zulu.2942.diabetes
Amasu amasha namakhambi kwenza kube lula ukulawula isifo sikashukela - kodwa siyabulala uma ungasinakile
"Kusemahlombe ami ukunakekela impilo yami," kusho uShaleen Surtie-Richards. "Udokotela ungumeluleki wami."
U-SHALEEN Surtie-Richards odlala kuma-soapie, kanye noMntwana wakwaPhindangene uDkt. uMangosuthu Buthelezi bahlukene kakhulu - kodwa kukhona into esemqoka kakhulu ebahlanganisayo. Bobabili sebephile isikhathi eside kakhulu bephethwe yisifo sikashukela.
Sonke sesike sezwa ngaso, kodwa ngabe siyini"
Lesi sifo sithinta i-glucose kanye namanyikwe (pancreas). I-glucose iluhlobo lukashukela kanye ne-carbohydrate emqoka emzimbeni - amanyikwe wona aseduze kwezinso kanti akhiqiza i-insulin eyikhemikhali ethumela umlayezo kuma-cells omzimba ukuba amukele i-glucose edingekayo ukuze abe namandla.
Umuntu uphathwa yisifo sikashukela uma edla ukudla okunama-carbohydrates kakhulu kugcine sekunqwabelene i-glucose eningi egazini ngenxa yokuthi amanyikwe asuke engasenamandla okusebenza kahle engasayikhiqizi i-insulin eyanele.
Ngesikhathi umzimba wakho uzama ezinye izindlela zokukhuculula i-glucose egazini, izinga layo lingehla lenze ushintsho lube yingozi emzimbeni wakho. Ukudla ngokuzinakekela, uvocavoce umzimba nokusebenzisa imithi yokudambisa lesi sifo kungasiza kwehlise izinga le-glucose egazini bese kugwemeka le nkinga.
Ngeshwa lesi sifo sesande kakhulu ngoba abantu badla bangazivocavoci ngokwanele ngokukaPhrofesa uFrancois Bonnici, oyinhloko yezokwelashwa kwesifo sikashukela e-University Of Cape Town naseGroote Schuur Hospital abuye abe ngumongameli weSA Diabetic Association.
Bangaphezulu kuka-246 million abantu abanesifo sikashukela emhlabeni - kanti bangu-4 million abadala abafa minyaka yonke bebulawa yilesi sifo.
Lesi sifo sizolucekela phansi uhlelo lwezempilo lwaseMelika eminyakeni engu-10 ezayo uma uhulumeni wakhona engathathi izinyathelo ezisheshayo ekulweni naso, ngokusho kukaMichael Brown oyi-clinical manager eCentre for Diabetes And Endocrinology eGoli - kanti eSA sisasalele ngemuva ezinhlelweni zokwelapha.
"Bangu-3,5 million abantu abanalesi sifo kuleli lizwe," kusho yena. "Siyazi ukuthi isibalo sabanaso siyakhula kanti nohulumeni uzithele ngabandayo ekuxazululeni le nkinga."
Ingozi yesifo sikashukela
"Okushaqisa kakhulu wukuthi ingxenye yabantu abanesifo sikashukela ayazi ukuthi inaso," kusho uPhrofesa uBonnici.
Njengoba umuntu oyedwa kwabangu-12 esengozini yokuphathwa yilesi sifo, akekho ongaba neqholo lokuthi uphephile kusona. U-Shaleen wathola ukuthi unaso emva kokuquleka phambi kwabantu ngesikhathi enza i-show yakhe ngo-2000.
"Uma i-glucose esegazini lakho ingekho esimweni esifanele ithikameza ukusebenza kwamakhemikhali emzimbeni yenze nokuba umoya wakho unuke," kuchaza udokotela. "Ungahamba udiyazele kube sengathi udakiwe."
Abantu abasanda kutholakala ukuthi banesifo sikashukela bazizwa benomzwangedwa bafune usizo, ibaphatha kabi nemigomo ababekelwa yona mayelana nempilo okufanele bayiphile.
Abanye baze bacabange ukuthi baqalekisiwe ngalesi sifo. Kodwa umuntu akanawo amandla okukuqalekisa ngokuthi ube naso.
Ukumelana nesifo sikashukela
Lesi yisifo ongasilawula ngokuzijwayeza uhlelo lokudla ozolusebenzisa nsuku zonke kokunye usebenzise imithi. NgokukaPhrofesa Marin Abrahamson oseHarvard University, eMelika, lesi sifo singagwemeka uma abantu abakhuluphele behlisa isisindo somzimba ngo-5% bazivocavoce njalo.
Uhlobo lwalesi sifo abantu abaningi abalwaziyo - ongalulawula ngokujova nsuku zonke - uType 1.
Kulolu hlobo isiguli sijova nge-insulin ukuze i-glucose ingayitholi intuba yokungena kuma-cells emzimbeni kunalokho umzimba uzame ukukhipha leyo-glucose engadingeki ingene emchamweni.
Uma umuntu onalesi sifo engakutholi ukwelashwa, angaquleka afe.
Uhlobo lukaType 1 luvame ukuhlasela abantu abangakayihlanganisi iminyaka engu-30 ngokusho kukaPhrofesa uBonnici, kanti luhlasela umuntu oyedwa kwabangu-10. U-Type 2 uphatha abayisishiyagalolunye kwabangu-10 - imbangela yalezi zinhlobo zesifo sikashukela ihlukene kanti nokwelashwa kwazo kuhlukene.
U-Type 2 uvame ukuphatha abantu abakhuluphele abaneminyaka engaphezulu kuka-30 - kodwa ngokusho kwakhe, lolu hlobo seluphatha nentsha nezingane ezineminyaka eyisishiyagalolunye ngenxa yoshintsho ekudleni okudliwa eSA.
Izindaba ezinhle kwabanalolu hlobo lwesifo sikashukela ezithi singalawuleka kalula uma beshintsha indlela abadla ngayo bazivocavoce njalo. Uma sebebadala kungadingeka ukuba basebenzise amaphilisi noma imijovo.
"Esikhathini esedlule besizama ukungabaniki imithi yokudambisa lesi sifo abanoType 2 kanti siqale ukubanika imithi emva kwesikhathi eside kakhulu," kusho uPhrofesa Abrahamson. "Kodwa imithi esiyisebenzisa manje ingcono kakhulu ayinangozi kanti kulula nokuyisebenzisa.
"Abanohlobo lukaType 2 sisheshe sibanike imithi ukuze isifo singadali umonakalo emzimbeni."
Isifo sikashukela siyalawuleka aselapheki. Kusemqoka ukulandela uhlelo oluthile lokudla ukuze ulawule izinga le-glucose egazini uphuze nemithi okufanele uyiphuze.
Phila kahle
"Abantu babephatheka kabi uma kutholakale ukuthi banalesi sifo ngoba kwakuthiwa mabangakudli ukudla okunjengophuthu, isitambu, irayisi, i-butternut namazambane," kusho uHlengiwe Mdletshe onguchwepheshe kwezokudla osebenza esibhedlela saseKing Edward VIII eThekwini. "Kwakubaphatha kabi ukuthi akufanele badle ukudla okunezinongo noma usawoti."
Kodwa ngokocwaningo kutholakale ukuthi kuyasiza ukuhlanganisa izinhlobo zokudla okuhlukahlukene ukuze ekudleni kwakho kube khona nokuqukethe ama-carbohydrates agayeka kalula esiswini asesitambini ne-butternut.
"Ungadla isitambu nobhontshisi, uphuthu nesitshulu sama-veg, isitshulu senyama namazambane neklabishi nokungukudla okudliwa wumndeni wonke," kusho uHlengiwe.
Yidla ukudla okungenawo amafutha amaningi ukuze ungabi nesifo senhliziyo ngokukaHlengiwe.
Nonga ukudla ngogaligi, upelepele, i-paprika, u-curry powder, u-green pepper, i-celery no-anyanisi ungawufaki usawoti.
Abantu abanalesi sifo bakhuthazwa nangokuthi mabadle izithelo ezintathu ngosuku. Bangaphuza inkomishi kajusi wezithelo ngosuku nezingilazi ezimbili zophuzo oludakayo.
"Kusemqoka ukuthi ubonisane nodokotela noma nochwepheshe wokudla ngohlelo lokudla ozolusebenzisa," kusho uHlengiwe. "Khumbula ukuthi akufanele uphuze utshwala weqise ngoba ushukela wakho uyakhuphuka."
"Ngike ngilingeke ngidle u-chocolate ngoba ngiyafa ngawo!" kusho uShaleen Surtie-Richards. "Kodwa ngiyazi ukuthi akufanele ngiwudle kakhulu.
"Nsuku zonke ngizikhumbuza ukuthi udokotela ungumeluleki wami nomsizi wami - kusemahlombe ami ukunakekela impilo yami kanti sengibonile ukuthi ngingasinqoba lesi sifo ngenxa yolwazi enginalo!" [z]
NGEMINYE IMINININGWANE xhumana nabeDiabetes SA ku- 011-886-3765.
Ngizosinqoba isifo sikashukela!
indaba nguPATRICIA McCRACKEN
Ezimayelana nempilo
Ngabe unesifo sikashukela"
Xhumana nodokotela wakho noma nomtholampilo ngokushesha uma uma unezimpawu ezintathu noma ngaphezulu kulezi ezilandelayo - kungenzeka zikhombe ukuthi unesifo sikashukela:
Ukoma kakhulu
Ukuchama njalo uchame kakhulu kunakuqala
Ukuphelelwa mandla ukhathale
Ukwehla kwesisindo somzimba
Ukuzizwa ungaphathekile kahle
Ukuba nenkungu emehlweni
Ukubaba kwesikhumba
Izilonda eziphuza ukuphola
Ukukhuluphala ngokweqile
Ukuhlushwa yizifo
Ukulamba kakhulu
Ukuba ndikindiki kwezinyawo noma ukukitaza kwezinyawo nezandla.
Uchwepheshe onolwazi ngokudla angakusiza ekushintsheni indlela odla ngayo uma unesifo sikashukela.
u
t
Uma ukhuluphele kungasiza ukwehlisa isisindo somzimba ngo-5%
Isifo sikashukela singalawuleka ngokwehlisa isisindo somzimba.
Ukugwema isifo sikashukela
E-SA, abantu abaMnyama, amaNdiya namaKhaladi abasengozini yokuphathwa yisifo sikashukela. Ziphephise ngale ndlela:
Kala ukhalo lwakho - uma kowesilisa lungaphezulu kuka-102cm noma kowesimame lungu-88cm, yehlisa isisindo somzimba wakho ngo- 5%
Zivocavoce imizuzu engu-30 ngosuku, izinsuku eziyisithupga ngesonto
Gwema ukudla okuthosiwe neziphuzo ezihlohlozayo.
