zulu.2957.brother
UDABA LWEMPUMELELO
Indlela ongenza ngayo umehluko!
Sesike sawezwa lawa mazwi esikhathini esedlule - intsha yanamuhla iyisizwe esilahlekile iyanhlanhlatha. Ayazi ukuthi ifunani, ayinathemba ngekusasa. Kodwa kubukeka sengathi uhlelo olusha luzosiza ngokukushintsha lokho... indaba nguSteve Makhanya
INHLANGANO engatholi nzuzo ebizwa ngeBig Brothers Big Sisters Of SA (Bigs) isiza izingane ezidinga usizo empilweni ezibizwa ngamaLittle ngokuzinika amavolontiya azinika izeluleko ezifanele kanti bachitha ihora ngesonto kuze kuphele unyaka.
Ukukhuliswa ngendlela efanele kumqoka kakhulu kumuntu osakhula ngoba kubandakanya ukuthola izeluleko kumuntu omdala ofunde okuningi ngempilo. Sonke siba nabo abantu abasinika iziyalo ezinhle - abazali bethu nabadala esizalwa nabo, omalume no-anti kanye nogogo nomkhulu, othisha nabefundisi.
Kodwa ziningi izingane ezimdibi munye nabantu abangaziphethe kahle ezithola izeluleko ezingakhi.
Amavolontiya eBig Brothers Big Sisters asiza lapho. Izitshudeni, izingcitha-buchopho noma asebethathe umhlalaphansi, bachitha isikhathi nelungu leLittle balisize ukuze lizihloniphe, lizazise lihloniphe abanye. Lobu budlelwane buba nomthelela omuhle.
Lolu hlelo lwaqala eMelika ngo- 1904. E-South Africa izinhlelo zokuba luqalwe ezenziwa ngokubambisana kukaKhomishana wamaPhoyisa, abe-Education and Social Services nabanye zaqala eCape Town ngo-2001, eGauteng ngo-2002 naseKZN ngo-2005.
"Uyamangalisa umsebenzi esiwenzile," kusho uNadine Mason, ongumdidiyeli walolu hlelo eGauteng.
"Sithole imiphumela emihle esikhathini esincane nje siqale ukwenza lo msebenzi.
"Kulo nyaka sizovula ihhovisi ePE ukuze kusizakale nabantu base- Eastern Cape."
Ngubani ongaba yiBig"
"Abantu abaneminyaka engaphezulu kuka-18 bangavolontiya," kusho uMason. "Kufanele uphathe ifomu yokucela ukuba yilungu enamagama abantu abathathu abakwaziyo. Emva kwalokho siyakuhlola ukuze sithole ukuthi uthandani, yini oyifunayo nokuthi ukulungele yini ukusebenza kulolu hlelo.
"Kuzodingeka ukuba uvume ukuthi kubhekwe ukuthi uhlalaphi."
Emva kwalokho amalungu eBigs enza izifundo zokuqeqeshwa izinsuku ezintathu. Kulolo qeqesho kugxilwa endimeni okumele amalungu ayidlale nasezintweni okumele azenze, afundiswe ngokuzethemba, ukuxhumana nabantu, ukwakha ubudlelwane, amagugu nokuhlukana kwamasiko.
Kubuye kubanjwe nama-workshop okudingida izihloko ezinjengokusetshenziswa kwezidakamizwa, ukudlwengula nokuhlukunyezwa ngokocansi, ukuxazululwa kwezinkinga nendlela yokubhekana nesehlo esinzima.
Obani laba ababizwa ngeLittle"
Lapha kushiwo ingane eneminyaka ephakathi kuka-6 no-18 ethathwa njengedinga usizo engasizakala uma ithola umuntu ozoyakha abe yisibonelo esihle kuyona.
Ukuhlangana kweBig neLittle ngosuku lokuqala kubizwa nge- "Match Day." Lapho bathola ithuba lokwazana, banikane izinombolo zocingo bahlele ukuba baphinde babonane.
Emva kwalokho, uhlangana nalowo oyiLittle yakho isikhathi esingangehora, kanye ngesonto kuze kuphele unyaka. Kokunye, ubudlelwane benu buthatha isikhathi eside.
"Sinamalungu eBig asethathe amalungu eLittle azikhulisela wona," kusho uMason.
Uma uyilungu leBig usiza eleLittle ekwenzeni i-homework, noma ulihlomise ngamakhono amasha, nidlale - kodwa kugcizelwe kakhulu iphuzu lokwakha ubungani phakathi kwakho nelungu lakho.
"Sesike sahlangana nezingane ezikubonayo ukubaluleka kokuphila zibhekane nomhlaba," kusho uMason. "Amamaki azo aba mahle kanti kuyabonakala ukuthi zisendleleni eya empumelelweni."
Kodwa kunenkinga ekhona - ukushoda kwabesilisa abamnyama abazokhuthaza intsha.
Niyazizwelake nani bafowethu, sukumani. Yisikhathi sokuguqula impilo yabantu lesi! [z]
NGEMINYE IMINININGWANE
Shayela ku-011-475-4660.
