zulu.1249.yourlifeguide_heaven
USIZO LOMPHEFUMULO
UMfundisi uGeorge ukunikeza izimpendulo zokomoya ezinkingeni zakho
Ngikhulelwe ingane yenye indoda
Ngishadile kodwa ngikhulelwe ingane yenye indoda. Ngaba nephupho elithi mangitshele umyeni wami ukuthi le ngane akusiyo eyakhe. Ngizosithathaphi isibindi sokutshela umyeni wami udaba olubucayi kangaka?
Owesabayo, Middelburg
Dear Wena owesabayo: Qikelela ukuthi umtshela kanjani, nini umyeni wakho. Uma unomfundisi noma ikhansela okungabantu enibahlonipha nobabili, cela izeluleko. Akukuhle ukuphila nalokhu kungathembeki.
Ngabe umthandazo ungayelapha i-AIDS?
Ngi-HIV-kanti kungenzeka ngisheshe ngiqale ukusebenzisa ama-ARVs. Omunye engimaziyo naye o-HIV uthi yinye kuphela into engasiza...umthandazo nokuthi akufanele ngisebenzise ama-ARVs. Ngabe uqinisile?
Okhathazekile, Waterkloof
Dear Wena okhathazekile: Sebenzisa zonke izikhali UNKULUNKULU Akunike zona - lokho kubandakanya imithi yokwelapha efana nama-ARVs nomkhuleko. Sebenzisa yonke into oyaziyo ukulwa nezifo. UMdali usifuna siphila.
Ngabe umsebenzi kaNKULUNKULU uyakhokhela?
Nginothando lokusiza abantu futhi ngifuna nokuba ngumfundisi kodwa umndeni wami uthi ukusebenzela ibandla kuzongenza ngihlupheke ngoba ayikho imali. Ngabe lokho kuliqiniso?
Jonas V, East London
Dear Jonas: Ngothando lokufuna ukusiza abantu, lokho akusho ukuthi UNKULUNKULU Ukubizela ekutheni ube ngumfundisi. Kungenzeka ukuthi Ufuna wena ube ngusomabhizinisi ozokwazi ukunikelela abampofu. Cela uMdali Akukhanyisele. Uma unobizo ngokwenkolo, nakhu okufanele ukwazi: ukuba ngumfundisi ngumsebenzi omnandi kunayo yonke emhlabeni.
Ngabe kuhle ukuba yisicebi?
Yimi kuphela emndenini okwazile ukuphumelela. Nginebhizinisi elingenza ngikwazi ukuphila impilo ephezulu. Kodwa mina ngizizwa nginecala ngokuceba. Ngabe uMdali Uthini ngobucebi?
Patrice M, Joburg
Dear Patrice: USolomon yindoda eyayicebile eyake yaphila kulo mhlaba (1 Kings 3:13), uJobe yena kwakuyindoda enkulu kunawo wonke eMpumalanga (Job 1:3), u-Abraham wayeyindoda eyayicebe ngemfuyo, isiliva negolide (Genesis 13:2) - uJesu wayenomgcini-mafa (akekho umuntu ompofu ofuna i-accountant!). UNKULUNKULU Uyakuzonda ubuphofu kangangoba Ufuna ukusebenzisa wena ukuze ubuqede.[z]
NGISIZE NGAZI NGOKUZILA KOKUZITHIBA
Bengibhekene nezinkinga umngani wami wathi isimo sizokuba ngcono uma ngizila ngizibopha ngebhande lokoMoya.
Angikaze ngikwenze lokhu, futhi angazi ngingaqala kuphi.
Okunye: Ngabe ukuzila kuzongisiza kanjani?
Sarah, Cape Town
Dear Sarah: UJesus wathi ezinye izinkinga zinganqotshwa ngokuzila ukudla nokuthandaza (Matthew 17:21).
Qala ngokuba wedlulwe yibhulakifesi uchithe isikhathi esiningi ukhuleka ufunda neBhayibheli.
Emva kwalokho zama ukuba wedlulwe wukudla kabili. Uma umzimba wakho usukujwayela ukungadli, usungazama ukuba sebhandeni isikhathi eside.
Zehlukene izindlela zokuba sebhandeni. Ukuphuza amanzi kuphela nokudla izithelo yizindlela ezimbili ezijwayeleke kakhulu.
Khumbula: ngeke uphile ngaphandle kwamanzi. Kungenzeka futhi ube sebhandeni ngokuba ungadli lutho ungaphuzi lutho ngezikhathi ezithile - mhlawumbe phakathi kuka-6 ekuseni no-6 ntambama.
Noma ungaba sebhandeni usuku olulodwa masonto onke.
Okufanele ukwazi wukuthi akufanele uze uzibeke engcupheni yokugula.
Uma kade ugula, qale uthole kahle kudokotela ukuthi ungaba yini sebhandeni.
SONDLA UMPHEFUMULO
Ngizi-zwa ngine-cala ngoku-ceba
Write to
Pastor George:
Heavenly Help,
Box 473014,
Parklands, 2121
