngaphandle kwenhloso yabagqugquzeli balo mqhudelwano yokwakha izinkundla eziningi okuyodlalelwa kuzona, bafuna nokuthi leli lizwe libe nezinkundla eziseqophelweni eliphezulu eziyosiza nesizukulwane esizayo.
Kodwa umsebenzi wokwakha izinkundla ezinhlanu ezintsha eCape Town, eThekwini, ePort Elizabeth, ePolokwane naseNelspruit unezingqinamba.
Kuthiwa uhlelo lokukhishwa kwamathenda aluhambanga kahle kanti kunendida mayelana nodaba lwamabhajethi, ukuya enkantolo kwezakhamizi ezingaphathekile kahle, ukuteleka kwabasebenzi, ukungaqinisekiswa kwezokuphepha lapho kwakhiwa khona, ukushoda kwezimpahla zokwakha nabasebenzi abafundele ukwakha.
Izindawo ezibe nenkinga kakhulu yiTheku neCape Town kodwa ithimba leFIFA elaliholwa nguJerome Valcke ongunobhala wayo lawuncoma umsebenzi osuwenziwe ezinkundleni.
“Ngigculiseke kakhulu ngamalungiselelo,” kusho yena.
Okwamanje, kubukeka sengathi yiCape Town kuphela enenkinga yokuhlangabezana nesikhathi esimiswe yiFIFA sokuba kushaye u-October 2009 izinkundla seziphelile – kodwa noma kunjalo liyosalela emumva ngezinyanga ezimbalwa.
Ake sibheke ukuthi ukwakhiwa kwezinkundla kuhamba kanjani…
I-SOCCER CITY
Soweto (Gauteng)
Umthamo wayo: 94 700
Ibhajethi: R1,56-billion
Ukuqedwa kwayo: April 2009 (Esimiswe yiFIFA: October 2009)
Imidlalo yeWorld Cup: Umdlalo wokuvula, emihlanu yomjikelo wokuqala, owodwa womjikelo wesibili, i-quarter final ne-final
LE nkundla ithathwa njengemqoka kakhulu kulo mqhudelwano kanti ingamashumi amabili iminyaka kudlalelwa kuyona ibhola. Izokwakhiwa kabusha.
I-ELLIS PARK STADIUM
EGoli (Gauteng)
Umthamo wayo: 61 000
Ibhajethi: R230-million
Ukuqedwa kwayo: July 2008 (Esimiswe yiFIFA: December 2008)
Imidlalo yeWorld Cup: Emihlanu yomjikelo wokuqala, owodwa womjikelo wesibili ne-quarter final
LE nkundla idume umhlaba wonke njengoba amaBhokobhoko anqobela kuyona iRugby World Cup ka-1995, akukuningi okuzolungiswa kuyona: kuzokwengezwa izihlalo ezingu-10 000 ngemuva kwamapali asohlangothini olusenyakatho, kwakhiwe indawo yokupaka kunwetshwe nama-tunnels. Lena ngenye yezinkundla okuyodlalelwa kuzona iFIFA Confederations Cup ka-2009.
I-LOFTUS VERSFELD
Tshwane (Gauteng)
Umthamo wayo: 50 000
Ibhajethi: R99-million
Ukuqedwa kwayo: October 2008 (Esimiswe yiFIFA: December 2008)
Imidlalo yeWorld Cup: Emine yomjikelo wokuqala, owodwa womjikelo wesibili kanye nomdlalo wozolwela ukulala isithathu
AYIKALUNGISWA kodwa zincane izinguquko ezizokwenziwa kuyona. Kuzolungiswa izibani, imishini ekhipha umsindo nebhodi lamagoli, kwakhiwe nendawo yabezindaba phansi ohlangothini olusentshonalanga. Nakulena kuyodlalwa imidlalo yeFIFA Confederations Cup ka-2009.
I-FREE STATE STADIUM
Bloemfontein (Free State)
Umthamo wayo: 45 000
Ibhajethi: R221-million
Ukuqedwa kwayo: August 2008 (Esimiswe yiFIFA: December 2008)
Imidlalo yeWorld Cup: Emihlanu emihlanu yomjikelo wokuqala nowodwa womjikelo wesibili
KUNCANE okuzolungiswa. Kuzokwengezwa isitezi sesibili kwi-main grandstand kulungiswe nezibani namabhodi okubhala amagoli. Kuyodlalelwa kuyona imidlalo yeFIFA Confederations Cup ka-2009.
I-GREEN POINT STADIUM
Cape Town (Western Cape)
Umthamo wayo: 70 000
Ibhajethi: R1,96-billion
Ukuqedwa kwayo: December 2009 (Esimiswe yiFIFA: October 2009)
Imidlalo yeWorld Cup: Eyisithupha yomjikelo wokuqala, owodwa womjikelo wesibili, owodwa we-quarterfinal nowodwa we-semifinal
LENA ibalwa kwezibe sematheni kakhulu kanti ukwakhiwa kwayo kuhambe ngonyawo lonwabu. Ayixwayi simo sezulu, kungenzelwa kuyona noma yini, isesitayeleni ithuthuke kakhulu uma kukhulunywa ngezobuchwepheshe. Izinkinga ezithinta ezomthetho zakhinyabeza ukwakhiwa kwayo emva kokukhala kwezakhamizi ezazingahambisana nokwakhiwa kwayo, kanti ngoSeptember kwateleka abasebenzi kubangwa imali yokugibela.
Kubukeka sengathi isikhathi esinqunywe yiFIFA sizoshaya ingakapheli le nkundla.
I-NELSON MANDELA STADIUM
Port Elizabeth (Eastern Cape)
Umthamo wayo: 48 000
Ibhajethi: R981-million
Ukuqedwa kwayo: December 2008 (Esimiswe yiFIFA: December 2008)
Imidlalo yeWorld Cup: Imidlalo emihlanu yomjikelo wokuqala, owodwa womjikelo wesibili nowodwa we-quarterfinal
KUNINGI okusafanele ukaba kwenziwe kulena kanti nayo iqokelwe ukusingatha imidlalo yeFIFA Confederations Cup ka-2009. Iyona kuphela eyakhiwa iqalwa phansi.
I-ROYAL BAFOKENG SPORTS PALACE
Rustenburg (North West Province)
Umthamo wayo: 42 000
Ibhajethi: R147-million
Ukuqedwa kwayo: December 2008 (Esimiswe yiFIFA: December 2008)
Imidlalo yeWorld Cup: Emine yomjikelo wokuqala nowodwa womjikelo wesibili
YINHLE kunazo zonke ezweni emva kokwakhiwa kwayo ngo-1999 kodwa izolungiswa ukuze ifeze izidingo zeFIFA. Kuzokwengezwa olayini ababili bezihlalo elevelini yesibili namabhodi amasha okubhala amagoli nezibani. Kuyodlalelwa imidlalo yeFIFA Confederations Cup ka-2009 kuyona.
I-DURBAN STADIUM
Durban (KZN)
Umthamo wayo: 70 000
Ibhajethi: R1.83-billion
Ukuqedwa kwayo: May 2009 (Esimiswe yiFIFA: October 2009)
Imidlalo yeWorld Cup: Eyisithupha yomjikelo wokuqala, owodwa womjikelo wesibili nowodwa we-semi-final
YAHLANGABEZANA nezinkinga zomthetho ingakakhiwa kodwa konke sekuhamba kahle. Kungenzeka kubanjelwe kuyona imidlalo yama Olympics ngoba inendawo yokugijima, kanti indlela ezokwakhiwa ngayo izoyenza ibalwe kwamahle kakhulu kwazosingatha imidlalo yeWorld Cup ka-2010.
I-PETER MOKABA STADIUM
Polokwane (Limpopo)
Umthamo wayo: 46 000
Ibhajethi: R716-million
Ukuqedwa kwayo: March 2009 (Esimiswe yiFIFA: October 2009)
Imidlalo yeWorld Cup: Emine yomjikelo wokuqala
KUNINGI okuzolungiswa kule nkundla. Kuzofakwa uphahla olusha ngasentshonalanga kwengezwe olayini bezihlalo abangu-20.
Isimo sesihamba kahle emva kwezinkinga zezimali.
IMBOMBELA STADIUM
Nelspruit (Mpumalunga)
Umthamo wayo: 46 000
Ibhajethi: R875-million
Ukuqedwa kwayo: March 2009 (Esimiswe yiFIFA: October 2009)
Imidlalo yeWorld Cup: Emine yomjikelo wokuqala
NAYO lena isuse umsindo emva kwezinsolo zomkhonyovu wokukhishwa kwamathenda, umcimbi owadla u-R1.45-million kuthakaselwa ukwakhiwa kwayo kanti maduze nje kusuke umsindo mayelana nokuthi ngubani ongumnikazi wendawo ezokwakhiwa kuyona. Ukwakhiwa kwayo kusaqhubeka. [z]
Ngabe zobe sezilungile?
BONA ZULU – March 2008
Indlela ebheke ku-2010
NGENHLA: I-Soccer City izolungiswa kanti umsebenzi osuwenziwe kuyona usuhambe kakhulu.
KWESOBUNXELE: Ukuncoma kwethu akusho ukuthi sichemile kodwa sithi u-2010 uyoshaya elaseThekwini linenkundla enhle kunazo zonke ezweni.
BONA ZULU – March 2008
u
t
Inkundla yaseThekwini ingasingatha imidlalo yama-Olympics
lnkundla yaseCape Town ibe sematheni kakhulu, kodwa izinto zisahamba kahle okwamanje.
BONA ZULU – March 2008
