zulu.1246.fuel
indaba nesithombe nguGAVIN FOSTER
Ngisebenzise muphi uphethiloli?
Umthetho omusha nemoto yakho endala
Manje sekuyicala ukuba amagaraji kaphethiloli adayise uphethiloli onezithako ze-lead eSouth Africa. Nakuba lokhu kukuhle ngokungadungeki komoya nemvelo, kusho ukuthi ezinye izimoto ezindala zingaba nenkinga yokufa kwezinjini uma zihamba ngophethiloli ongafanele…
SEKUNEZINHLOBO ezine zama-grade kaphethiloli ezidayisayo lapha eSouth Africa. Okufanele uwusebenzise ozozwana nemoto yakho nangokwendawo ohlala kuyona. Ngisho ngabe usebenzisa i-unleaded noma lowo omusha i-lead replacement petrol (LRP) kuncika eminyakeni yemoto yakho.
Izinga le-octane okufanele uyisebenzise lilawulwa yindawo ohlala kuyo, nemininingwane oyinikwa abenzi bohlobo lwemoto yakho.
I-lead yaqalwa ukufakwa kuphethiloli ngeminyaka yo-1920 ukuze isize ivikele ukuqhuma okungalawuleki ngaphakathi kwi-cylinder head.
Intuthu ye-lead ephuma kwi-exhaust iyingozi kubantu, kodwa inkinga enkulu nge-lead ivala ama-catalytic converters afakwa ezimotweni bese kuphuma izinto eziwubuthi kakhulu ku-exhaust.
Ngabe umthetho wokuvalwa kokusetshenziswa kwe-lead ukuthinta kanjani wena ohamba ngemoto? Kwabaningi impendulo ithi awubathinti nakancane.
Abanini bezimoto ezakhiwa kusukela ngonyaka ka-1997 kuza kule minyaka yamanje bangasebenzisa o-unleaded osuthengise kuleli kusukela ngo-1996, ngoba izinjini zezimoto zabo zenzelwa ukuhamba ngawo.
Labo izimoto zabo ezindala kunalezo bangasebenzisa omusha i-lead replacement fuel nolethelwe ukuthatha indawo yalowo o-leaded.
Ngonyaka odlule, amaphesenti angu-60 abanini bezimoto bakuleli babesebenzisa uphethiloli owawune-lead, kodwa abaningi bakwenza lokhu ngoba bengazi ukuthi izimoto zabo zizosebenza kangcono kwi-unleaded.
Kwenzekani uma uhambisa imoto yakho ngophethiloli ongesiwo? Make siqale sibheke umbuzo wokukleliswa kwe-octane.
I-OCTANE yenjini incike ekutheni ikwazi kangakanani ukumelana nokuqhuma (ukuqhuma okungalawuleki) kukaphethiloli ezingoxini okuphehleka kuzo umlilo.
Uma isikalo se-octane siphezulu, mancane amathuba okuqhuma okungenzeka.
Uma imoto yakho yayenzelwe uphethiloli one-octane ephezulu kodwa wena uyihambisa ngone-octane ephansi, uzozwa umsindo omncane wokudlekezeka enjinini ngenxa yomthwalo.
Lo msindo udalwa wukuqhuma, okungadala ukushisa kakhulu nokudleka kwenjini ngokushesha.
Ungasebenzisi uphethiloli one-octane ephansi kunaleyo egunyazelwe imoto yakho, kanti futhi khumbula ukuthi imoto edinga i-93 octane (endaweni eqhele ngaphezu kuka-1 200 metres kusuka olwandle) izodinga uphethiloli i-95 octane.
Kungakho amagalaji kaphethiloli ezindaweni ezisogwini enophethiloli i-95 octane kuphela ekubeni amaphakathi nezwe athengisa oyi-93 noyi-95 octane.
Iningi labantu lisebenzisa uphethiloli one-octane ephezulu, ngaphandle kokubhekela ukuthi izimoto zabo zidinga onjani, ngoba bekholelwa wukuthi izinjini zezimoto zabo zizoba namandla.
Lokhu akusilo iqiniso - into abayenzayo wukuchitha imali yabo ngoba uphethiloli i-95 octane ibiza kakhulu kune-98 kanti ayenzi lutho enjinini engenzelwanga ukusebenzisa yona.
A KE sibheke udaba lweLRP/unleaded. Njengoba sishilo ekuqaleni, uma imoto yakho ine-catalytic converter ne-exhaust gas monitors esheshe izwele, qhubeka usethe i-tuning yenjini yakho ukuze ihambisane noshintsho kungadaleki umonakalo.
Kuthiwani ngezimoto ezingenawo lama converters nama-sensors?
Ezinye, ikakhulu ezindala zincike kwi-lead ekuphethiloli wazo ukuze uvale ugcobe ama-valve seats enjini uwavikele angadleki.
Lapha ukusebenzisa o-unleaded noma i-LRP kungaholela ekudlekeni ngokushesha eduze kwama-valve kuma-cylinder heads.
Ikhambi lalokhu - ungakwazi ukushintsha ama-valve seats kube ngaqinile angeke akwazi ukudleka, uma injini isebenza ngophethiloli ongenayo i-lead.
Amagalaji kaphethiloli njengamanje asenezithako zamakhemikhali angahlanganiswa nophethiloli wakho ukuze kuvikeleke ama-valve seats enjini yakho, kodwa izimoto eziningi azikudingi lokhu.
KONKE lokhu kuzwakala kunzima. Okufanele ukwenze wukubona ukuthi imoto yakho ifuna ukufakelwa i-unleaded noma lowo ozothatha indawo ye-lead. Uma usebenzisa i-unleaded, uzokwazi ukukhetha phakathi kuka-91, 93 no-95 octane ezindaweni eziningi.
Uma unokungabaza ukuthi imoto yakho idinga yiphi i-octane, kungcono usebenzise engu-higher grade kunengu-lower, ukuze ugweme ukulimala kwenjini.
Kulabo abangeke bakwazi ukusebenzisa uphethiloli i-unleaded, lowo ozothatha isikhala se-lead uzotholakala kwi-95 octane ngasogwini, ongu-93 octane utholakale maphakathi nezwe.
Ngaphandle kokuphathelene nemvelo, kukhona okulusizo okumbalwa ongakuthola ngokuhambisa imoto yakho nge-unleaded.
Uwoyela wenjini uhlala uhlanzekile isikhathi eside, ama-spark plug nomgudu we-exhaust kusebenze isikhathi eside nokukwenza ungayisevisi njalo.
Abe-Automobile Association, bebambisene nabakwaBP, sebenocingo losizo ngophethiloli ukuze kusizakale abashayeli abanezinkinga.
Bashayele kwethi: 083-900-3835, noma abenzi bezimoto kweyodwa yalezi: [z]
BONA ZULU – March 2006
Njengoba lo mthetho omusha usanda kwethulwa, abashayeli abaningi badidekile ukuthi yimuphi uphethiloli okufanele bawusebenzise…
UNGAXHUMANA NABENZI BEZIMOTO
qAlfa Romeo: 011-205-3727/28/29
qAudi: 086-043-4838
qBMW: 0800-600-555
qChevrolet: 0800-422-777
qChrysler: 0800-133-355
qCitroen: 011-723-1000
qDaewoo: 0800-422-777
qDaihatsu: 011-723-1000
qFiat: 011-205-3727/28/29
qFord: 0860-011-022
qHonda: 011-847-9400
qHyundai: 011-723-1000
qIsuzu: 0800-422-777
qJaguar: 0860-308 400
qJeep: 0800-133-355
qKia: 011-723-1000
qLand Rover: 0860-110-090
qLexus: 031-910-4371
qMaybach: 0800-133-355
qMazda: 0860-011-022
qMercedes: 0800-133-355
qMG Rover: 011-723-1000
qMini: 0800-600-555
qMitsubishi: 0800-133-355
qNissan: 0800-647-726
qOpel: 0800-422-777
qPeugeot: 011-879-7440
qRenault: 011-607-7300
qSaab: 0800-422-777
qSmart: 0800-133-355
qSsangYong: 011-723-1000
qSubaru: 011-608-0116
qSuzuki: 0800-422-777
qTata: 0861-828-211
qToyota: 031-910-4371
qVolkswagen: 0860-434-737
qVolvo: 012-845-8657
BONA ZULU – March 2006
