zulu.293.yourceleb_athome
Indawo eyithemba lami
Wangena kuleli khaya engenalutho emva kokudivosa, kodwa manje uCarol Manana ongumethuli wezemidlalo kwa-SABC useyaziqhenya ngaleli khaya elisendaweni yabezambane likapondo eGoli
Ngasekupheleni kuka-2006 kuya ku-2007 kwakuyisikhathi esinzima kimina. Udadewethu washona washiya umfana wakhe esemncane, nami ngadivosa nobaba wamadodana ami amabili kwadingeka ukuba ngiyohlala kwenye indawo entsha ekubeni zizincane izimpahla okungezami.
Ngahamba namadodana ami uJoel (ona-7 manje -), uSolly (ozoba neminyaka emithathu), uMpho indodana kadadewethu (ona-6 manje), Ngangine-TV nombhede kuphela kule ndlu entsha enamakamelo amane. Kwaba nomehluko omkhulu kimina sengingedwa, ikakhulu ngidlula kulokhu bunzima nalezi zingane. USolly wayesemncane nokwakwenza kube nzima kakhulu.
Indlu yayingenalutho kodwa okuhle wukuthi ngangikhululekile. Kwakuyisiqalo sethu esisha kodwa izinto zaphinde zalunga ngokushesha.
Ngakhetha le ndawo ngoba iseduze kwazo zonke izinto. Izingane kulula zifinyelele ezikoleni eziphambili eduze neSandton futhi kuphephile.
Okubalulekile kimina ngekhaya wukuba kube yindawo ephephile emndenini wami nami, sizipholele sibe ndawonye sikwazi nokuqhamuka nemicabango emihle nephusile. Okuhle engikukhumbulayo ngokuhlala lapha yingesikhathi mina nomndeni wami sindawonye sinebhrayi ngoDecember nyakenye.
Abomndeni babephuma ezweni lonkana, izihlobo esazigcina kudala, sabhukuda kwaba nenkulu intokozo. Ngifisa sengathi ngingaba nesikhathi esiningi sokungcebeleka ngihlanganyele nabantu: ilokho engizimisele ukukwenza ngokuzayo.
Okwamanje ngithanda ukuchitha isikhathi sami ngipheka ekhishini ngenze i-lasagne ne-oxtail. Uma ngingasebenzi, isikhathi esiningi ngisichitha nezingane zami.
Sizichithela isikhathi esiningi egumbini lokuphumula (lounge) sibuka ama-games. Ama-movie ngiwathanda kakhulu, yingakho ngine-system esezingeni eliphezulu okuyi-plasma screen TV. Uma ngibuka indlu yami nezinto esenginazo, ngibona sekukuningi esengikuzuzile - kusukela sisahlala phansi singenalutho. Ngijabule kakhulu ngaleli khaya lami.
Indaba: Ntokozo Maseko
Izithombe: Peter Whitfield
SISEKHAYA NO-BONA
1. Le ndawo iphephile kangangoba abafana (kusuka kwesobunxele) uJoel, Solly noMpho bangazidlalela emgwaqweni.
2. UCarol uthi ukhetha ukuzihlobisela ngemibala ezothile ehambisana nanoma yini.
3. Bonke bayawathanda ama-movie kanti lo msakazo yiyona into ebiza kakhulu uCarol aseke wayithenga selokhu angena kulo muzi.
4. Ukuzinika isikhathi esanele nezingane kubandakanya ukudlala ama-games amaningi kwiPlayStation.
5. Selokhu uCarol ajoyina iSABC ngo-2000 miningi imiklomelo aseyizuzile.
6. UCarol upheka i-pasta emnandi kangangoba izingane ziyakhalaza uma ezenzela ipapa noma irayisi.
7. UJoel leli yikamelo lakhe kodwa unomunye umbhede wabangani uma kwenzeka bemvakashela.
