zulu.2953.bec success-tips
NJENGABO BONKE abantu bakuleli, uCharles Ndabeni naye wakhuliswa ogogo nomkhulu, umama wakhe enza umsebenzi wokusiza ezindlini. Wazalelwa eFlorida e-ningizimu ntshonalanga yeGoli, wakhulela e-Uitkyk, okuyisabelo esincane esise-nyakatho ntshonalanga eGroot Marico.
Ukufunda kwakhe eBekkersdal kwamcija kakhulu kwezepolitiki nasekukwazini ukuhlalisana kahle nabantu. “Ngaba nenhlanhla ngathola imfundo ephambili eyayikhona ngaleso sikhathi.”
UCharles uyichaza kanje imfundo yakhe: “Sasinothisha ababezinikele emsebenzini wabo bezimisele ngokuba sibe nekusasa eliqhakazile. Ababekwenza kwakunika isithombe sokuzigqaja ngokuba ngumAfrica.”
Emva kuka-matric amathuba omsebenzi ayemvelela awakwazanga ukumnika imali yokuqhuba imfundo yakhe. Waba ngomunye owaba yisitha sobandlululo.
Wahlala cishe isikhathi esingangeminyaka emibili ejele laseKrugersdorp emva kokushaywa koMthetho weSimo esiBucayi ngo-1985.
Esekhululiwe ngo-1989 wajoyina iSouth African Council of Churches (SACC) njengeJustice and Reconciliation National Fieldworker eyayizinze eKhotso House eGoli. Iminyaka emihlanu ayichitha nabeSACC yamakha kakhulu ngasemkhakheni wezobuholi.
Waba nenhlanhla yokusebenzisana nabantu abafana no-Archbishop Desmond Tutu, Dkt Frank Chikane, Dkt Beyers Naude ongasekho, Saki Macozoma, Joe Seremane noDkt Brigalia Bam, nabanye abaningi.
Abantu ababeyingxenye yethimba leJustice and Reconciliation ngaphansi kweSACC, abafana noJoyce Mokoena, Eddie Makue, Sol Tsotetsi ongasekho, Mncedisi Siswana noReverend Gift Moerane, baba nesikhulu isandla ekumakheni.
Ngalesi sikhathi, wathola ithuba lokukhuthaza ukuthula ezindaweni ezazikhungethwe wudlame ezifana noThokoza, Vosloorus, Bekkersdal, nasendaweni eMamaphakathi neKZN (Midlands) nakweyayaziwa ngokuthi yiBophuthatswana.
Ukusebenzela abeSACC kwakumnika ithuba lokuhambela amazwe akwelase-Africa nawaphesheya. Kuyena lokhu kwakuyisikhathi sokupholisa amanxeba, sothando, sokubekezela nesokuzithuthukisa.
Ngo-1994 uCharles wasebenzisana nabe-IEC okhethweni lokuqala loMbuso weNtando yeNingi, wachitha unyaka eyi-Eisenhower Fellow eMelika. Ngalesi sikhathi wakwazi ukuthuthukisa amakhono akhe kwezokuxhumana, ezokudala ukuzwana nokwakha uxolo.
Kule ndlela aseyihambile, okumhlaba umxhwele ukuzithoba ngenkulu inhlonipho kukaMongameli Mbeki nabantu bakuleli abakhombisa ukwethembeka nomoya wokuxolela kanjalo nomphakathi waseMatlooang ePotchefstroom nowaseGoedgevonden eVentersdorp abamfundisa isisho sesintu esithi “Umuntu ngumuntu ngabantu,” esichaza ukuthi,
“Uyilokhu oyikho ngabantu abaseduze kwakho”.
Ngo-1996 wajoyina abeNorth West Parks and Tourism Board njengeMenenja jikelele kwezezimakethe nokuthuthukiswa kweDepartment of Agriculture, Conservation and Environmental Affairs. Umsebenzi wakhe ubandakanya ukwenza isifunda sakhe enye yezindawo eheha abavakashi kuleli nokuthuthukisa ezezimakethe kuleli nankwamanye amazwe omhlaba.
Ngalesi sikhathi waphothula i-diploma yakhe kwi-business administration. NgoJuly 2003 waqokwa njengoChief Executive Officer wabeNorth West Parks and Tourism Board.
Okumakhayo yindlela abantu bakuleli abakhombisa ngayo ukulangazelela ikusasa eliqhakazile kanjalo nezwe lase-Africa njengoba neNEPAD isiyamukelwe kwi-African Union. Ukholwa wukuthi ezokuVakasha zinekusasa elihle nomthelela omuhle ezimpilweni zabantu bakuleli.
UCharles ushade no-Olebile banezingane ezimbili.
BONA ZULU – February 2006
UNGUMHOLI KWEZOKUVAKASHA
UCharles Ndabeni – i-CEO yeNorth West Tourism
Indlala, ijele, izidubedube nokwehlukana nomndeni wakhe, akuzange kumenze angaphumeleli
Taste the Soul of Africa… Taste Success with Mageu Number 1
IMIKLOMELO yabeMageu Number 1 Small Business yenzelwe ukukhuthaza ithuthukise amabhizinisi amancane kubafundi beBONA.
Umncintiswano uzodonsa izinyanga ezingu-12 - waqala ngo-October 2005 kanti uyogcina ngo-October 2006. Abayofinyelela kumafayineli zinyanga zonke bayophuma kuBONA. Abawinile bayomenyezelwa emcimbini ophambili ngoNovember 2006 eGoli.
Ungakhohlwa wukufaka i-barcode yeMageu Number 1 emngenelweni ngamunye ufake nayo yonke imininingwane yakho. Kuzodingeka futhi ufake olunye ulwazi lwezamabhizinisi njengobungako bebhizinisi lakho, indawo oliqhubela kuyo, uchaze nokuthi lenzani. Ngabe udayisa ukudla noma une-spaza shop noma okunye? Amafomu okungenela neminye imininingwane ngale miklomelo ungayithola kwi-website yethu ethi: www.empowermentclub.co.za [z]
BONA ZULU – February 2006
IZELULEKO ZIKA-CHARLES:
1 Ukuxhumana nabantu
2 Ukuxhumana nabaholi.
3 Sebenzisa amathuba.
4 Khumbula isisho sesintu esithi, “Umuntu ngumuntu ngabantu,” esichaza ukuthi “Uyilokhu oyikho ngabantu abaseduze kwakho.”
5 Thembeka ebhizinisini.
6 Kholelwa ekuthuleni.
7 Zama okungakuphumelelisa.
