zulu.2927.sci
siqoqelwe nguWALTON GOLIGHTLY izithombe nguCLIVE THOMPSON
Okokucima umlilo
AGCWELE yonke indawo ama-fire extinguisher (okokucima umlilo) kanti okuhle ngawo wukuthi aphephisa impilo nendawo esihlala kuyona ngisho noma ngabe esegcwele izintuli. Kodwa ukuze siqonde ukuthi asebenza kanjani, kumele sazi ukuthi umlilo usebenza kanjani...
Uyini umlilo"
Umlilo udalwa wukusha kwamakhemikhali okuvame ukuba phakathi kwe-oxygen esemoyeni nezinto ezinjengokhuni noma u-petrol.
Ukhuni no-petrol akuvele kokheleke ngomlilo ngoba nakhu kuzungezwe yi-oxygen kodwa kumele kushise kuqala ukuze kokheleke...
Nakhu okwenzeka uma kusha ukhuni:
lKuba khona okwenza ukhuni lushise kakhulu. Okuphuma emva kokusha kokhuni kuba yigesi eyi-hydrogen, carbon ne-oxygen.
lUma igesi isishisa ngokwanele, ama-compound molecules ayahlukana, ama-atoms aphinde ahlangane ne-oxygen ukuze kwakheke amanzi, i-carbon dioxide nokunye.
lIgesi ehlangana nomoya iyona eyakha ilangabi. Izinga lokukhanya kwama-carbon atoms ahlangana nelangabi liyehla uma eseshisa. Yileso sizathu esenza ukuthi izinto ezishisayo zikhiphe umlilo ongenalangabi.
lUkushisa kwelangabi kwenza ukuthi izinga lokushisa kokhuni lehle.
Zintathu izinto ezibandakanyeka kulokhu: ukushisa okungamandla; i-oxygen (noma enye igesi); ne-fuel.
Okokucima umlilo kwenzelwe ukususa okukodwa kwalokhu esikubalile ukuze umlilo ucishe.
Indlela engcono yokuqeda ukushisa ukuthela umlilo ngamanzi. Lokho kuyakupholisa okushayo.
Uma ufuna ukuqeda i-oxygen, ungawumboza umlilo ukuze ungawutholi umoya. Ungasebenzisa ubhulankethi noma uthele umlilo ngenhlabathi.
Ukusebenza kwako
Okokucima umlilo kungama-cylinder ayinsimbi agcwele amanzi noma okokumboza umlilo. Uma ucindezela okusamgxala okungaphezulu kule-cylinder, okungaphakathi kuphuma ngomfutho.
Indlela efanele yokusebenzisa okokucima umlilo yileyo yokukubhekisa ngqo kulokho okuyimbangela yomlilo, okokucima umlilo ukunyakazise kube sengathi uyashanela.
Kunezicima mlilo ezihlukahlukene ezicima umlilo ohlukahlukene. Ezibizwa ngoClass A zingacima umlilo wezinkuni, upulasitiki noma iphepha. U-Class B ungacima uketshezi olunjengo-petrol. U-Class C ucima umlilo odalwe wugesi. Okokucima umlilo okubhalwe u-A, B noC kungacima noma yiluphi uhlobo lomlilo. U-Class D owenzelwe ukucima insimbi awandile.
Amanzi yiwona ajwayelekile ekucimeni umlilo kanti yiwona awucisha kalula. Kodwa angaba yingozi uma esetshenziswa lapho engadingeki khona.
Okokucima umlilo okusebenza ngamanzi kungacima umlilo wokhuni, wephepha noma webhodi kodwa akusebenzi kahle emlilweni odalwe wugesi.
Okunye okusetshenziswa kakhulu ekucimeni umlilo yi-carbon dioxide emsulwa. I-carbon dioxide igcinwa iluketshezi kwi-cylinder. Uma kuvulwa i-cylinder, i-carbon dioxide iyanwebeka kwakheke igesi.
Igesi ye-carbon dioxide inesisindo kune-oxygen, okusho ukuthi iyayigudluza i-oxygen ekulokho okushayo. Lolu hlobo lokokucima umlilo lwande ema-restaurant ngoba aluwudali umonakalo ezintweni zokupheka noma ekudleni.
Iningi lokokucima umlilo linezinga elincane lokucima umlilo - ungakusebenzisa kuphele konke ngemizuzwana embalwa. Ngenxa yaleso sizathu, okucima umlilo kusebenza kahle emlilweni ongemkhulu. Uma ucima ilangabi elikhulu kudingeka ukuba uthole okukhulu okunjenge-fire engine! [z]
NGENHLA: Izicima mlilo.
NGENHLA KWESOKUDLA: Susa u-pin ucindezele.
BONA ZULU - December 2005
Iphrojekthi kaBONA
