zulu.2907.yourstories_truelife
Wayena-24 nje kuphela ngesikhathi eqhamuka nombono kwaVodacom. UNkosana, ona-33 manje, ukhulume noKamogelo Sebola ngokuthi lamfikela kanjani isu lokusungula u-call-back nokuthi kungani elwela ukuthi uyakuthola lokho okumfanele
Emva kokuphothula iziqu zami ngangena kwaVodacom ngo-1995 ngiyi-trainee accountant. Ngonyaka olandelayo ngavuma ukuqashwa ngokuphelele. Ngo-2000 ngangichitha isikhathi esiningi ngikhuluma ocingweni nentombi yami esingunkosikazi wami manje.
Wayesafunda ngaleso sikhathi kanti uma abazali bakhe bengamnikanga imali ye-airtime yayingekho indlela yokuba angifonele noma yokungicela ukuba ngimfonele. Lavela kanjalo isu likaPlease Call Me. Ngalethulela abaqashi bami ngoba ngikholwa wukuthi uVodacom uzosimamisa ibhizinisi ngalo.
Kwakusewumbono wami nje kodwa uVodacom wavele wawusebenzisa. Senza isivumelwano esingasayinelwe phansi ngoba kwakusenezinto ezazisadinga ukulungiswa. Ngabacacisela ukuthi ngilindele ukukhokhelwa ngalo mbono. Kodwa akubanga njalo. Kunalokho le nkampani yawenza wabukeka sengathi owayo.
Baze benza inkontileka noCell C noMTN ukubavumela ukuba nabo bawusebenzise. Kwakunzima ukubona umsebenzi wami uphumelela kodwa ngingaqhakambiswa ngalokho futhi ngingakhokhelwa.
Ngazama ukukhuluma nabakwaVodacom ngacela ukuba nomhlangano nesikhulu esiphezulu, kodwa nalokho akwenzekanga. Bangitshela ukuthi ngeke ngithole ngisho isenti ngalokhu engakwenza.
Ngatshelwa nokuthi owayeyisikhulu esiphezulu ngaleso sikhathi wakucacisa ukuthi akumele igama lami lifakelwe ukuthola umklomelo ngoba indlela engiziphatha ngayo iyabheda. Ngangisazimisele ukusebenzela uVodacom ngokuthembeka, kodwa ngenxa yezinkinga ezingaxazululekanga kwadingeka ukuba ngishiye. Ngo-2003 ngaya kosebenza ebhange. Ukubafaka enkantolo kwakungesinye sezizathu esenza ngashiya khona. Sengibashiyile, ngaqala ngafuna izeluleko zomthetho.
Ngaphelelwa ugqozi kwaze kwaba ngu-May 2007 lapho ngaqala khona ukubabhalela izincwadi ngacela ukuba sibe nomhlangano. Kodwa izincwadi babengazinaki ngoba abantu abasezikhundleni eziphezulu babengakashintshi futhi bengafisi ukungilalela.
UVodacom awukuphiki ukuthi yimina engasungula uPlease Call Me, kodwa bathi yisu labo leli ngoba ngabanika ngisasebenzela bona. Bavika ngesiqeshana esikwinkontileka yami yomsebenzi esithi: 'konke okusungulwe ngumsebenzi ngesikhathi esasebenza ngaphansi kwethu kungokwenkampani'. Yilesi siqeshana esiphikisana ngaso enkantolo ngiyafisa futhi ngiyathemba ukuthi inkantolo izobona iphinde ivumelane nami.
Ngangiyi-accountant, kwakungewona umsebenzi wami ukufaka imibono. Le nto ayilungile, uma ngiqasha umuntu ukuba ashanele phansi bese eqhamuka nombono we-detergent yokuhlanza lokho kusuke kuyisu elingakaze libe khona. Ngicabanga ukuthi akulungile ukuba ngenze imali ngalo kodwa umuntu ofike nalo engatholi lutho.
Emva kokuthi impi yami nabakwaVodacom seyaziwa wumphakathi, sengikhulile ngokomphefumulo kanti sengingakhuluma ngikhululeke.
Ngiya enkantolo ngizethemba. Ngiyazi ukuthi ngingaliwina leli cala, ngidinga ukuqinisekiswa yinkantolo nje kuphela. Ngifuna ukuba negunya lokuphatha ngokomthetho lo mbono ngihlomule ngawo. Ngidinga nezivumelwano abanazo manje nezesikhathi esedlule zamandla ami. UBONA ucele abakwaVodacom ukuba baphawule.
Okhulumela uVodacom uthe: wonke umsebenzi owenziwa ngumsebenzi ngaphansi kwethu ungowethu, ngaleyo ndlela uPlease Call Me ungaphansi kwethu.[z]
UNkosana uthi usekhulile futhi ujabulelile manje yingakho nje eyise uVodacom enkantolo.
IMPILO YOQOBO
NGASUNGULA uPlease Call Me
UNkosana Makate uyise isikhondlakhondla somakhalekhukhwini uVodacom enkantolo ebasola ngokuntshontsha umbono wakhe benza ngawo izigidi
