ZULU.2939.yourceleb_joseph
Ikhaya
LOMCULO
Ziningi izindondo eseziwinwe nguJoseph Shabalala neqembu lakhe iLadysmith Black Mambazo kanti sebehambele amazwe omhlaba. Ayikho indawo emphatha kahle njengekhaya lakhe eliseThekwini eKloof
"Angiyijwayele ikhamera," kuncokola uJoseph Shabalala emi ngaphandle ekhaya lakhe eliseKloof, eThekwini.
SISEKHAYA NOBONA
SEKUPHELE iminyaka eyevile kwengu-10 sihlala kuleli khaya kanti elinye liseLadysmith. Kodwa uma ngingekho kulona angicabangi ngalo - ngicabanga ngabantu engibashiye kulona.
Ngicabanga ngonkosikazi wami uThoko, izingane zami nabazukulu abanjengoNtando ohlala nathi nangabantu abasisiza emsebenzini wethu nasenkonzweni.
Kokunye uma sesihambe isikhathi eside, sicela imindeni yethu ukuba isivakashele bese sizizwa sisekhaya.
Ngo-1958, ngisengumpheki eGuineafowl Hotel eLadysmith, ngangingazi ukuthi ngiyogcina nginekhaya elinjengaleli elinekhishi elihle engingasasitholi isikhathi sokupheka kulona manje! Kodwa unkosikazi uyathanda ukupheka. Mina ngithanda inkukhu yakhe erostiwe.
Wakhetha ifenisha nemihlobiso yekhaya lethu walenza laba nentokomalo.
Endaweni evulekile ongenela kuyo (hallway), usebenzise imibala egqamile njengo-violet no-orange, kanti kwezinye izindawo usebenzise imibala ezothile.
Ungabona kalula ukuthi ngihlala kuleli khaya ngisho noma ungalibonanga igama leLadysmith Black Mambazo emasangweni angaphambili. Kukhona izinto ezikhomba ukuthi umculo uyingxenye yaleli khaya nezithombe ezinjengaleso esathwetshulwa mhla iNyuvesi yaKwaZulu ingihlonipha ngeziqu zobudokotela emcimbini owawuseCity Hall eThekwini.
Abantu abasivakashelayo bayamangala uma bebona igalaji lethu - kulona sifake izihlalo netende!
Lezo zinto sizisebenzisa uma siyoshumayela. NginguMbhishobhi ebandleni leChurch Of God In Africa kanti kuyiphupho lethu ukuhlanganisa wonke amabandla.
Uma ngisekhaya, kuhlala kukhona abantu. Namuhla sivakashelwe abashumayeli nabazalwane obezwa becula.
Maduze nje sizokwakha isikole somculo esikade salangazelela ukusakha eLadysmith - lokho kuzombula elinye ikhasi elihle emlandweni wethu. [z]
Indaba: Patricia McCracken
Izithombe: Sally Chance
U-Joseph ephethe enye yamaGrammy asewinwe yiqembu lakhe kanti esithombeni kubonakala ezinye izindondo asebeziwinile.
"Ezintweni esazithenga ekhaya lethu, yilo mbhede engiwuthanda kakhulu," kusho uThoko unkosikazi kaJoseph.
Imihlobiso yezimbali ezinhle nezinto eziyizikhumbuzo zomculo wabo ziyaliqhakazisa ikhaya lakwaShabalala.
U-Joseph Shabalala noNtando umzukulu wakhe oneminyaka eyisishiyagalombili.
