zulu.2948.yourlifeguide_motivation
ABAZALI bami babengamaKholwa bezinikele kuNKULUNKULU. Sasithandaza kabili ngosuku, ekuseni nakusihlwa. Sasiya esontweni nsuku zonke kanti ngeke ngikhohlwe mhla bengishaya kunguLwesithathu ngoba ngingayanga esontweni ekuseni ngalolo suku.
Kwathi lapho sengifunda ekolishi sengenza izinto ngokuthanda kwami, ngaMhlubuka UNKULUNKULU.
Ngangingasalubhadi esontweni ngamaSonto. Ngangiwasha ngenze imisebenzi yami.
Njengomuntu omusha, ngangenza noma yini engiyithandayo.
Kodwa phezu kwalokho ngangisafuna ukwakha ubudlelwane obuhle noNKULUNKULU. Ngangingazi ukuthi lokho ngizokwenza kanjani ngaphandle kokuya esontweni ngizame ukuziphatha kahle.
Kuningi engangizijabulisa ngakho ngichitha isizungu. UkuKhonza iNkosi kwakubukeka ku 'bhora'.
Onyakeni wesibili ngisekolishi, ekilasini lethu kwakunomfundi owayengazenzi izinto esasizenza.
Wayengaphuthelwa wukuya esontweni engahlukani neBhayibheli.
Phezu kwalokho, wayebukeka eyithanda into ayenzayo. Wangimema wathi asiye enkonzweni ukuze ngizibonele ukuthi benzani.
Lokho kwaba wukuqala kwami ukubuyela kuNKULUNKULU. Sekuphele iminyaka engu-20 ngihamba le ndlela kanti ngeke ngisabheka emuva.
Ngaqala kulowo nyaka ukwakha ubudlelwane noJesu Khrestu kanti lokho kumqoka kakhulu empilweni yami. Impilo yami ishintshile. Ngizimisele ukuyiphila kuze kube phakade.
Ake ngikutshele ukuthi yini ongayenza ukuze uvuselele ubudlelwane bakho noMdali.
UMENZI WEZINTO ZONKE UFUNA UKWAKHA UBUDLELWANE NAWE!
Yinto yokuqala leyo okumele uyazi. UNKULUNKULU Mkhulu kunomhlaba ngoba wawudala. Kodwa Ufuna ukuxhumana nawe. Akakubizelanga ekwenzeni izinto zesonto - Ukubizele ekutheni umkhonze.
Ufuna ukuhamba nawe, ukukhuluma nawe Akunike isiqiniseko sokuthi Ungowakhe.
Ufuna ukufeza izidingo zakho. Ufuna uqale ukhulume Naye ekuseni ukuze ezwe izidingo zakho.
Ufuna ukukuHolela ensindisweni.
KULULA KABI UKUBUYELA KUNKULUNKULU
UNKULUNKULU uqale wasenzela okulukhuni wasishiya nokulula. Vuma ukuthi uyamdinga nokuthi ngaphandle Kwakhe uyisoni. Kholwa wukuthi uJesu wafa wavuka njengoba kusho umbhalo. Vuma ukuthi uJesu uyiNkosi ubusa impilo yakho.
THEMBEKA
Uma ukholwa ngokwethembeka kukhona izinto ezizokwenzeka empilweni yakho. Okokuqala, uzozwa ubumnandi ongeke ubuthole kulo mhlaba noma obungapheli.
Izwi leNkosi lithi: "ubumnandi obungachazeki." Intokozo incika ezintweni ezenzekayo, kodwa lolu hlobo lwentokozo, intokozo yangempela, luncike ebudlelwaneni bakho noNKULUNKULU.
Okwesibili, uzoba noxolo okokuqala ngqa empilweni yakho. Uxolo alusho ukungabi nazinkinga, uxolo luyisibonakaliso sokuba noNKULUNKULU.
Lolu xolo esikhuluma ngalo aluchazeki. Wuxolo olukwazi ukubhekana nokufa, olushabalalisa ukweswela nolungashaywa yindlala.
Kunoxolo oluvela kuNKULUNKULU, olukaNKULUNKULU noxolo noNKULUNKULU.
Okwesithathu, uzobona umehluko ezintweni ozidingayo nozilangazelelayo. Angikhulumi ngokudla neziphuzo kodwa ngikhuluma ngezinto ozenzayo.
Uzozizwa ungakhululekile ngezinto owawuzenza uthande izinto owawuthi ziya 'bhora'
Uzoshintsha uqale impilo entsha.[z]
SIYAKUKHUTHAZA
Masibuyele kuJEHOVA
Kunoxolo olu-vela kuNKU-LU-NKULU, oluka-NKULU-NKULU noxolo noNKU-LU-NKULU
Impilo oyiphila uxhumene noMdali wakho yimpilo ecebile nemnandi ongayiphila
