zulu.2956.consumernew
e-cellphone?
Uyawazi amatemu
WAP. 3G. GPS. GPRS. Digital zoom. Ngabe udidekile? Funda la matemu ukuze ungadlali abadayisi abajahe imali…
ININGI lethu linama-cellphone elingakwazi ukuwasebenzisa. Ucwaningo lwakamuva lukhomba ukuthi cishe sonke siyazi ukuthi ama-camera asetshenziswa kanjani kanti abane kwabahlanu bayazi ngamaMMS, kodwa bangaphansi kwengxenye abanolwazi nge-3G, WAP neGPRS.
Ngabe yikuphi okubalulekile nokungabalulekile? Nansi incazelo yamagama okungenzeka uzwe esetshenziswa umuntu odayisa ama-cellphone…
■ I-BLUETOOTH: Ngayo uyakwazi ukuphendula ucingo noma uzwe okukhala kwiPC yakho usebangeni elingu-3m. Isetshenziswa nasezindaweni ezinjengama-shopping malls uma bekuxwayisa ngokuthile noma bekunika imininingwane ethile. Khumbula ukuthi iyavulwa ukuze isebenze.
■ I-DIGITAL ZOOM: Lokhu kuyindlela yokwandisa isithombe kwi-cellphone sibe sikhulu ngokusebenzisa ikhomphyutha. Isithombe asibonakali kahle uma usenze saba sikhulu kakhulu. Ukuze sibe sihle udinga i-optical zoom lens – kodwa ayenzi ukuba i-phone ibe nkulu.
■ I-GPS: Lena yi “Global Positioning System” esebenza nge-satellite ukuze uthole indlela kalula uma ulahlekile. Kodwa ayisebenzi ngokufanayo kwiNokia, ukwenza isibonelo kufanele ungene kwi-server ube neWAP ocingweni lwakho. Uyakhokha ngokuyisebenzisa kodwa lokho kuncike esivumelwaneni onaso. Kwamanye (anjengeHTC), ungakwazi ukukhokha kanye kudingeke ukuba ube neSIM card kuphela.
■ I-LCD: I- “Liquid Crystal Display” yi-screen esenza ukuba isithombe sibonakale kahle.
■ I-MICROSD: Ingena endaweni eyakhelwe yona ocingweni ukuze ivuselele i-memory kanti ungayikhipha noma uyishintshe.
■ I-MP: Le yi- “megapixel” ekala isikhala sesithombe kwi-cameraphone. Iyona elawula usayizi wezithombe ongazishutha nekhwalithi yazo uma ufuna ukuzi-printer – i2MP ikahle uma ufuna ukuthumela izithombe ngeMMS noma nge-e-mail; i5MP yintsha uma uyiqhathanisa ne-8 kuya kwi-10MP ekulawo ma-camera azimelayo.
■ I-MP3: Lena yi-file format eyenza ukuba ugcine ubuye udlale umculo. I-MP4 yintsha, iphucukile kanti ikunika i-digital video.
■ I-PICTURE ID: Uyakwazi ukufaka isithombe noma umfanekiso enombolweni yomuntu kuvele isithombe uma eshaya ucingo.
■ I-PUSH E-MAIL: Uma unayo uthunyelelwa i-e-mail ocingweni ungazi noma ungazange usethe ucingo.
■ I-TOUCHSCREEN: Lesi yi-screen esisebenza ngokucofa ngomunwe noma ngento yokubhala eyisipesheli. Ingenza ukuba i-phone ilimale kalula.
■ I-TV OUTPUT: Yenza ukuba izithombe ezisocingweni zibonakale kwiTV kusetshenziswe ikhebuli eyisipesheli.
■ I-WAP: I- “Wireless Application Protocol,” yenza ukuba uthole iWeb ocingweni lwakho. [z]
Indaba: Patricia McCracken
EZABATHENGI
OKUSHESHA KAKHULU!
Usuzwile nge-3G, ngabe iyini? I-3G ubuchwepheshe obusha bama-cellphone obuthatha indawo ye-2.5G. Izosiza umthengi ngokumnika izinto eziningi angazenza kubandakanya nokusebenzisa i-Internet ngendlela esheshayo afake nokuthile kwi-phone.
Nakhu okuhambisana ne3G…
■ I-GPRS: I-“General Packet Radio Service” ayifani neGPS kanti yenza izinto zisheshe ngokukhipha imininingwane ngokushesha. Lokhu kuzoba wusizo kakhulu eSA lapho imali oyikhokhela i-Internet incika esikhathini osichitha kuyona.
■ I-EDGE: “I-Enhanced Data For Global Evolution” ithumela izinto ngokushesha kuneGPRS. Isebenza ezingxenyeni ezisemadolobheni amakhulu eSA.
■ I-HSDPA: Iyashesha kune-EDGE. Ikhuphula izinga lokufaka izinto ngokuphindwe kahlanu kwi-phone yakho. Ukuyithola kuncika ocingweni lwakho nakwi-network oyisebenzisayo.
