zulu.2959.defenders
Ibhola alidluli
lapha!
Ezebhola noBONA
BONA ZULU – April 2006
U-MICHAEL MANZINI
(33) weMamelodi Sundowns
YIQHAWE eselidlalele iSundowns amasizini amaningi leli ebeliphike nokwenza umsebenzi walo kuphela lingajahe kuduma ngezinye izinto.
Uthi ubuwazi? UManzini wabonakala okokuqala eqenjini lakhe ngesikhathi kudlalwa ifayineli yeBob Save Super Bowl ngoJuly 1998 lapho iSundowns yayibhekene khona nePirates kanti uziqhenya kufanele ngendondo ayithola kulowo mdlalo wakhe wokuqala ngqa ngokuwina kwabo.
U-FABIAN McCARTHY
(29) weKaizer Chiefs
LO MDLALI wasemumva owayedlala kwiBafana Bafana unesandla esikhulu ekuqiniseni udonga lwamaKhosi yize noma esebuye avumele ukuhluthukelwa yinhliziyo kule sizini.
Uthi ubuwazi? U-Fabian ongowokuzalwa eVryburg uyisihlobo sikaBenni McCarthy.
Sinazisa ngabadlali basemumva abahlanu abahlonishwayo eSA…
indaba nguMARK GLEESON
izithombe ngabeTOUCHLINE PHOTO
U-TIMOTHY BATABAIRE
(24) weBloemfontein Celtic
KUMBALWA iBloemfontein Celtic engaziqhenya ngako kule sizini kodwa isiqongqwane somdlali wayo wasemumva esinguBatabaire yisona esenza ukuba abalandeli baleli qembu bahleke bodwa
Uthi ubuwazi?
U-Batabaire wayesezame inhlanhla emaqenjini ambalwa eSouth Africa ikhono lakhe lagcina libonwe yiBloemfontein Celtic adlala kuyona manje.
USIBONISO GAXA
(22) weSuperSport United
UNAMANDLA uyazimisela kanti ukuzethemba kwakhe kumenza abe ngumdlali wasemumva onegama eSA. Usebonakale kaningana kwiBafana.
Uthi ubuwazi? UGaxa waba ngomunye owawina umklomelo we-man of the match ngokubambisana, edlala okokuqala ngqa kwiBafana ibhekene neCape Verde Islands ngoJune nyakenye.
BONA ZULU – April 2006
U-WILLEM JACKSON
(34) weSilver Stars
ESINYE sezizathu esenza ukuba iSilver Stars idlale kahle kule sizini yigalelo lomdlali wayo wasemumva onguWillem Jackson esibone izimanga zakhe esenesikhathi eqalile ukudlala emva kokunqoba ukulimala nokugula kwakhe.
Uthi ubuwazi? U-Jackson wadlala kwiBafana Bafana okokuqala ngesikhathi ibhekene neFrance ngo-1997 ephunga oThierry Henry noZinedine Zidane.
