zulu.1256.yourfamily_child
Sixoxa nodado
Ukubhekana nengane eshayayo nelumayo
Siyazi ukuthi uzomangala ukuzwa ukuthi ukuba nolaka kuyinto ejwayelekile ekukhuleni kwengane yakho. NgokukaDokotela Rone Thomas, ongudokotela wezingane, ukushaya nokuluma yinto ejwayelekile eyenziwa odado. Kodwa lokho akusho ukuthi lokhu akufanele kukuhluphe.
Tshela ingane yakho ukuthi ukuba nolaka akwamukelekile uyikhombise ezinye izindlela zokuzwakalisa imizwa yayo.
Ezinye izeluleko:
Uma ingane yakho ithatha amabhola e-play centre ishaye ezinye izingane ngawo, yithathe uphume nayo.
Hlala nayo phansi nibukele ezinye izingane zidlala. Yichazele ukuthi izodlala nezinye izingane uma isizimisele ngokudlala nazo hhayi ukuzizwisa ubuhlungu.
Ungayibuzi imibuzo efana nethi: "Ungathanda yini uma ezinye izingane zikushaya ngebhola?"
Yehlisa umoya ngoba ukuthetha, ushaye noma utshele ingane yakho ukuthi ayilungile ngeke kuyiyekise ekwenzayo. Izodinwa kakhulu. Ukwehlisa umoya kuzoyifundisa ukuthi kuhle nayo yehlise owayo.
Ungahleki uma ingane yakho iluma noma ishaya ezinye.
Uma ingane yakho iluma yisho lawa mazwi uqinise izwi: "Wukuluma lokho, akulungile!" noma uthi "Yeka leyo nto!" Uma niyidlanzana, susa ingane yakho kulelo dlanzana.
Yichazele ukuthi ukuluma nokushaya kuzizwisa ubuhlungu ezinye izingane uchaze nokuthi kungani ungakuthandi ukuziphatha kwayo.
Yisho into eyodwa
Yitshele owayitshela kona phambilini uma yenza okufanayo. Ngale ndlela izohlala yazi ukuthi uthini ngezenzo zayo.
Zibambe ungathethi ngisho noma ekwenzayo ikwenza niphakathi kwabantu. Ungakhathazeki ngoba nabanye abazali bayasazi isimo obhekene naso.
Funa usizo
Kokunye ulaka lwengane ludinga okungaphezu kwalokho umzali angakwenza ngokukaDkt. Thomas. Uma ingane yakho ivame ukuba nolaka, uma isabisa noma iphatha kabi ezinye izingane khuluma nodokotela wakho. Angakuyalela umeluleki noma udokotela wezingane ongakusiza. Ningathola umnyombo wokuziphatha kwengane niyisize.
Khumbula, ingane yakho isencane. Uma uba nesineke, maningi amathuba okuthi ulaka lwayo lube yinto edlulayo. [z]
Hlobo luni lwezilwane ozithandayo kanti uzitha-ndelani?
Ngithanda ibhubesi nengwe ngoba nami ngifana nengwe.
Kodwa lezo zilwane ziyingozi. Awuzesabi?
Cha, umama uzongithengela isithuthuthu kanti ingwe ngizoyidonsa ngamadlebe ngibaleke ngesithuthuthu sami.
Unganginika amagama amasizini amane?
Eyodwa sengiyikhohliwe.
Yihlobo, wubusika, yintwasahlobo, yinkwindla.
Uthe uyikhohliwe eyodwa kodwa nakhu uwasho womane...
Ngiyazi kodwa ngibuye ngikhohlwe.
Yikuphi ukudla okuthandayo?
Yinkukhu nesipinashi.
Bangaki omongameli baseSA?
Angikhumbuli.
Ubani umongameli wethu?
NguMandela, Thabo Mbeki noZuma.
INGANE YAKHO
Kule nyanga sixoxa no-Onalerona Lerefolo waseModikwe eNorth West oneminyaka emihlanu
Uma ufuna "sikhulume" nentombazane noma nomfana wakho omncane, bhalela kuleli kheli: BONA/Kidspeak, Box 473014, Parklands, 2121. Sinike iminyaka yengane yakho ufake nesithombe sayo nenombolo yocingo esizokuthola kuyona.
UMZALI ONGUSAZIWAYO
U-Arthur Mafokate, umculi nophrojusa ongusaziwayo, uxoxisane nathi mayelana nongakwenza ukuze ingane ilungele ukuhlinzwa
INKOSI yomculo we-kwaito u-Arthur Mafokate, okwadingeka ukuba indodakazi yakhe u-Owami iyohlinzwa inhliziyo eminyakeni embalwa edlule, useluleka ngokuthi yikuphi akwenza elungiselela ingane yakhe ngokomoya ngesikhathi iyohlinzwa.
Okokuqala khuluma nabangani, izihlobo nodokotela ukuze uthole imininingwane egcwele ngokuzokwenziwa enganeni.
Chazela ingane ukuthi ihlinzelwani uyinike isiqiniseko sokuthi izoba ngcono emva kokuhlinzwa.
Yichazele ukuthi uzobe ukhona uma isiphapheme.
Ukuze uthembeke enganeni, ungayitsheli okungekona.
Izingane zikholwa wukuthi ukugula nokuhlinzwa kwazo kuyisijeziso ngokungaziphathi kahle. Kungenzeka zingakusho lokho kodwa zingacabanga ukuthi zinecala zizitshele ukuthi yizona eziyimbangela yokwenzeka kuzona.
Ulwazi olwengeziwe ngabe-kidshealth.org.za
Nihlanganiselwe nguKamogelo Sebola
