zulu.2951.rape
Kuyilungelo lakho ukuzivikela
BONA ZULU - June 2006
Ukudlwengula:
Ukubika ngokudlwengulwa
Sisizwe iPeople Opposing Woman Abuse (POWA) ukuze sihlanganise lo mhlahlandlela:
1 Ungabika kunoma yisiphi isiteshi samaphoyisa uma udlwenguliwe - asikho isidingo sokuthi kuze kube esiseduze kwakini noma esiseduze kwalapho isigameko senzeke khona.
2 Sekuke kwezwakala imibiko yokuthi kukhona amaphoyisa angafuni ukuthatha izitatimende noma ukuvula amadokodo abesimame abadlwenguliwe nabahlukunyezwayo - kodwa ngokwePOWA, iphoyisa akufanele linqabe ukuvula idokodo.
Uma neCharge Officer ingakusizi, cela ukukhuluma nongaphezulu kwayo noma uStation Commander.
3 Ungatatazeli uma wenza isitatimende sakho. Yiba nesikhathi sokukhumbula konke okwenzeka ukhiphe imininingwane egcwele.
4 Uma okudlwengulile ake akushaya noma wakudlwengula futhi wakubika lokho, kusho nalokho ukuze amaphoyisa abheke i-case number, amarekhodi okwelashwa namagama ofakazi.
5 Yiba nesiqiniseko sokuxhumana nodokotela kahulumeni ukuze uhlolwe. Ungagezi ungakamboni udokotela ngoba ngokugeza ungabulala ubufakazi obumqoka.
6 Ungakasuki esiteshini samaphoyisa, yiba nesiqiniseko sokuthi:
Uyalazi igama lesiteshi samaphoyisa
Uyalazi igama lomphenyi wecala
Uyayazi i-case number
Unayo nenombolo yocingo ozoyishayela ukuze uzwe ukuthi icala lihamba kanjani.
Ukudlwengulwa bekuyinto ebuhlungu eyehlisa nesithunzi somuntu - kodwa manje sekukhulunywa olunye udaba, ungafa ngenxa yeHIV/AIDS
kufana nokubulala
indaba nguPATRICIA McCRACKEN
KWAKUTHI akahayize akhale amemeze. Umzimba wakhe wawuthuthumela egodola libe likhipha umkhovu etsheni. "Ngangingazi ukuthi ngizokwenzenjani," kusho yena.
Owesimame esizombiza ngelikaNomusa wayekulesi simo emva kwesigameko esibuhlungu esamehlela ezinyangeni ezingu-18 ezedlule. Wayesendleleni eya ekhaya emva kosuku ayeluchithe esuphamakethe ayesebenza kuyona. Njengenhlalayenza, wayehamba nomakhelwane wakhe.
Kuthe engazelele, lo makhelwane wamdonsela endaweni emnyama engase-high school ababefunda kuyona. Wabeka ummese emqaleni kaNomusa wamdlwengula.
"Kungiphatha kabi ukuthi akukho engakwenza ngaleso sikhathi ukuze ngizivikele, angizamanga nokubaleka," kusho uNomusa. "Ngazizwa nginamahloni ngabona sengathi umndeni wami ngizowufaka ehlazweni uma ngiwubikela lolu daba."
Usanda kujoyina inhlangano enabantu abake badlwengulwa abamxhasa ukuze akhohlwe yisigameko esamehlela.
Sekuyamkhanyela ukuthi ngokuphumela obala uzokwehla umthwalo osemahlombe akhe. Kodwa akulula ukuthi uNomusa asheshe akhohlwe okwamehlela. Sonke leso sikhathi ehleli eshaya sengathi akwenzekanga lutho wayengazi ukuthi usezinika isigwebo sokufa.
Ukuthula kukaNomusa kwamlahlekisela ngethuba lokuphephisa impilo yakhe ngoba manje uHIV-positive nokuyisifo esasingeke simphathe.
Unelungelo lokuziphephisa
NgokukaSister Dudu Mofokeng wenhlangano ebizwa nge-Ukuba Nesibindi yakwaLifeLine ekuWarwick Triangle eThekwini, ukuze umuntu angabambeleli esigamekweni esimehlele kumele enze lezi zinto ezimbili:
n Zitshele ukuthi ungumnqobi. Kungadingeka ukuba uthole ukwelulekwa kanti kuhle nokuxhaswa umndeni nabangani
n Engakapheli amahora angu-72 udlwenguliwe, ungaqala ukusebenzisa ama-antiretroviral akuvikela kwiHIV. Ama-antiretroviral ungawathola kudokotela kahulumeni emva kokubikela amaphoyisa ngokudlwengulwa, noma uwathole esikhungweni sabasiza abadlwenguliwe (shayela abeLifeLine noma abeStop Gender Helpline ucele isikhungo esiseduze nawe).
U-40 percent wabesilisa abaneminyaka engu-20 no-29 uneHIV/AIDS ngokwezibalo ezikhishwe abePeople Opposing Woman Abuse (POWA). Yingakho nje kusemqoka ukuthi abadlwenguliwe babe nesibindi bacele usizo.
Kuyilungelo lakho ukuthola amakhambi azokuvikela kwiHIV uma udlwenguliwe ngokomgomo wabezempilo kuzwelonke ngakhoke akufanele ungalutholi lolu sizo.
Lolu sizo aluyi ngokuthi ulubikile yini udaba lwakho emaphoyiseni noma cha kodwa ngokuwabikela, udluliselwa kudokotela kahulumeni nokuyinto engenza kube lula ukuthi uthole amakhambi.
Ukwelashelwa ukudlwengulwa
U-Sister Mofokeng nozakwabo basiza abesimame abangu-30 ngenyanga, kulabo kukhona nabaneminyaka engu-50 abasuke bedlwenguliwe. Okusho ukuthi ngosuku babona umuntu oyedwa odlwenguliwe eThekwini nje kuphela.
"Osuke edlwenguliwe uyadideka aphatheke kabi," kuchaza umeluleki we-Ukuba Nesibindi uBongiwe Thusi, "siyamsiza ukuze alapheke kulobo buhlungu abuzwayo.
"Emva kwalokho usengabuya kaningi ngokuthanda kwakhe ukuze simxhase simeluleke. Kwabanye abantu lokho kuthatha izinyanga eziyisithupha kuya onyakeni kanti kwabanye kungaba yiminyaka embalwa."
"Osinde ekudlwengulweni kufanele akhulume ngako angaphezi ukuze angalokhu ecabanga ngako," kuchaza okhulumela iPeople Opposing Woman Abuse (POWA). "Kungenzeka azibeke icala, adideke abe namaphupho amabi.
"Okuhle wukuthi ugcina elaphekile uma exhaswe ngendlela efanele."[z]
Okufanele ukwazi ngokudlwengulwa nokuzivikela kwiHIV
Sasizwa i-AIDS Law Project ekuhlanganiseni lo mhlahlandlela:
1. Bikela amaphoyisa ngokudlwengulwa kwakho engakapheli amahora angu-72, wona azokuxhumanisa nodokotela kanti ungaya nasesikhungweni esisiza abadlwenguliwe esiseduze nawe.
2. Cela ama-antiretrovirals azokuvikela kwiHIV - abizwa ngama-post-exposure prophylaxis noma PEP.
3. Uzolulekwa ngokuba wenze i-test yeHIV - uthole nokwelulekwa ngokuthi isho ukuthini i-test ngaphambi nangasemva kokuyenza.
4.Kufanele uthole i-starter pack sePEP esinamaphilisi ozowaphuza izinsuku ezintathu usalinde imiphumela yeHIV.
5. Uma kutholakala ukuthi uHIV positive, yeka ukusebenzisa iPEP ubuze ukuthi yini ongayisebenzisa.
6. Uma uHIV negative, khumbula ukuthi usengaba nayo iHIV uma uyeka imithi yePEP. Yiba nesiqiniseko sokuthi uthola imithi ozoyisebenzisa izinsuku ezingu-28.
7. Kungenzeka ikugulise imithi yePEP, ungaphathwa yikhanda, ukhathale, uqubuke, ukhishwe yisisu noma uphathwe inhliziyo encane. Kodwa ungazifaka engozini enkulu uma uthatha isinqumo sokuwayeka ngaphandle kwesekuleko sikadokotela.
8. Ngisho noma usuyiqedile imithi yePEP, kusazodingeka ukuba wenze ama-test amabili eHIV - emva kwamasonto ayisithupha, uphinde wenze enye emva kwezinyanga eziyisithupha wenze eyokuqala.
Buza nge-morning-after pill ezokuvikela ekukhulelweni ucele namaphilisi azokusiza ezifweni zocansi.
BONA ZULU - June 2006
Izinombolo ezizokusiza
LifeLine: 08612-322-322
Child Line: 0800-055-555
POWA: (011) 642-4345/6; ngezikhathi zasemva komsebenzi 083-765-1235
AIDS Helpline:
0800-012-322
Stop Gender Violence Helpline: 0800-150-150
