zulu.2904.trivapr
BONA ZULU – April 2008
IZINHLOKO-DOLOBHA zomhlaba
EZINHLOKO-DOLOBHA zasemazweni amaningi kulapho uhulumeni walelo zwe kuvame ukuba uzinze khona. Kodwa kokunye izinto azilula ngalolo hlobo…
 Bolivia: I-Sucre kuseyinhloko-dolobha yomthetho sisekelo, kodwa uhulumeni wasezingeni likazwelonke kade wayishiya leyo ndawo wathuthela eLa Paz.
 Côte d’Ivoire: I-Yamoussoukro yayilungiselwe ukuba ibe yinhloko-dolobha kazwelonke ngo-1983, kodwa amahhovisi kahulumeni nawamanxusa asese-Abidjan.
 Malaysia: I-Kuala Lumpur yinhloko-dolobha yomthetho-sisekelo kodwa isizinda sokuphathwa kwesifunda sathuthelwa ePutrajaya eqhele ngamakhilomitha angu-30 ngeminyaka yo-1990. Iphalamende lilokhu liseKuala Lumpur.
 The Netherlands: I-Amsterdam yinhloko-dolobha kazwelonke yomthetho-sisekelo nakuba uhulumeni,inkantolo ephakeme nezigodlo zendlovukazi konke kuse-Hague.
 South Africa: Inhloko-dolobha yokuphatha isePitoli, eyokushaywa komthetho iseCape Town kuthi eyokugcinwa komthetho ibe seBloemfontein – kusukela ekusungulweni kwe-Union of South Africa ngo-1910.
Kuyenzeka idolobha lakhiwe ngenhloso yokulenza inhloko-dolobha njengeBrasilia eBrazil neCanberra e-Australia.
Bheka ukuthi ungaziqondanisa yini lezi zinhloko-dolobha namazwe azo (sikwenzele eyokuqala)…
AMAKHASIATHOKOZISAYO
Amanye amadolobha amakhulu emhlabeni kodwa angezona izinhloko-dolobha. Nantu uhlu lwezinhloko-dolobha ezinkulu emazwenikazi…
Africa: Cairo (16 100 000) Asia: Tokyo (21 237 000)
Europe: London (14 400 000)
North America: Mexico City (19 809 471)
Oceania: Wellington (445 400)
South America: Buenos Aires (11 700 000)
IZIMPENDULO
A1/B5; A2/B11; A3/B1; A4/B19; A5/B30; A6/B18; A7/B6; A8/B21; A9/B28; A10/B7; A11/B22; A12/B2; A13/B9; A14/B24; A15/B12; A16/B13; A17/B27; A18/B23; A19/B3;A20/B14; A21/B4; A22/B20; A23/B8; A24/B10; A25/B26; A26/B15; A27/B29; A28/B17; A29/B16; A30/B25
A1
Athens
Vietnam
B1
A2
Dakar
Belgium
B2
A3
Hanoi
Jamaica
B3
A4
Islamabad
Norway
B4
A5
Kiev
Greece
B5
A6
Jerusalem
Peru
B6
A7
Lima
Greenland
B7
A8
Madrid
Iran
B8
A9
New Delhi
Denmark
B9
A10
Nuuk
France
B10
A11
Ankara
Senegal
B11
A12
Brussels
Austria
B12
A13
Copenhagan
Namibia
B13
A14
Zagreb
Sudan
B14
A15
Vienna
Canada
B15
A16
Windhoek
Mauritius
B16
A17
Havana
Rwanda
B17
A18
Dhaka
Israel
B18
A19
Kingston
Pakistan
B19
A20
Khartoum
Italy
B20
A21
Oslo
Spain
B21
A22
Rome
Turkey
B22
A23
Tehran
Bangladesh
B23
A24
Paris
Croatia
B24
A25
London
Finland
B25
A26
Ottawa
United Kingdom
B26
A27
Riyadh
Cuba
B27
A28
Kigali
India
B28
A29
Port Louis
Saudi Arabia
B29
A30
Helsinki
Ukraine
B30
Kuyiqiniso!
I-ICE Cricket wuhlobo oluthile lwekhilikithi olwasungulwa ngo-2001 nguJason Barry ongumqeqeshi weqembu lesizwe lekhilikithi e-Estonia.
Njengoba negama lizisho i-Ice Cricket, idlalwa eqhweni ngebhola elibomvu likapulasitiki.
Iqembu ngalinye kufanele lishaye ama-overs ayisithupha nokuchaza ukuthi wonke umuntu uyalithola ithuba.
Amaqembu angaba nabadlali abangadlulile ku-10 kusukela kwabayisithupha.
Uma kwenzeka lapho ushaya ibhola lihamba kakhulu, kwi-score sakho kufakwa amanye ama-run ayisithupha.
AmaShayina
Ayesebenzisa i-aluminium ngeminyaka yo-300 AD. Impucuko yaseMpumalanga yakuvuselela lokhu ngo-1827.
I-Puzzle Yezithombe
Isithombe ngasinye siyakutshela ukuthi yini okufanele uyibhale ezikhaleni ezingenalutho.
BONA ZULU – April 2008
Inyoni izalela kanjani?
Izinyoni kudingeka zindize ukuze zithole ukudla nokuba ziphunyuke ezitheni zazo. Izinyoni ezizalelayo azikwazi ukuthwala amaqanda asindayo emizimbeni yazo ngoba isisindo singazivimbela ukuba zindize.
Umzimba wayo inyoni wenza ingxenye ethambile yeqanda, bese lokhu kwehla ngeshubhu elenza ingxenye eqinile. Ingxenye eqinile iqedeleka lapho isizalela esidlekeni. Liduduleka liphume emzimbeni ngaleli shubhu iqanda.
t
SIZA!
I-cell imanzi
NGABE i-cellphone yakho ingene emanzini? Nayi indlela yokuyisindisa…
1 Yikhiphe ngokushesha emanzini. Nakuba kukhona amakhava, amanzi kungawathatha imizuzwana engu-20 ukungena ngaphakathi kwi-cellphone - ngakhokhe shesha!
2 Khipha ibhethri. Lokhu kubalulekile kakhulu. Ugesi namanzi akuhlangani. Kuningi okungavikeleka ngalokhu.
3 Khipha iSIM card. Okunye okubhalwe ekhadini lakho kungasinda. Kwabanye abantu lena yiyona into ebalulekile kune-cell uqobo.
4 Omisa ucingo lwakho. Sebenzisa ithawula noma i-paper towel ukukhipha amanzi amaningi.
5 Iyeke yome kahle. Ngeke ukwazi ukuba ukhiphe wonke amanzi ngokuyesula, ngakhoke yiyeke izomele ngokwendalo.
6 Linda. Lena yingxenye enzima - ukushiya i-cell yakho yodwa kukhishwe ibhethri neSIM card ube uyibeke endaweni lapho izokoma khona. Uma likhona ithuba lokuthi ingase iphinde isebenze, kungadingeka ukuba yome kahle kuqala. Lokho kusho cishe ukuyilinda izinsuku ezingafinyelela kwezine.
7 Ihlole. Qiniseka ukuthi yonke into ihlanzekile futhi yomile bese ubuyisela ibhethri ukuze ubone ukuthi iyasebenza yini.
Uma ucingo lwakho lungasebenzi, zama ukuli-charger ngaphandle kokulisebenzisa nebhethri. Thenga nebhethri entsha.
Uma konke lokhu kungakusebenzeli, luthathe uluhambise kumkhandi owaziwayo - mhlawumbe kuyena ungasizakala.
QAPHELA: Ngeke ube namathuba amaningi okuhlenga i-cell yakho uma ingene emanzini olwandle. Kodwa emva kokukhipha ibhethri ungazama ukuyisula ngamanzi afreshi ukuze kuphume usawoti ngaphambi kokuba uyomise ngendlela esiyibeke ngenhla.
ISEXWAYISO: Ungayishisi ngoba ibhethri ingaqhuma. Ungalokothi futhi uthi uyayomisa ngokuyifaka kwi-microwave ngoba mhlawumbe lokho kungabulala ne-microwave.
BONA ZULU – April 2008
AMAKHASIATHOKOZISAYO
Unayo iCD endala engasasebenzi?
Yenze indize
 Phuma uye emnyango.
 Qiniseka ukuthi akekho ophambi kwakho.
 Bamba iCD ngesandla, ugobise isandla isihlakala siphumele ngaphandle.
 Yibambe iCD ngendlela yokuthi ithinte esifubeni.
 Ngamakhulu amandla yishwibe, uzoyibona izondiza ibanga elide.
QAPHELA: Qiniseka ukuthi ngeke indize ishaye izinto ezingafa kudaleke umonakalo.
Zithokozise ngeCD
Funa igama
Thola amagama ngokufunda uya phambili, emumva, phezulu, phansi, uvundle. Ungalokothi emgqeni weqe uhlamvu lwegama. Dweba ukekelezele igama ngalinye, bese ulicisha ohlwini oluseceleni.
INSIMBI YOQOBO!
I-ABRAMS Tank yaseMelika yasetshenziswa kwiGulf War inesisindo esingu-61 tons ubude obungu-9,76m, ububanzi obungu-3,66m nokuphakama okungu-2,44m. Inabantu abasebenzayo abane, inenganono eyodwa engu-120mm nezibhamu ezintathu ezizishintshayo. Emigwaqweni ingahamba ngesivinini esingu-68km/h. Uma ingahambi emgwaqweni ijubane eliphezulu engaye ifinyelele kulona ngu-48km/h.
I-Abrams tank ivikelwe yinsimbi yeChobham eyenziwe ngama-layer e-steel ne-ceramic. Amafutha nezikhali kubekwa emagumbini afihlekile anezinto zeziqhumane ukuvikela abaphakathi zingabaqhumeli uma kwenzeka leli thange lilimala.
Beka ngokuyikho
Hlela lezi zinhlamvu zamagama ngendlela efanele.
BONA ZULU – April 2008
Kungani abesilisa babe nezingono?
Ngesikhathi samasonto okuqala ayisithupha kuya kwayisishiyagalombili, umbungu ungakhula ube yintombazane noma umfana.
Uma ungakhuthazwanga ama-hormones esibelethweni, kuthi lapho uba yintombazane kuphele izitho zokuba ngowesilisa.
Izingono zidaleka ebuncaneni nokuyinto eba noma kubani.
Ngoba zibalulekile kwabesimame asebekhulile, ziyaqhubeka zikhule kubona.
Izingono kumuntu wesilisa kuyenzeka zibekhona ekukhuleni kanti kulula ukuba umzimba uzigcine kunokuba ziphele ngesikhathi umfana ekhula.
Lokhu kuyenzeka kuye kufinyelele ezingeni lokuqala kwamabele amancane.[z]
