zulu.2915.petrol
Ungawonga kanjani uphethiloli
UMA kuziwa ngasekongeni uphethiloli, ungonga kakhulu ngenxa yendlela oshayela ngayo. Lokhu kwacaca ngezeluleko ezaziphuma kubafundi bakaBONA...
ISELULEKO #1: Hamba ibanga elifushane
Isinyathelo ongasithatha wukuhamba ibanga elifishane. "Sungula i-lift club noma nihlanganyele emotweni eyodwa nozakwenu abahlala ngandawonye," kusho uSARITA WALLER waseSea Point.
"Uzokwazi ukonga uphethiloli ukwazi nokufika ngesikhathi ehhovisi."
Ngaleyo ndlela nizokwazi futhi ukunciphisa isibalo sezimoto emgwaqweni - kunciphe nokuguga kwamasondo akho.
USarita uthi kufanele ukuhlele kahle ukuhamba kwakho uma uzokuya kothenga. Lokhu konga kuzokwehlisa izindleko zegrosa nemoto yakho ihlale isikhathi eside.
ISELULEKO #2: Izinto zokuthutha umphakathi
Uma ungakwazi ukuba nisungule i-lift club, cabangani eyokusebenzisa izinto zokuthutha zomphakathi - kusho u-OSMAN MAKHAMBA waseWellington noBUSISIWE MAHLANGU waseMhluzi.
Uzozuza ngendlela efanayo njengakwi-lift club ukwazi futhi nokufika ngesikhathi emsebenzini.
Asisho ukuthi akufanele ushayele imoto yakho uyithokozele, kodwa kufanele unciphise ukuyisebenzisa kwakho ngosuku - kuzothi lapho usuyisebenzisa, uyithokozele.
ISELULEKO #3: Yinakekele
Cishe bonke abafundi bethu abasibhalela babalula okubalulekile ngokugcina imoto yakho isesimweni esikahle - siyabonga!
I-air filter noma ama-spark plugs agugile angenza ukuba uphethiloli wakho udleke kakhulu kuye kufike ku-20%.
Umoya emasondweni kufanele ubhekwe kakhulu. Kufanele uwafuthe acishe ukugcwala ngendlela egunyazwe abenzi bawo.
Amasondo angenawo umoya owanele awadali ukudleka kukaphethiloli kuphela kodwa adleka ngokushesha futhi, kanti angakudalela ingozi.
ISELULEKO #4: Khumbula iqanda
Indlela oshayela ngayo ibaluleke kakhulu. I-accelerator yakho yihloniphe uyinyathele sengathi ngaphansi kwayo kuneqanda elibolile elingafa noma kunini. Yinyathele kancane kuthi lapho ufuna ukwehlisa ijubane uyidedele kancane usekude.
"Hamba ngesivinini esikahle," kusho uYAKOOB CASOOJEE waseNigel.
"Umshayeli oshayela kahle, ibhuleki lakhe ulisebenzisa ngokufanele. Zama ukugcina imoto yakho isegiyeni eliphezulu. Ngale ndlela unika injini ithuba lokusebenza kahle ngisho uyireva kancane."
Iseluleko sikaYakoob sihle kakhulu, kodwa ungayivumeli imoto izabalaze emagiyeni aphansi kakhulu.
Imoto esesimweni esikahle ivame ukuba phakathi kuka- 2 500 no-4 000rpm.
Zama ukuyigcina ikulesi simo ngokuba ibe semagiyeni afanele zikhathi zonke.
ISELULEKO #5:I-Aircon evuliwe (ngesinye isikhathi)
Kukaningi umbuzo othi yini engcono ekudleni uphethiloli ekushayeleni uvule i-aircon noma uyivalile
Impendulo ithi, ukuze wonge uphethiloli indlela eyiyo wukushayela uvule i-aircon uvale amafasitela.
I-aircon ithatha amandla amaningi enjinini, nokusho ukuthi kukhona uphethiloli osebenzayo kulokho kodwa hhayi omningi.
Ukushayela kancane kwi-traffic kungakusiza uma i-aircon uyivalile, kodwa uma uhamba ngejubane emgwaqweni ovulekile, uyonga uma uvule i-aircon.
Okubalulekile wukuthi kufanele uyiphathe kahle imoto yakho uyisebenzise ngobuhlakani.
Ukushayela kwi-traffic akusiyo into encane, ngakhoke zama ukusebenzisa omunye umzila ukuze ufike lapho uya khona.[z]
BONA ZULU - May 2008
Kungekudala, sacela abafundi ukuba basibhalele basinike izeluleko zokonga uphethiloli, saphinda sacela nakochwepheshe bezimoto...
INDABA NESITHOMBE NGUGAVIN FOSTER
YONGAIMALI
BONA ZULU - May 2008
u
R5 000 ngonyaka!
Lena yimali ezodla abashayeli ngenxa yezinkinga zikagesi.
Abe-Automobile Association basanda kukhipha isaziso emaphepheni betshela abashayeli bezimoto ukuthi ukuncishiswa kokusebenza kukagesi kungaba nomphumela omubi ekudlekeni kukaphethiloli.
Ekhuluma ngenkinga edalwa ukungasebenzi kwamarobhothi, oyi-managing director u-Ed Kok wabeka wathi: "Ukuchitha isikhathi esiningi emgwaqweni kusho ukusebenzisa uphethiloli omningi."
UKok uthi ebangeni elingu-55km ongalindela ukuliqeda emizuzwini engu-35 ngesivinini esingu-95km/h, lokho usungakwenza ngemizuzu engu-90.
Lokho kusho eminye imizuzu engu-55 eyengeziwe ngohambo ngalunye noma engu-110 ngosuku injini yakho iduma.
Imoto engu-1,6 litre isebenzisa cishe 1,5 amalitha ngehora ngesikhathi iduma - ngakhoke esikhathini esingangonyaka amanye amalitha angu-660 adleka kwi-traffic angakubiza R5 000.
Ukucisha injini...
Uyayicisha noma cha"
Abafundi u-ALOUIS SITHOLE noBUSISIWE MAHLANGU bathi kuyonga ukucisha injini yakho kunokuba uyiyeke idume uma kukhona umuntu osamlindile.
Lokho kunika umqondo, kuphela uma uzolinda isikhathi esingaphezu komzuzu noma emibili.
Ukucisha nokudumisa injini ngokushesha kudla i-starter nebhethri nokuyizinto ezibiza imali eningi lapho usuzishintsha kunemali ongonga ngayo uphethiloli.
Emoyeni
Ukushayela kungamba eqolo
I-Aerodynamic drag inesandla ekudlekeni kukaphethiloli emotweni. Ake uzame ukukhiphela ngaphandle isandla ngesikhathi ushayela, yizwa umehluko wokushaya komoya lapho isandla usibhekisa ezindaweni ezahlukene.
Manje ake ucabange ukuthi injini yemoto yakho kudingeka ukuba isebenze kangakanani ukududula inqamula emoyeni.
Ngakhoke gwema ama-roof rack noma ufakele okokuthwala umthwalo okwenziwe ngendlela ye-aerodynamic ukuze imoto ingasebenzisi amandla amaningi ekududuleni emoyeni.
UMalcolm Kinsey owawinela ikilasi lakhe izikhathi ezingu-14 kwi-Total Economy Run, uthi njalo uhlale ecwebezelisa izimoto ajaha ngazo ngaphambi kwanoma yimuphi umjaho nokuyinto athi inomphumela omuhle ekujaheni kwakhe.
"Khipha ama-roof racks uma ungawasebenzisi," kusho uKinsey. "Uma nilayisha i-bakkie, zama ukuthi okulayishayo kube ngaphansi kukalayini wokhakhayi lwemoto."
Abanye ochwepheshe bathi uma uhamba nge-bakkie kufanele uyeke i-tailgate iphansi ukuze imoto ingabambeki - ungayikhipha futhi uma ungayisebenzisi njalo.
BONA ZULU - May 2008
Ukuvula i-aircon kungakusiza wonge uphethiloli
R10 ilitha"
Ngeke kuze kube ngcono
Ngesikhathi sokushicilela, ochwepheshe bezomnotho bexwayisa ngokuthi maduze sizokhokha R10 ngelitha kaphethiloli.
UDavid Shapiro ophuma e-Sasfin Frankel Pollak Securities wexwayisa ngokuthi iSA isazobhekana nefu elimnyama.
Ekhuluma emcimbini owawuseThekwini ngoFebruary wathi umnotho womhlaba uyehla kanjalo nowoyela namanani okudla ayakhula.
Kusekukhulu ukwenyuka kwamanani okudla njengoba nawommbila ekhule ngokuphindiwe eminyakeni eyishumi eyedlule. Abakhiqizi bokudla sebebheke ukusebenzisa i-bio-fuels njengesisombululo ekukhiqizeni ukudla.
"Ukungazinzi kwesimo sezombusazwe, ubugebengu, inkohlakalo, amandla ezokumbiwa phansi eSA - kwenza abavakashi babe manqika ekutshaleni izimali," kusho yena .
Abanini bezimoto bazokhipha imali engu-R1-billion ngenyanga ngenxa yokwenyuka kukaphethiloli, amabhizinisi akhiphe R670-million kuthi ngezidingo zasendlini kube ngu-R330-million ngenyanga kusho uTony Twine oyisazi sezomnotho enkampanini eseGoli i-Econometrix.
Ekhuluma nabeSunday Tribune uTwine wathi amabhizinisi azokhipha imali encane ngamaholo nokuyinto ezobeka umnotho kwenkulu ingcindezi.
Ebuzwa ngabeSunday Tribune ngoFebruary 24 ukuthi kuzothatha isikhathi esingakanani ngaphambi kokuba uphethiloli ufike ku-R10 ilitha, uMuzi Mkhize wabeDepartment Of Minerals And Energy wathi: "ISA yona yamukela inani eselibekiwe, engingakusho wukuthi sisazokhipha imali eningi ngophethiloli."
