zulu.290.beach
Hlakanipha kuleli hlobo
Izeluleko zokuphepha
KHUMBULA, ukuvikela kungcono kunokwelapha - nazi izindlela zokuqinisekisa ukuthi ingane yakho ayilahleki noma izithole isisenkingeni olwandle...
Chazela izingane ngokumele zikwenze uma senisolwandle. Zichazele okubi ngokulahleka kwazo - ubuhlungu ozobuzwa uma zilahleka nangokubaluleka kokuthi ningadukelani.
Zitshele ukuthi zingadlalaphi nokuthi akufanele zigijime zigxumele emanzini nezinye izingane.
Zitshele ngengozi yokuminza.
Lalela ezikutshela kona uphendule imibuzo yazo ngokwethembeka.
Zifundise inombolo ye-cellphone yakho.
Zitshele ukuthi uma ziduka mazibheke u "anti" ongazisiza.
Uma uhamba nezingane ezincane, kusemqoka ukubhala igama lakho, amagama azo nenombolo ye-cellphone yakho kwi-plastic tab oyithenga uma uzofaka amaringi okhiye bakho. Yibophele esihlakaleni sengane.
Ungafaka amalebuli anemibala ehlukahlukene ezinganeni ubhale nokunye okusemqoka njengokuthi "Inesifo sikashukela, incela i-soya milk."
Zigqokise okunemibala egqamile ukuze uzibone ukude.
Uma kuduka ingane...
... iya kwabatakula abantu abaminzayo olwandle, kwabagada olwandle nakwabagada izimoto, batshele okwenzekile ubanike incazelo egcwele ngengane.
Qoqa izimpahla zenu, ushiye umngani noma ilungu lomndeni kuleyo ndawo ebenikuyona, uye esiteshini samaphoyisa esiseduze.
Uma uthola ingane...
... kusemahlombe akho ukuqinisekisa ukuthi ingane uyixhumanisa nabazali bayo.
Ungachithi isikhathi eside ukhuluma nayo. Yibambe ngesandla, uqalaze kunokukhuluma nayo.
Yiphuzise amanzi ngokushesha ukuze kuphele ukoma uma yomile.
Uma kungaqhamuki muntu olahlekelwe yingane, bheka ukuthi akukho yini kuyona okungakunika umkhondo wabazali bayo, uma kuyingane ekhulile, cela inombolo ye-cellphone yomuntu ongamshayela ucingo.
Uma konke lokhu kungasizi, iya esiteshini sabatakuli ubabikele.
Shiya ingane nabatakuli noma emaphoyiseni - ungayishiyi kunoma yimuphi umuntu!
Shiya inombolo yakho yocingo uma ufisa ukuba abazali bayo baxhumane nawe ngemininingwane yokuthi uyitholephi, nini. [z]
BONA ZULU - December 2007
indaba nguPRIMROSE MRWEBI
isithombe ngabeGREAT STOCK!
Indlela yokuqinisekisa ukuthi izingane zakho ziphephile olwandle...
