zulu.2930.teen
Intsha yelulekwa nguFat Charlie
BONA ZULU - February 2008
U-2008 uzobaluleka emaqenjini entsha amabili - uzobaluleka kwabazobe beqala e-high school nakwabazobe kungunyaka wabo wokugcina lona befunda - ibanga olenzayo alisho lutho, okumqoka wukuthi lesi yisikhathi sokufunda ngokuzimisela...
NGO-SEPTEMBER nango-October minyaka yonke amaphephandaba namaphephabhuku abhala ngendlela yokutadishela ukuhlolwa kokuphela konyaka. Izeluleko zabo zilusizo kodwa inkinga wukuthi zitholakala isikhathi sesidliwe yinja.
Uma kungukuthi ubunesikhathi sokudlala ekilasini ungenandaba nomsebenzi wakho wesikole kusho ukuthi uzifake enkingeni enkulu kangangoba akukho zeluleko ezingakusiza enkingeni yakho.
Kunokuthi uhlale uze uphaphame ngoba sekuphele unyaka, zama ukuwuqala kahle!
Ngokuqala manje wenze ingcosana yomsebenzi wakho nsuku zonke uzosizakala ngoba ngeke kudingeke ukuba uwenze usumningi isikhathi sesingasekho.
Le ndlela kubuye kube iyona kuphela ekunika isiqiniseko sokuthi uzophasa!
Khumbula ukuthi ukuqala konyaka ufunda kusho ukuqala kabusha uthole nethuba lokwenza kahle. Nazi izeluleko ezizoqinisekisa ukuthi ngo-2008 uqhuba kahle esikoleni...
#1 QONDA UKUTHI KUNGANI
U-Fat Charlie wake wakusho lokhu, kanti futhi ubona kubalulekile ukuba akuphinde. Ukufunda akumnandi kodwa kuyinto okumele uyenze. Ukukhala ngeke kukusize ngalutho.
Ukufunda kungumdlalo okufanele uwudlale kanti kuhle ngoba kukuvulela iminyango eminingi.
Ngokudlala lo mdlalo, ugcine nemithetho yawo, uzobe uzehlisela umthwalo omkhulu emahlombe akho. Ngeke uzithole ususenkingeni kanti uzozishaya isifuba ngomsebenzi owenzile.
Abangayenzi i-homework yabo bazikhohlise ngokuthi ukufunda kungukuchitha isikhathi bangacabanga ukuthi lokho kuyiqiniso kodwa okubuhlungu wukuthi abathokozile neze. Bayazi ukuthi banephutha kanti ukuzikhohlisa kwabo kuyindlela yokugqiba ukwahluleka kwabo.
#2 ZIBOPHEZELE
Yazi ukuthi ukufunda kuyisibopho. Ukuze uphumelele kufanele uthathe izinqumo ngezibopho zakho nangesikhathi sakho ungavumi ukutshelwa abangani bakho ukuthi yini ebalulekile ngempilo yakho, noma uvumele ukuphazanyiswa ezinhlosweni zakho.
#3 YILWA
U-Fat Charlie wazi kahle kamhlophe ukuthi kukhona izikole ezingekho esimweni esihle kodwa uma uzibophezele ukuqonda nokuthi kungani kumele uqhube kahle esikoleni, ungalwa uphumelele phezu kwezinkinga zesikole sakho.
Izinkinga zesikole sakho mazingami endleleni yokufeza iphupho lakho. Umqondo wakho wubeke entweni eyodwa - ukuphasa uphume uphele kuleso sikole!
#4 GCINA ISIKHATHI, ULUNGELE UKUSEBENZA
Uzofunda kahle uma uzama ngawo wonke amandla ukufika ngesikhathi esifanele esikoleni. Ukufika isikhathi sesishayile kwandisa izinkinga. Uma wehluleka wukuvuka isikhathi sisekahle ekuseni noma uhlushwa wukuthi uhamba ibanga elide uya esikoleni, qiniseka ukuthi unewashi elisigcina kahle isikhathi uvuke okungenani kusasele ihora ngaphambi kokuba kungene isikole.
Qoqa konke ozokudinga esikoleni ungakalali ukuze ungakhohlwa yizinto ezibalulekile.
#5 THOLA IZIDINGO EZIFANELE
Kulezo zinto singabala isikhwama nezinto zokubhala ezidingeka esikoleni. Zinakekele!
Zingaphuki, zingalahleki!
Ziqoqe ekilasini:
Ungabangi umsindo. Phakamisa isandla ukuze uthisha akubone, umlinde aze akubize ngegama;
Ungabi nothuthuva;
Hlala endaweni yakho;
Hlonipha abanye abafundi uhloniphe nezinto zabo;
Gcina ikilasi lihlanzekile;
Gcina imithetho yesikole.
Lezi zinto zingabukeka ziwubala, izinto ozaziyo - kodwa khumbula ukuthi ukungazinaki izinto ezincane kungakufaka kwenkulu inkinga.
Ukungazinaki kungenza ukuba usalele emuva ezifundweni. Zigcine ukuze uhambe ibanga elide kunalokho obukucabanga!
#6 LALELA
Kusemqoka ukulalela uma kufundwa ekilasini.
Ngokulalela uthola ithuba lokuhlaziya okuzwayo.
Khumbula ukuthi ngisho noma ungangakubona ukubaluleka kokuba ufunde isifundo esithile ungazi nokuthi sizokusiza ngani, leso sifundo sisemqoka ngoba naso kufanele usazi uma uzophasa.
Yileso sizathu esenza ukuba kubaluleke ukulalela.
Lalela othisha ugcine nemithetho ucele usizo uma isifundo ungasizwa kahle...
#7 ZIHLUPHE
... uma usenenkinga yokungezwa kahle, ungalilahli ithemba! Lalelisisa kahle usebenze ngokuzikhandla ukuze ugcine usuzwe kahle. Zihluphe ucele umngani wakho oqhuba kahle esikoleni akuchazele ngaleso sifundo ongasizwa.
#8 WENZE ISIKHATHI SISEKHONA
Qeda ama-assignments akho ithuba lisekhona ukuze umthwalo ube lula.
Ayikho into emnandi njengokuhlala uziphumulele ngesikhathi abangani bakho besashayana ngamakhanda bezama ukuqeda umsebenzi wesikole isikhathi singasekho.
#9 YENZA I-HOMEWORK
Kusemqoka ukwenza i-homework. Yenze isikhathi sisekhona ukuze ube nesikhathi sokwenza izinto zakho.
Yenza i-timetable ye-homework yakho nabazali bakho. Ngaleyo ndlela uzogwema izinxushunxushu ezingenasidingo.
Kungakusiza ukuthatha ikhefu lemizuzu engu-30 ngaphambi kokuqala i-homework yakho. Uma i-homework ozoyenza ikwi-timetable yakho, nabazali bakho bekwazi lokho, ngeke bakuhluphe ngomsebenzi okumele uwenze ekhaya ungena nje emnyango uphuma esikoleni.
Kuhle nokuphumuza umqondo wakho ngokuthatha ikhefu ngesikhathi usenza i-homework. Ngokochwepheshe, ngalelo nalelo hora olithatha wenza i-homework, thatha ikhefu lemizuzu engu-15. Lokho makube yingxenye ye-timetable yakho ukuze abazali bakho bangazitsheli ukuthi usuyazigangela uma bekubona ungasekho edeskini lakho oyenzela kulona.
Bangakusiza nangokuthulisa ezinye izingane ngesikhathi usayenza noma bayihlehlisele impelasonto eminye imisebenzi yasekhaya okumele uyenze.
Qiniseka ukuthi wenza okubhalwe kwi-timetable yakho. Ngale ndlela abazali bakho bazobona ukuthi uzibophezele kangakanani emsebenzini wakho wesikole!
#10 UKUBHALA NGOBUNONO KUHLE
Umsebenzi wakho wesikole wenze ngobunono uqikelele ukuthi ubukeka kahle. Amagama wabhale kahle acace abonakale.
Umsebenzi wesikole owenziwe kahle ukhomba ukuthi uzama ngawo wonke amandla nakuba isifundo obusenza ungasazi kahle. Ungagcina usunikwa amamaki amaningi kunalawo obuzowathola ngenxa yobunono bakho.
#11 UNGESABI UKUKHULUMA
Kumnandi ukufunda e-high school, kodwa kubuye kugqilaze. Ngabe kukhona okukukhathazayo" Uma kukhona, kungenzeka kudingeke ukuba ubheke umsuka wento ekukhathazayo uzame ukubhekana nayo.
Uma uhlushwa yingcindezi yontanga bakho okungenzeka bakufake engozini, kuhle ukhulume nomuntu omdala ngenkinga yakho. Xhumana nabantu obathembayo ukhulume nabo ngenkinga yakho!
OKOKUGCINA...
Ukusebenza ngokuzikhandla wenze ama-assignments akho ne-homework ngesikhathi esifanele kuzokusiza ngoba othisha bakho bazobona ukuthi uzimisele kanti ngokukhuthala kwakho ijoka lokufunda ungalithola lilula... [z]
Indlela yokuqhuba kahle esikoleni
BONA ZULU - February 2008
u
Indlela yokufunda inoveli
Ukuhumusha inoveli akusiyo into encane ngisho noma ukuthanda ukufunda. Kodwa kungaba lula uma uzoqonda indlela ababhali abayisebenzisayo uma bebhala indaba noma inoveli eyizigaba eziyisithupha...
Abalingiswa: Yinto yokuqala lena okufanele uyibheke uma ufunda inoveli. Umuntu obaluleke kakhulu ngumlingiswa oqavile. Umnyombo wendaba sivame ukuwuthola ngaye. Abanye abalingiswa bavela ngokuqhubeka kwayo indaba.
Indawo: Lapho indaba yenzeka khona . Ingenzeka ekhaya, emaphandleni, edolobheni, esikoleni, noma ikuyiphi indawo ekhethwe ngumbhali. Indawo ivame ukuvela ekuqaleni kwendaba.
Isikhathi: Kungaba yindaba esanda kwenzeka noma eyenzeka eminyakeni eminingi edlule. Isikhathi eyenzeka ngaso sivame ukuvela ekuqaleni kwendaba.
Inkinga: Inkinga ivame ukudalwa wukungqubuzana komlingiswa oqavile nomunye umlingiswa endabeni. Kodwa inkinga ingabuye ibandakanye isigameko esinjengesiphepho, impi noma esinye sezimo eziningi ezivame ukudala inkinga empilweni.
Izigameko: Isigameko singumzamo wokuxazulula inkinga endabeni. Ivame ukuba miningi imizamo yokuxazulula inkinga kanti lezo zigameko zivela kaningi endabeni.
Ikhambi: Indlela inkinga exazululwa ngayo noma ephela ngayo. Kuvame ukuthi ikhambi livele ngasesiphethweni sendaba. Kokunye ikhambi livezwa ekhasini lokugcina noma esiqendwini sokugcina endabeni.
Ukwazi ngalezi zigaba ezakha indaba kwenza ukuba uluthokozele uluzwe kahle udaba, ukhumbule okwenzekile endabeni wazi nezindlela ezihlukahlukene ababhali ababhala ngazo.
t
Ukwenza umsebenzi wakho wesikole ngobunono kuluphawu lokuthi uyazama nakuba isifundo ungasazi kahle
BONA ZULU - February 2008
Lala ngokwanele!
NgokweNational Center On Sleep Disorders Research yase-USA, izingane kufanele zilale amahora angu-9 ukuze ziphile kahle ziqhube kahle esikoleni nakweminye imidlalo.
Ukungalali ngokwanele kwenza zingalaleli kahle, zikhathale kalula, zibe nenkinga yokulawula imizwa yazo.
"Ukulala ngokwanele kusemqoka njengokudla okunempilo nokuzivocavoca ezinganeni ukuze zikhule kahle," kusho uDkt. Claude Lenfant. "Ukuqala konyaka omusha esikoleni yisikhathi esikahle sokuqala ukuzijwayeza umkhuba wokulala kahle."
Njengabantu abasha, senikhule ngokwanele ukuthi nikubone ukubaluleka kokulala kahle kanti kumele niqiniseke ukuthi lokho niyakwenza.
