ZULU.2958.teenapr
BONA ZULU - April 2008
Esikubona uma sizibuka esibukweni akusilo iqiniso - kanti ukucabanga ukuthi sikhuluphele asibukeki kahle kungenza sithathe izinyathelo eziyingozi. Kodwa akunzima ukuthanda umzimba wakho nendlela obukeka ngayo...
UBONGI uneminyaka engu-16 isisindo sakhe ngu-60kg. Ucabanga ukuthi akamuhle, ukhuluphele kanti unesiqiniseko sokuthi akucabangayo kuyikona ngempela. Isibuko esimtshela lokho.
Akusiwo amantombazane kuphela anale nkinga! Abafana nabo bayazibuka esibukweni babone izici.
Le nkinga iyaphambana nesasikuzwa kuqala.
Ngesikhathi sokubusa kweLembe, iNkosi uShaka, umuntu omkhulu ngomzimba wayehlonishwa. Ngeminyaka yo-1970 lwalungekho uvalo lokuthi usomabhizinisi onomkhaba uzoguliswa wubukhulu bakhe njengoba kwenzeka manje. Umkhaba wawumnika isithunzi kubonakale ukuthi uyasutha.
Kuqale ekupheleni kweminyaka yo-1960 ukuthi ukuba nomzimba omncane kukhuthazwe emibukisweni yefeshini emhlabeni jikelele.
Ngisho noma kungathiwa babukeka kahle "ukukhuluphala" noma "ukuba nomzimba omncane," ngisho noma abantu bangaba nemibono ehlukene ngokuthi umzimba onjani omuhle - leso sihloko singabuye sisidingide ngesinye isikhathi. Akusho lutho futhi ukuthi uBongi "ukhuluphele" noma "mubi" yini.
Okumqoka wukuthi yena uzibuka kanjani, uwubuka kanjani umzimba wakhe, imphatha kanjani indlela abukeka ngayo nacabanga ukuthi abanye abantu bambuka ngayo.
Eqinisweni cishe bonke abantu - abesilisa nabesimame - kukhona abangakuthandi ngemizimba yabo.
"Amantombazane avame ukuhlushwa yindlela imizimba yawo ebukeka ngayo kunabafana," kusho udokotela owaxoxisana noFat Charlie.
"Ucwaningo lukhomba ukuthi abafana abagxili ekubukekeni kwemizimba yabo nasekutheni babukeka kanjani njengamantombazane." Okunye osekutholakele wukuthi amantombazane aneminyaka eyisishiyagalolunye akhombisa ukungagculiswa yimizimba yawo.
NgokukaDkt uVincent Iannelli, indaba yokubukeka komzimba ingaba yinkinga ebafaneni ngesikhathi bezama ukubhekana nezinguquko ezenzeka emzimbeni bahehwe yizithombe zabesilisa abondleke kahle ababonakala emaphepheni bafise ukufana nabo.
Ukuzihlupha ngomzimba wakho kuyingxenye yokukhula.
Uma usuthombile, umzimba wakho uyashintsha kanti kufanele ukuba uyazise indlela obukeka ngayo. Kodwa kukhona abantu abakhala ngemizimba yabo baze bangafuni nokuzibuka esibukweni.
Okungeyikho
Uma ingabagculisi indlela ababukeka ngayo bazipanisha ngokungadli noma badle ukudla okungayisizi ngalutho imizimba yabo.
Ngisho noma abakwenzayo kungenamthelela emizimbeni yabo, abayicabangeli impilo yabo. Abazi noma kufanele badle yini noma bangadli, bazivocavoce noma bangazivocavoci noma bangazihluphi nokuzihlupha ngalezo zinto.
Okubuhlungu wukuthi uma ungawuthandi umzimba wakho awube usakubona okuhle ngawo.
Ukubukeka kwemizimba yethu kuncika kwesizitshela kona.
Njengoba esikubonayo kugcina sekuyinto esiyikholwayo, kungenzeka kube okungesikho.
Lokho kwenzeka kanjani? Izingane zihamba ezinyathelweni zabazali bazo. Uma umama wakho ehlushwa yisisindo somzimba wakhe, makhulu amathuba okuthi nawe uhlushwe yisisindo sakho.
Kuba buhlungu kakhulu uma ehlale egxeka indlela obukeka ngayo!
Ontanga yakho bangaba nomthelela ekubukekeni komzimba wakho. "Lokho kuyenzeka uma intombazane ingena ekuthombeni sekungontanga abamqoka kakhulu," kusho uDkt. Claudia Rappl onguchwepheshe kwezithinta izinkinga zokudla.
Ama-movie, ama-show eTV, amaphephandaba nezikhangiso nakho kunendima okuyidlalayo kule nkinga uma ubheka indlela abesimame (nabesilisa) abavela kulezi zinto ababukeka ngayo. Sibabheka sicabange ukuthi kukhona okushodayo ngathi.
Ukubukeka kwethu kubuye kube nomthelela ekuzethembeni kwethu. Uma sicabanga ukuthi sibabi asizethembi. Uma ungazethembi uyazenyeza.
Emva kwalokho awube usazi ukuthi yini oyifunayo nokuthi yini ongayenza ukuze usizakale.
Ukuba ngcono
Iphuzu elimqoka uFat Charlie okufanele aligcizelele elokuthi uma ungakhululekile ngomzimba wakho ungaphathwa yi-anorexia noma i-bulimia izifo ezidalwa wukungadli kahle. Ziyingozi lezi zifo kanti zidinga ukwelashwa ngokushesha.
Kodwa akusho ukuthi yilezi zifo ezenza ukuthi abantu babe nemizimba engabukeki kahle. Nakhu ongakwenza ukuze uguqule indlela obukeka ngayo ube ngcono...
Yeka! Yeka ukuzibukela phansi. Khumbula uFat Charlie akutshele kona: awusikho lokho okubonayo! Cabanga ngezinto ezimbi ozicabanga ngawe. Ngabe ungazisho lezo zinto kumngani wakho? Pho uzisho kanjani kuwena?
Lalela. Kungenzeka ucabange ukuthi omunye umuntu unomzimba omuhle kunowakho kodwa uma umlalela uzozwa ukuthi kunezinto angazithandi ngomzimba wakhe. Uma ubona ukuthi lezo zinto akhala ngazo azinankinga, kuhle lokho! Lokho kumele kukukhombise ukuthi sizikhohlisa kangakanani ngokubukeka kwemizimba yethu.
Ungazihluphi. Akukho soka lingenasici! Ngeke ube nomzimba ofana nowomkhangisi - pho uzihluphelani? Mazingakuhluphi izinto ongenamandla okuzishintsha.
Ungakholwa! Uyababona abakhangisi nabadlali? Ababukeki ngale ndlela ababukeka ngayo! Bathola usizo lochwepheshe bezobuhle ngaphambi kokuba bavele kwi-camera. Kukhona nabantu ababasiza ekulolongweni kwemizimba yabo ukuze bahlale bebukeka kahle.
Laba bantu besimame obabona emaphephabhukwini, izithombe zabo ziyalungiswa ngaphambi kokuba zikhishwe kuwona. Ubuso babo buvezwa ebhukwini bungasashwabene, bungenamabala bungenazisihla.
Bavezwa kithina njengabantu okufanele babe yisibonelo esihle kodwa iqiniso lithi abasiyo lento esibabona beyiyona!
Khululeka. Ngabe sikhona isidingo sokuba uzihluphe kangaka ngongakuthandi emzimbeni wakho? "Noma yini ogxila kuyona noma oyibona iyinkinga igcina isiyinkinga enkulu," kuchaza uDkt Rappl.
Khululeka ngendlela obukeka ngayo ngoba akekho umuntu okunakile.
Ungazikhohlisi. Unomzimba owodwa, wunakekele. Ukuthanda umzimba wakho nokwazi ukuthi ngeke ube nomzimba omncane - akufani nokungazinakekeli. Ukudla kahle nokuzivocavoca kuhle. Alikho ikhambi eledlula lelo.
Owesimame ozihlupha ngokuthi yini ayidlayo ukuze ajabulise isoka lakhe elifuna abe nomzimba omncane ngeke kuphele isikhathi eside enalowo mzimba omncane ngoba akwenzayo ukwenzela ukujabulisa omunye umuntu.
Okokugcina...
Okokugcina, thandani eniyikona nenze izinto ezijabulisa nina hhayi abanye abantu. Qaphela okudlayo uze ubuyele esisindweni somzimba osifunayo. Ungakudli ukudla okungenamsoco!
Uma ungowesilisa ubona kufanele ukuba ukhuphule isisindo somzimba wakho - iya ejimini noma wenze ucwaningo uthole indlela ongazivocavoca ngayo ezokusiza ukuze umzimba wakho ubukeke kahle.
Khumbula lokhu - sonke singabukeka kahle uma siyamukela indlela esibukeka ngayo. [z]
Thanda umzimba wakho
U-FatCharlie
BONA ZULU - April 2008
u
t
BONA ZULU - April 2008
Ukuba nomzimba obukeka kahle akufani nokungazinakekeli
