zulu.2925.people
okwenzeka ezweni
I-shopping mall entsha eSA…
BONA ZULU – November 2007
… yiMaponya Mall esanda kuvulwa eSoweto. Zingaphezulu kuka-200 izitolo ezisendaweni engu-65 000-square-metre, ebiza R650-million.
Ovule le nxanxathela yezitolo nguRichard Maponya, owaqala ngokuvula ibhizinisi lokudayisa izingubo.
UMaponya uthi wayelokhu enethemba lokuthi uyokuba nekusasa eliqhakazile ngesikhathi kusenobandlululo.
“I-Soweto yikhaya lami, abantu bakule ndawo kade bangixhasa,” kusho yena kwiMail & Guardian. “Bengilangazelele ukusiza umphakathi ngivule amathuba emisebenzi athe xaxa!”
OUCH!
U-Ben Czislowski (24) wase-Australia odlala i-rugby wakhala ngokuphathwa yiso nezinhlungu.
Ngesikhathi odokotela bemhlola, bathola ukuthi ekhanda lakhe kwakunezinyo lomdlali abadlalisana kabi naye ngo-April.
Bayibiza nge “Ultimate Sports Fanatic’s Couch,” kanti ihambisana ne-sound system, i-80 gig iPod namaLCD screens amabili – kusho ukuthi ungakwazi ukubukela imidlalo emibili kanyekanye!
Ibuye ibe nefriji nohhavini wokufudumeza owakhelwe kuyona.
Ibiza u-R75 000, kanti iyingxenye ye-promotion yakwaScooters Pizza.
Ngabe yithalente elisha?
Qaphelani abadlali bethu, kusho abagqugquzeli beNokia Defend Your Street Challenge – nizobabona sebeyizihlabani zakusasa.
Kule midlalo kuboshelwa abadlali abahlanu eqenjini ngalinye kudlalwe imizuzu engu-15. Ngale ndlela kuvunjululwa amathalente abadlali ithalente labo liqhakanjiswe ngendlela ethokozisayo neyakhayo.
Um-Afrika waseKZN washaya amaqembu endawo angu- 31 ngaphambi kokubhekana neThe Boys From Brazil.
Bahlulwa amaBrazilians ngo-5-2.
Hlala phansi unganyakazi
u
t
okwenzeka ezweni
Imfezi yaseGibhithe igada ipheya lama-sandal ane-ruby, idayimane ne-sapphire enziwe nguRene Caovilla asesitolo saseHarrods phakathi neLondon.
Lama-sandal, abiza-R900 000, anemfezi enamehlo enziwe nge-ruby enamadayimane angu-3,5-carat nesicoco ekhanda.
BONA ZULU – November 2007
Abokuqala
Hisssss!
SHAUN CURRY/AFP/Getty Images
I-CAPE TOWN’S III yiqembu lokuqala eSA elethule i-albhamu lisebenzisa iMXit, noma i-mobile instant-messaging.
Kuleli qembu kuboshelwe uBrian no-Andrew Chaplin noGiven Phike, kanti badlala i-fusion ye-hip-hop, i-rock ne- kwaito.
I-MXit bayibona iyindlela yokuletha umculo wabo kubalandeli benze okuhlukile kokwenziwa yizinkampani zokuqopha nezitolo zomculo.
“Maningi amaqembu anethalente eSA angakwazi ukuziphilisa ngomculo,” kuchaza uPaul Stemmet weMXit. “I-Internet nezingcingo sikubona kuyindlela entsha yokuxhumana nabantu ngqo ngokushesha.”
“Ubuchwepheshe bushintsha imboni yezikaqedisizungu ngokunika abaculi nabalandeli amandla,” kuqhuba uGiven Phike. “NgeMXit, sixhumana netsha eyizigidi ezinhlanu nokuyinto amanye amaqembu angenayo inhlanhla yokuyenza!”
Abasebenzisa iMXit bangakopisha imicu emibili ngo-R5, ama-ringtones ngo-90c, ama-skinz ngo-R2.
U-Codax uliqhamukisa eKapa.
Bahlabene
UNGU-SANDILE Mavuso, kodwa kwezomdanso udume ngelikaDJ Sai – kanti usanda kuwina kumafayineli eHennessy Artistry DJ Battle emkhakheni we-house.
Owawina kowe-hip-hop kwaba nguCodax (Morne Joseph).
“Lide ibanga elihanjwe yilabo DJ,” kusho omunye wamajaji uDJ Ready D. “Bebencintisana nabantu abanswempu kakhulu kodwa bawina ngoba bebezimisele.”[z]
U-DJ Sai waseGoli.
Wenza okuhlukile
U-George Zokos ungumalusi waseTyrnavos, eGreece, kodwa ngenxa yobuthaka bempilo yakhe (ngokweFP dispatch yakamumva), izimvu zakhe uzalusela emotweni yakhe…
