zulu.2933.Queen
Udlisa ngamabele!
Sinethulela intokazi enguQueen Moroka...
UQUEEN MOROKA ngumdlali weTV osezakhele elikhulu igama. "Ngesikhathi ngiqala ukuzama indawo kwiGenerations ngangifuna ukudlala indawo kaKarabo, kusho kuvuma uSophie Ndaba.
"Indawo kaQueen yiyo eyangakhela igama kulo msebenzi."
Njengoba eseneminyaka engu-33, uSophie wayenamahloni ngesikhathi i-soapie iqala kangangoba ophrojusa kwakudingeka nsuku zonke bamnxuse ukuba adlale akhululeke.
"Ekuqaleni indawo kaQueen yayibhalelwe ukuba abe ngowesimame ophansi kanti futhi yayingahlelelwe ukudonsa isikhathi eside kangaka kwiGenerations," kusho uSophie.
"Ngangineminyaka engu-21 ngisemusha nakule ndima, kodwa ngizimisele ukuba ngenze indawo kaQueen yehluke kunalezo esesake sazibona kwiTV.
"Wayemuhle kusukela ekuqaleni, enziwe kahle - ngakhoke njengomkhangisi kwaba yindawo engifanele."
"Ngazalelwa eBara ngakhulela eMofolo kanti nomama wami wayengunobuhle ngakhoke ngasebenzisa isisekelo sempilo yami ngenhloso yokuqhamuka nesiyatela sikaQueen nokulangazelela impumelelo."
Kwathi lapho uQueen eseshintsha eseba nomunye umoya sekukhona nokwenyusa izwi, kulapho yaqala yamnandi indawo yakhe yathokozeleka yamakhela ugazi kubabukeli beTV.
"Uma ngingena egumbini lokufakelwa kweziphaqulo ekuseni ngo-7 kwaSABC ngifake izibuko zami ngisuke nginguSophie ongumama ngicabanga ngezingane zami esikoleni nokuthi yini ezodliwa ebusuku uma ngifika ekhaya," kusho uSophie.
"Uma ngiphuma, ngisuke nginguQueen - ngicabanga ngezinhlelo zomsebenzi wangalelo langa emsebenzini, sihleba ngokuhlanganisa izilimi - isiNgisi, isiTswana nesiFrench ngicabanga nangecebo engizolisebenzisa ukuthola indlela yokungena emcimbini ophambili wezitatanyiswa olandelayo.
"Lokhu kimina yinto eyenzeka ngokwendalo okungadingi nokuba ngiyicabange."
UBONA ucele uSophie ukuba achaze kabanzi ngokuzishintsha kwakhe kwansuku zonke.
"UQueen wakhiwe yiziphaqulo zakhe, izingubo zokugqoka nendlela abhalwe ngayo," kuchaza yena.
"Kimina okumenza agqame izinkophe zakhe ezinde zokufakelwa.
"Izinkophe zami zimfishane kangangoba ngeke uziqaphele, kodwa kuthi lapho ngizibuka esibukweni ngibone amehlo akhangayo kaQueen engibuka, bese ngivele ngiba nguye."
Okwethusayo okusanda kwenzeka eziqephini zeGenerations yilapho le ntokazi igqoka izenza indoda yayongena ekilabhini okungena kuyona abesilisa kuphela nokuyikilabhu ephethwe wuNgamla, ngenhloso yokuyobona ukuthi kungani abesilisa abakwezamabhizinisi bechitha imali engaka ngotshwala ikakhulu i-brandy.
"Lokhu kwaba yinselelo enkulu," kusho uNonhlanhla Mbewu onguchwepheshe weziphaqulo kwiGenerations. Usemenze uQueen wafana ncamashi noSophie eminyakeni elishumi eyedlule. Basebenza amahora ngamahora ukufihla izinyama zomzimba kaQueen ngenhloso yokwakha usomabhizinisi ongu-Ernest Masile.
Onguchwepheshe wezinwele u-Ishmael Lise wamnika iwigi enengxenye eyimpandla namadevu ancwelwe kahle ukuze afihle izindebe zikaSophie.
UQueen wahamba wayongena ekilabhini yabesilisa. USophie uthi ukuzama ukubhema ugwayi yiyonanto eyamxaka .
"Angibhemi, ngakhoke ngangiwudonsa kancane ngisheshe ngiwukhiphe ukuze ungangixheli," kusho yena.
"Ekuqaleni sasifuna ukukhohlisa ababukeli, emva kwalokho bese bayalibona ihlaya lapho bethola ukuthi u-Ernest nguQueen."
Onguchwepheshe wezingubo zokugqoka zikaQueen uGugu Mlambo umchaza uQueen njengesihlabani semidlalo yeTV engeke silibaleke - umzimba wakhe ogcwele ofuze 'owomnyovu' okhalweni, adlise nangamabele agcwele nokuziphatha kwakhe.
Uyawuthanda umsebenzi wakhe weTV. Ungubude obungu-1,68 metres, isikhumba sakhe sibushelelezi ngokusulekile, amehlo akhe akhanya sengathi agcwele ukonakala, hhayi kokungabi nasimilo.
Akanayo imfihlo anamahloni ukuyidalula. "Ngingumama wezingane ezisakhula," kusho yena ehleka. "Amabele kaQueen yiyona ngxenye yobuyena kulo nyaka, kodwa ngaphandle kwamaWonderbras ami ngeke nakancane abukeke kahle kanje."[z]
BONA ZULU - June 2006
"Ngasebenzisa isisekelo sokukhula kwami ukwakha isitayela sikaQueen nokulangazelela impumelelo," kusho uSophie Ndaba.
Isingqazu esaba...
indaba nguDOUG GORDON
izithombe nguPETER WHITFIELD
Ngesikhathi enje, kwadideka abesilisa abaningi.
...nguMr Ernest Masile
Ithimba likaQueen... uchwepheshe wezingubo zokugqoka uGugu Mlambo, owezinwele u-Ishmael Lise, oyi-scriptwriter uByron Abrahams noweziphaqulo uNonhlanhla Mbewu.
BONA ZULU - June 2006
Alufakwa kule ntokazi yeTV
