zulu.2902.beauty (2)
BONA ZULU January 2009
EZOBUHLE
ISIKHUMBA
ESICHACHAMBILE
NGABE ave kuyisifiso sethu sonke ukuba nesikhumba esihle esichachambe njengesabakhangisi esibabona ezikhangisweni? Nakuba ezithombeni bevela bephaquliwe, sazi nokuthi akulula ukuba nebala elingenankinga, ungakwazi ukulwa namabala amabi.
Ibala lesikhumba licaciswa esikubiza nge-melanin - uma isikhumba sakho sine-melanin eningi, siba nebala elinsundu. I-melanin ivikela isikhumba elangeni kanti okuhle ngayo wukuthi yenza sihlale sibukeka njengesengane.
Uma isikhumba sakho sinenkinga, siba nezisihla, ibala laso lingacaci noma sigqunqe noma sikhanye kakhulu. Uma ukhula, kungenzeka kubonakale amabala amnyama ebusweni. Lawa mabala aziwa njengawokukhula kanti ayingxenye yezinkinga zesikhumba ezijwayelekile.
I-Hyperpigmentation yigama lesayensi elichaza amabala amnyama. Ingadalwa okunye kwalokhu okulandelayo.
Ukuhlala elangeni. Uma uhlala isikhathi eside elangeni, isikhumba sikhiqiza i-melanin eningi. Kumqoka ukusebenzisa okuzokuvikela elangeni okune-sun protection factor (SPF) uma uchitha isikhathi esiningi phandle.
Ukudla okungenamsoco. Uma ungazidli izithelo nama-veg anele, noma kukhona amavithamini ongawatholi, ungaba namabala amnyama.
Ukutinyelwa yizinambuzane, izinduna noma izibazi kungenza ibala libe mnyama kunokujwayelekile.
Kunezindlela zokulwa nale nkinga kodwa kumqoka ukuya kudokotela wesikhumba kuqala.
Ama-gel acacisa ibala awabizi kanti awanangozi ekulweni namabala amnyama. Amanye atholakala emakhemisi (lawa aqeda amabala angemabi), kodwa amanye uwathenga ngencwadi kadokotela.
Iningi lalawa ma-gel lithakwe ngokulwisa i-melanin kanye nokususa isikhumba esonakele. Ngaphambi kokugcoba i-gel, geza ubuso ukuze ingene kahle esikhumbeni. Yisebenzise kabili ngosuku, noma wenze okutshelwe wudokotela. Linda okungenani imizuzu engu-20 ngaphambi kokuyigcoba.
Umehluko uzowubona emva kwezinyanga ezimbalwa uqalile ukuyisebenzisa!
Ungalokothi usebenzise ama-gel alwa namabala amnyama anama-steroids nane-mercury ngoba ayingozi esikhumbeni.
Kukhona okunye ongakusebenzisa okungenza ukuba amabala amnyama angabukeki kabi njenge-laser treatment nama-chemical peels. Lokhu kunamandla kodwa kuyabiza kanti kubuhlungu.
I-make-up elungisa ibala ikahle emabaleni amnyama. Nakuba ingawasusi amabala, yenza afane nebala lakho lemvelo kanti kuhle uxhumane nochwepheshe weziphaqulo ozokusiza ukuze ukhethe umbala ofanele. Ukwenza isibonelo, i-make-up e-purple ingena kahle ebaleni eliphuzi. Geza ubuso njalo kusihlwa ukuze ususe i-make-up isikhumba sihlanzeke.
Yonke imikhiqizo yama-make-up kufanele ibe nezithako eziphephile esikhumbeni. Ukuba nebala elimhlophe (albinism) kungenye inkinga yesikhumba edalwa wukushoda kwe-melanin emehlweni, esikhumbeni nasezinweleni. Le nkinga ibuye idalwe wufuzo kanti ayandile. Isikhumba siba mhlophe noma siphaphatheke, izinwele ziba mhlophe noma zibe phuzi, amehlo aba bhlu noma abe grey. Amehlo ayazwela ngoba awanayo i-melanin ewavikela elangeni. Abantu abanale nkinga ababoni kahle emehlweni kanti basengozini yokuphathwa wumdlavuza wesikhumba.
Ngeshwa akukho okwelapha leli bala kodwa vikela amehlo ngokugqoka izibuko zelanga. Abantu abanebala elimhlophe kufanele babuye basebenzise i-sunscreen bagqoke nezigqoko ukuze baphephe amdlavuzeni wesikhumba. [z]
Indaba: Charis Dawson
Gwema imikhiqizo eyingozi esikhumbeni
Ezinye izinkinga zesikhumba
Akusiwo amabala amnyama nebala elimhlophe kuphela okubalwa ezinkingeni zesikhumba. Nakhu okunye.
Vitilgo: Amabala amhlophe abushelelezi ahlupha abaneminyaka ephakathi kuka-10 no-30 abuye abe khona uma usikekile noma ulimele.
Malasma: Yibala elimnyama eliyi-mask elimboza izihlathi nekhala. Livame ukubonakala uma usuzobeletha.
Moles: Amabala amnyama amancane atholakala emzimbeni. Awanangozi kodwa ukushintsha kombala wawo, ame ngenye indlela noma abe amaqhubu aphuma igazi, kungaba wuphawu lomdlavuza wesikhumba.
Fishscale Disease (Lamellar Ichthyosis): Izibhadu ezimnyama, ezinoqweqwe ezomile esikhumbeni eziyisifo esiwufuzo.
Litchen Simplex: Isikhumba sibaba kakhulu sibe nezibhadu ezimnyama eziwugqinsi.
Ukubhekana kanye nokufihla izisihla...
BONA ZULU January 2009
