zulu.2950.aya
'Uthando olokwabelana'
U-Aya esemdlalweni. "Ngimatasa ngokomsebenzi wami kangangoba anginaso isikhathi sothando.
BONA ZULU November 2008
ISIHLABANI
Uzibiza ngo"Sistah Of Love" kanti izihlabani zaseSA zimvulela izifuba zazo njalo ngamaSonto...
Indaba nguDoug Gordon
UNGAKUNAKI okubhalwa emaphepheni - yisohlelweni luka-Aya Mpama olubizwa ngeSoul Sundays oluba ngamaSonto kuSABC 1 lapho uzozwa khona konke ngezihlabani zakho.
Iyaluthanda uhlelo lwayo le ntokazi.
"Ukuzwa ukuthi yiziphi izingoma zothando ezithandwa yizimenywa zami kwenza ingxoxo yethu ibe mnandi," kusho le ntokazi eneminyaka engu-24.
"Ukubezwa becula izingoma zabo kwenza ukuba sinabe kabanzi ngazo size sithinte nempilo yabo yangasese."
Ngalokho usuke engahlosile ukuzwa okubi noma amahlazo ngabo - kodwa usuke ekhombisa ukuthi uthando yinto yokwabelana.
"Uthando luyinto edinga nabelane ngayo," kusho u-Aya.
Kodwa uthi yena uyozihlanganisa nezothando uma esehlanganise iminyaka engu-30.
"Ngifuna ukugxila emsebenzini wami. Ngimatasa anginasikhathi sabesilisa," kusho yena.
Uma esesothandweni ufuna ukuzinikela ngokuphelele kulona.
"Ngithanda amaSMS othando akitazayo, izimbali noshokoledi.
"Umuntu oyothandana nami kuyodingeka ukuba angitotose."
Akuthanda kakhulu u-Aya othandweni yilezo zinto enizenza njengezithandani: ukuya ema-restaurant, nidle niziphuzele iwayini; nibukele ama-video nilalele umculo eniwuthandayo.
"Yingakho nje ngikuthanda ukushayela iSoul Sundays. Angithandani namuntu okwamanje kodwa ngizwa ngezimenywa zami ukuthi kuyinto enjani ukuba sothandweni," kusho u-Aya.
Uthi kukhona abantu ake azicabange ethandana nabo.
"Ngike ngicabange ngithandana nabesilisa engingakaze ngibabone abanjengoL'il Wayne ocula i-hip-hop noma uSiyabonga Ngwekazi weReal Goboza. Umcabango wokuthandana naye wangifikela ngisese-varsity yena ekwiStreet Journal.
"Manje sengimazi kahle kanti singabangani kodwa sengadlula kuleyo micabango."
Uhlelo lwakhe uthi lungumthombo wentokozo kanti lugxile kuma-video. Lwaqala ngoMarch nyakenye kanti luzodonsa unyaka.
OHLWINI lwezimenywa zakhe kunosaziwayo bakuleli abangavamile ukuvula izifuba zabo ngempilo yabo - njengoSimphiwe Dana, DJ Sbu, Ntando noKatlego Danke.
"Ngenza ikhofi namakhekhe sihlale phezu komsebenzi," kusho u-Aya ongazange abe namahloni okubuza kuSbu ukuthi ukushona kwengoduso yakhe kwaba namthelela muni emculweni wakhe, nokuthi ngabe ukwehlukana kukaSimphiwe nesoka lakhe kwayishintsha kanjani indlela abhala ngayo izingoma zakhe.
"Ngamangala ngizwa ephawula ngesoka lakhe nezingane zakhe, kwangithokozisa ukubona ukuthi uyangithemba," kusho u-Aya.
Ukuthembeka kwakhe kuchaza ukuthi izihlabani zethemba nababukeli beSoul Sundays ababalelwa esigidini.
Ababukeli bashaya ucingo babuze imibuzo kubantu abasohlelweni bacele nama-video clips abaculi be-soul, jazz neR&B ababedume eminyakeni engu-40 edlule.
Ukwaziwa kwakhe embonini yezikaqedisizungu kwenza angabi namahloni okukhuluma nosaziwayo - ungumculi osafufusa owasayina isivumelwano sokuqopha ngokulala kwakhe isibili emncintiswaneni
wama-Idols.
"Ngazi abaculi abanjengoLoyiso noLira ngenxa yokusebenza nabo," kusho yena.
"Kodwa uChomee yena bengingakaze ngihlangane naye. Ngake ngambona esteji egqoke izimpahla zakhe ezimbambayo kanti nganginovalo lokuthi engxoxweni yethu kuzovela izimanga.
"Kwaba njalo ngempela. Waphawula nge-homework nangama-assignments ezifundo zakhe ze-media."
U-AYA uyazi ukuthi ukukhalipha kubaluleke ngaphezu kobuhle. Wazalelwa eSwazini wafunda eThekwini. Izifundo zomculo neze-drama wazenza e-University Of Natal.
Ama-Idols amvulela indlela kwezomculo ngo-2005. Uzakhele igama emculweni we-jazz/soul nge-albhamu yakhe ethi A State Of Aya.
Ufunwa ezindaweni eziningi azocula kuzona kuleli hlobo ngenxa yeSoul Sundays. "Angikabi sezingeni lezihlabani ezingosaziwayo kodwa ukubonakala kwami masonto onke kwiTV kwenza abantu babe nolwazi ngami," kusho yena.
"Ngangingalindele ukuduma ngokushesha okukhulu kangaka. Ababukeli beSoul Sundays abafani nabalandeli bomculo wami - bayangibingelela uma sihlangana emgwaqweni nasemasuphamakethe sikhulume ngengoma yothando engake ngayidlala nangodaba abake bezwa siluxoxa."
Kuyenzeka ohlelweni lwakhe bakhulume ngento ezomkhalisa.
Kukhona umama owake washaya ucingo wacela ukuba adlale ingoma kaChristina Aguilera ethi Hurt ekhala ngendodakazi yakhe eyashona engozini yemoto.
"Lolo daba lwangithinta kakhulu," kusho u-Aya. "Olunye olwangikhalisa olwentombazane eyayikhuleliswe wumfana owayilahla emva kokuzwa ukuthi isikhulelwe. Yayinethemba lokuthi i-video engangiyidlala izolibuyisa isoka layo.
"Uthando aluphethi ngokuhlangana komfana nentombazane. Izindaba zethu ziveza amaqiniso ngeSA - ziveze ubumnandi bokuthola utho nosizi lokulahlekelwa osukutholile.
"Yilokho okwenza ukuthi lolu hlelo ludabukise lubuye lube mnandi. Lezi zinto zombili ziyahambisana." [z]
"Ngike ngicabange ngithandana nabesilisa engingakaze ngibabone."
"Izindaba zethu zisinekela isithombe esiyiso ngeSouth Africa - injabulo yokuzuza nobuhlungu bokulahlekelwa," kusho u-Aya.
BONA ZULU November 2008
