zulu.2922.jobs
ABANTU bavame ukukhuluma ngemisebenzi abangathanda ukuyenza. Uma kudingeka ukuba uvuke ekuseni ugqoke uye emsebenzini, kucebe abanye abantu ngokusebenza kwakho kanzima, bonga ngoba uyasebenza. Ukusebenza kuyingxenye yalezo zinto empilweni okumele sizenze sithanda singathandi...
Mhlawumbe akukubi njengoba sicabanga. Yize noma kungenzeka ukuthi imisebenzi esiyenzayo siyayizonda, isimo singaba sibi kakhulu kunalokho esikucabangayo. Eqinisweni kukhona imisebenzi emibi ukwedlula ukungasebenzi.
Ake ubheke le misebenzi elandelayo, uma usufunde ngayo, umsebenzi owenzayo uzowenza ngokukhulu ukukhululeka...
1Owokuphuza isibulali zinambuzane
Ngokwephephabhuku iDiscover, eMelika ungahola u-$200 ngosuku ngokuhlola izibulali zinambuzane. EMelika akunamithetho elawula izinto ezinjengalezo kanti okhulumela imboni yazo wathi: "Bambalwa kabi abantu abafa benza lo msebenzi kunababulawa wutshwala kanti abawenzayo bayakhokhelwa kunokuthi kube yibona abakhokhela abakuphuzayo."
2Owokuhlanza amaloli kasimende
Siwabona nsuku zonke emgwaqweni elayishe usimende osuxoviwe eya lapho kwakhiwa khona.
Indawo engaphakathi emphongolweni oselolini elayishe usimende ihlale iphenduka (ine-spiral blade). Uma iphenduka, usimende uyaduduleka ungene phakathi emphongolweni. Umphongolo usuke ujikeleza ngesikhathi usimende udilivelwa esakhiweni.
Uma iloli isifike esakhiweni, umphongolo ujikeleza ubheke ngakolunye uhlangothi ungabe usabheka kulolo obubheke ngakulona iloli ingakafiki esakhiweni. Usimende uziphumela wona ngokwawo emva kwalokho.
Usimende usala ulugqinsi olomile emphongolweni uma usuthululiwe. Ukuwususa sekuzokwenziwa wumuntu ozongena emphongolweni ashaye usimende awuxebule ngesando. Awulula neze lowo msebenzi...
3Owokususa u-asbestos
Ukuba seduze no-asbestos kungadala umdlavuza wamaphaphu, isifo senhliziyo nenkinga yesikhumba. Lokhu kwabathatha isikhathi abantu ukuba bakubone ekubeni u-asbestos wawusetshenziswa kakhulu uma kufulelwa uphahla emahhovisi. Manje usuyasuswa kanti ukwenza lowo msebenzi kuyingozi ngoba abawenzayo bachitha isikhathi esiningi eduze no-asbestos...
Omunye owenza lo msebenzi wathi: "Nsuku zonke ngisebenza endaweni engcolile, ngiba nensila, izimpahla zami zangaphansi ziba nezicabucabu. Ngigqoka isudi evalekile ngifake isifonyo esingangiphathi neze kahle. Ngihlala ngizungezwe yizigidi ngezigidi zezimpephelezi zikafayibha we-asbestos, ezinye zihlale ezinweleni ezinye zingene emehlweni..."
4Owokugeza izilwane ezifile
Uma uvakashela e-museum ukhangwa amathambo amhlophe noma izilwane ezigxishwe kahle okukhangiswe ngazo. Kukhona ochwepheshe abenza ukuba zibukeke ngaleyo ndlela kanti umsebenzi wabo ubandakanya ukwenziwa kwezinto ezingavamile ukwenziwa kweminye imisebenzi.
Owazi ngempilo yezilwane udedela iminyovu idle inyama ezilwaneni esezifile, omunye alahle imikhomo namahlengethwa afile emathangini angenalutho. Abanye bagxabhisa izitho zomzimba wesilwane...
5Owokuvundisa izilwane
Ukuvundisa izilwane ne-artificial insemination kudinga ama-sperm amaningi azokhishwa esilwaneni.
Enye indlela ibandakanya ukushuthekwa kwenduku enogesi esinqeni sesilwane size sifinyelele kulelo zinga lovuthondaba. Ungasebenzisa nesitho sangasese sesilwane esiyinsikazi - izinkomazi kuthiwa ziyayithanda le ndlela.
Ezingulubeni kusetshenziswa indlela efana nesetshenziswa ezinkomeni.
6Owokuthola ubulili bezinkukhu
Basebenza lapho kufuywe khona izinkukhu kanti umsebenzi wabo wukuhlola ubulili bezinkukhu.
Ngabe ukwenza kanjani lokho" Upitshiza ichwane kuze kuputshuke indle yalo uhlole izitho zalo zangasese ukuze uthole ukuthi yiqhude yini noma yisikhukhukazi.
Lokhu ukwenza uphindelela kulelo nalelo chwane usuku lonke...
7Ogada izilwane ezisengozini yokushabalala
Uzwakala ungumsebenzi onesithunzi - futhi kunjalo. Kodwa awuhlali unesithunzi. Asenze isibonelo ngeziqhingi zaseHawaii. Zinezinhlobo zezinyoni ezingu-34 ezisohlwini lwalezo ezisengozini yokushabalala. Ezinye sekuphele iminyaka engu-20 nangaphezulu zingabonakali - kodwa akekho oseke waphumela obala washo ukuthi sezishabalele.
Kusho ukuthi kukhona abantu abenza umsebenzi obandakanya "ukugada" izilwane okungenzeka ukuthi azisekho.
Ngabe namanje usacabanga ukuthi umsebenzi wakho yinto efile"[z]
Imisebenzi ongeke wathanda ukuyenza
Ngabe iholo lakho liyadabukisa, ngabe umsebenzi owenzayo unesidina nomqashi wakho uyinkinga" Bala izibusiso zakho ngoba unenhlanhla. Kungenzeka ukuthi nawe ngabe wenza eminye yale misebenzi...
indaba ngu-ISAAC KWELA izithombe ngabeGREAT STOCK!
Ukhonkolo osuwomile kudingeka ukuba uxetshulwe emiphongolweni yama-truck afana nalawa.
imisebenzi engu-7 emibi kakhulu emhlabeni
Amachwane elindele ukuhlolwa ubulili...
Imisebenzi emibi emlandweni...
Umlando usivezela ukuthi kukhona imisebenzi emibi kakhulu. Ukwenza isibonelo, eLondon ngeminyaka yo-1600, umsebenzi owawumubi kakhulu owawungawenza kwakungaba owokuqoqa izidumbu. Kwakuthi uma kunombhedukazwe wesifo esithile, ande amathuba alo msebenzi. Ngeshwa, ngokuwenza wawungaba sengozini yokutheleleka ngaleso sifo ufe nokufa.
Omunye umsebenzi owawungawenza, owokusebenza emadeleni udonse u-9m wamathumbu emvu esanda kuhlatshwa. Emva kwalokho usuzohlukanisa amathumbu namafutha bese ukhama amathumbu.
Uma usukwenzile lokho usuzocwilisa amathumbu emanzini abandayo okwesikhashana, ususe isikhumba uwagxobe, bese uyawasonta abe yizintambo.
Lezo zintambo yilezo eziyisipesheli ezisetshenziswa kuma-violins, kuma-violas nokunye.
Ngalezo zinsuku kwakungelula ukungena kwezikaqedisizungu.
Uma ufuna ukuba ngumculi we-opera kwakudingeka ukuba ube namanzi ashisayo, utshwala obuningi obubiza kahle nesikele esibukhali.
Emva kwalokho sekuzonqunywa izigaxa esithweni sowesilisa sangasese ukuze acule lawo manothi aphezulu!
Abanye babeceba badume uma bengenaboya emzimbeni bebakhulu ngokweqile.
