zulu.2901.parenting
okwabazali
Izingane ezingaphenduki
BONA ZULU - August 2007
UKUZE ubelethe kahle, ingane kufanele ilale "ikhanda libheke phansi, isilevu sihlale esifubeni, umhlane wayo uncike odongeni lwesibeletho sikamama," kusho iPregnancy And Birth Companion kaSister Lillian.
Izingane azilali kahle uma umama esanda kukhulelwa kodwa eziningi zibheka phansi uma umama esenamasonto angu-32-36 ekhulelwe.
Ezinye ziphenduka lapho umama esezobeletha kanti ezinye aziguquki nhlobo. Uma ingane yakho ingaguquki, kusho ukuthi kukhona inkinga ezodinga ukuba ubelethe ngokuhlinzwa.
Izingane ezingalele kahle azizalwa ngendlela ejwayelekile ngoba kuningi okungaba yingozi empilweni yengane.
Kusemqoka ukubonana nodokotela noma umbelethisi ukuze abone ukuthi ingane ilele kanjani.
Idalwa yini le nkinga"
Uma kukhona okuyinkinga esibelethweni, ingane kungenzeka ingalali kahle kuze kufike isikhathi sokubeletha. Indlela isibeletho nomzanyana okumi ngayo ingathikameza ukulala kwayo.
Kujwayelekile ukuthi izingane ezingamawele zingalali kahle esibelethweni ngenxa yokushoda kwendawo.
Ingane kungenzeka ingalali kahle uma amanzi emaningi noma eshoda esibelethweni. Uma ingane yake yaba nenkinga ethile isengumbungu kungenzeka ingalali kahle.
Ukulala kwengane
u Ukulala ikhanda libheke phezulu: Kulokhu iyaqoshama.
u I-Frank Position: Ikhanda libheka phezulu izinyawo zihlale ekhanda.
u Ukuhlala ngezinyawo: Izinyawo zengane zihlala esinqeni.
u Ukuhlala ngamadolo: Ingane ihlala amadolo abheke phansi ize ngawo uma usubeletha.
Siza ingane iphenduke
Uma kwakuyisifiso sakho ukubeletha kahle kodwa kudingeke ukuba uhlinzwe ngenxa yokungaguquki kwengane, zama lezi zinto ukuze iphenduke:
u I-ECV: Abanye odokotela benza i-ECV (External Cephalic Version) ukuze ingane iphenduke. Kulokhu ingane iphendulwa wudokotela noma wumbelethisi. Kufanele wena nengane niphile kahle ukuze kwenziwe i-ECV.
u Ukuzivocavoca: Guqa ngamadolo ubambelele phansi, ikhanda lithinte phansi kodwa amathanga aphakame ngo-90 degrees. Lokho kwenze imizuzu engu-15 kabili ngosuku izinsuku ezingu-5. Ingane ngeke iphenduke uma isinqe sayo sikwesingezansi.
NGEMINYE IMINININGWANE
Conception, Pregnancy & Birth ebhalwe nguDr. Miriam Stoppard (DK, 2000)
Pregnancy And Birth Companion kaSister Lilian (Human & Rousseau, 2005)
Uma ingane ingalele kahle ngeke ubelethe ngendlela ejwayelekile...
Okomama
nobaba....
OBABA bahlukahlukene. Nakuba uthando olunika izingane zakho nothando olunika umndeni luyingxenye yento ebalulekile ekubeni ngubaba, kunezinto ezincane ezenza kubonakale ukuthi ungubaba ngempela.
Ngabe ulusizo" Obaba abalusizo bayakwazisa ukunakekela izingane nenhlalakahle yekhaya.
Ngabe uyakuthanda ukuthokozisa izingane zakho" Ubaba othokozisa izingane zakhe uyakuthanda ukudlala nazo kanti akanqeni ukwenza imisebenzi yasekhaya.
Ubaba oyilolo hlobo akayisweli imidlalo angayidlala nezingane zakhe kanti ubuye azifundele izincwadi izingane zakhe.
Ubaba oshaya imithetho: lolu hlobo lukababa luyaqikelela ukuthi imithetho iyagcinwa ekhaya. Uyathanda ukuba yisibonelo esihle ezinganeni zakhe.
Ubaba onozwelo: lo baba uyazizwela izingane zakhe kanti uzenzela noma yini eziyicelayo ngisho noma umama esenqabile ukuba zenzelwe.
Ubaba osiza ekhaya: lo baba usiza umama ekhaya asize nasekunakekelweni kwezingane. Uyahambisana nemithetho eshaywa ngumama ekhaya kodwa abuye enze okuzothokozisa izingane zakhe adlale nazo.
Ukuqinisa imisipha kwesingezansi
Ukukhulelwa kuyawugqilaza umzimba kanti ukuthamba kwemisipha kwesingezansi kuhambisana nokukhulelwa.
Ukukhuphuka kwezinga le-hormone ebizwa nge-progesterone kungathambisa imisipha kwesingezansi kanti ukubeletha kungenza inwebeke. Lokho kungenza ukuba umchamo uphunyuke uma uhleka noma uthimula.
Ukuqinisa imisipha yakho ngokuzivocavoca kungasiza kugwemeke nale nkinga.
Indlela yokuqinisa imisipha kwesingezansi:
Qinisa imisipha kube sengathi ubamba umchamo.
Yibambe imizuzwana embalwa bese uyayidedela imisipha.
Phindaphinda lokhu ka-10 ngosuku. Uma usaqala kwenze usheshe ukuyidedela imisipha uthathe isikhathi uma usujwayele ukuzivocavoca ngalolu hlobo.
Ukuphunyuka komchamo kungakuhlupha uma usumdala noma kuye nangokwesibalo sezingane osuzitholile.
Izinkinga ezihambisana nokuphunyuka komchamo zihambisana nokuhluleka wukuwubamba uma uphisiwe, ukuphunyuka kwawo ngesikhathi uthimula noma ukhwehlela nokuphiswa njalo. Xhumana nodokotela wakho uma unalezo zinkinga. Angakusiza ngemithi engakusiza akutshele nendlela ongazivocavoca ngayo ukuze usizakale.
Ungubaba onjani"
BONA ZULU - August 2007
nguNONHLANHLA KHUMALO
u
t
okwabazali
Fundisa izingane
Izingane zivame ukuba nemibuzo eminingi eziyibhekisa kubazali bazo. Lokho akukubi - hlela izinto ezimbalwa ezizokwenziwa yizingane uzinike ithuba lokuba kube khona ezizokufunda empilweni yansuku zonke...
BONA ZULU - August 2007
Vakashelani epaki
Ukuvakashela epaki kungafundisa izingane okuningi ngemvelo. Zingabona izihlahla, izilwane ezincane nezinambuzane - zingathinta nezinto ezihlukahlukene zihogele namaphunga anhlobonhlobo.
Ningabuye nishaywe wumoya niye e-botanical gardens lapho nizothola khona abasiza izivakashi abazofundisa izingane esezikhulile ngemvelo.
Zithokoziseni ngokuthenga
Uma uyothenga uhamba nengane, yichazele ngokudla okunhlobonhlobo okuthengayo. Yithathe uye nayo lapho kubekwe khona ama-veg nezithelo uyichazele ngemibala ehlukahlukene ithinte nezinto enizibonayo, uyichazele nesizathu sokubekwa kokudla efrijini okunye kubekwe emashalofwini.
Lokhu kungayifundisa izinto eziningi ebingazi ngazo ingane yakho.
Khuluma nengane yakho
Ukucija ingane kwezokuxhumana kuqala ngokufunda kwayo ukukhuluma nokulalela. Ukuchitha isikhathi esiningi ukhuluma nengane kuzoyikhuthaza ukuba ixhumane nabantu kalula.
Ukukhuluma kuphela akwanele, kodwa ukukhuluma kuhambisana nokulalela unyakazise nomzimba nokuyinto ezokunika umqondo ngemizwa yabantu nendlela abaphatheke ngayo.
Izingane azikhathazwa wukukhuluma kanti zama ukukhuluma nazo zikhathi zonke.
Yixoxele izindaba
Izingane ukufunda zikufanisa nomsebenzi wesikole kanti azikukhonzile ukufunda. Ongakwenza wukuyikhuthaza ukuba ikuthande ukufunda isencane. Ukufunda kuyicija olimini ezoludinga kakhulu esikoleni.
u
BONA ZULU - June 2007
t
okwabazali
Ukubhema nomndeni
SONKE siyazi ukuthi ukubhema kuyingozi empilweni yakho kodwa akulula ukukuyeka. Nakuba kungelula ukukuyeka, sikhona isizathu esingenza ukuba okungenani uzame ukukuyeka - impilo yomndeni wakho!
n Ukubhema ukhulelwe noma ukuhogela iphunga likagwayi ngesikhathi ukhulelwe kungaba yingozi enganeni engakazalwa. Qiniseka ukuthi akukho muntu obhemela endlini ngesikhathi ukhulelwe.
n Ukuhogela iphunga likagwayi kungathikameza impilo yengane ihlushwe yinkinga yokugcwala komoya esiswini ingaphefumuli kahle.
n Izingane ezihogela iphunga likagwayi zisengozini yokuphathwa wumdlavuza wamaphaphu uma sezikhulile.
n Khuluma nodokotela wakho uma ufuna ukuyeka ukubhema ngoba kukhona okungakusiza ukuze uyeke kalula. Qiniseka ukuthi umndeni wakho noma abanye abantu abangabhemi abalihogeli iphunga likagwayi. Uma ubhema, qiniseka ukuthi uphumela phandle ubheme noma ubhemele kulezo zindawo ezimiselwe lokho.
Ukuthengela ingane ipheya lezicathulo
UMA ingane yakho isikwazi ukuhamba kufanele uyithengele izicathulo ezizovikela izinyawo zayo zenze kube lula ukuba unyawo lukhule kahle.
n Ukuphepha kuqala: Izicathulo zengane yakho kufanele ziyilingane kahle zingasheleli zibe ne-rubber ngaphansi.
n Thenga izicathulo uma ilanga seliphakeme: Izinyawo zengane, njengozomuntu omdala, ziyaqumba uma ilanga seliphakeme. Ukuze uyithengele ipheya elizoyilingana kahle ingane kungcono uzithenge ntambama ungazithengi ekuseni.
n Qiniseka ukuthi ziyilingana kahle. Hamba nengane uma uyoyithengela izicathulo ukuze izilinganise. Kufanele kusale isikhala esingangomunwe wakho wokukhomba ngemuva esicathulweni nasendaweni engaphakathi ngaphezulu ukuze ubone ukuthi isicathulo siyilingana kahle.
BONA ZULU - August 2007
AMANGA NOMA YIQINISO"
Kufanele ubelethe ngokuhlinzwa kanye
AMANGA! Ungabeletha ngokuhlinzwa kuze kube yikathathu uma ungakaze ube nenkinga ngesikhathi uhlinzwa noma ungakaze uhlinzelwe okunye kwesingezansi. Abanye odokotela bangakwazi ukukubelethisa ngendlela ejwayelekile ngisho noma ngabe wawubelethe ngokuhlinzwa phambilini.
Khumbula ukuthi ukubeletha ngokuhlinzwa kungumsebenzi onzima kanti kungaba yingozi njengazozonke izinhlobo zokuhlinzwa.
Ubisi olunamafutha luyavundisa
NGABE unenkinga yokukhulelwa" Uthi ubuwazi ukuthi ukuphuza ubisi olunamafutha nokudla u-ice-cream kuvundisa iqanda kalula"
Abacwaningi baseHarvard University bathola ukuthi abesimame ababedla imikhiqizo yobisi enamafutha ngosuku ababi nankinga yokukhulelwa. Kwabonakala ukuthi ababesebenzisa engenawo amafutha amaningi bona babeba nenkinga.
Uma udla ukudla okunempilo ngeke ukhuluphaliswe wukudla umkhiqizo onobisi olunamafutha amaningi.
Ubisi olunamafutha amaningi luzovundisa iqanda umzimba wakho uthole i-calcium eqinisa amathambo namazinyo akho. I-calcium ibuye isize ngokukunika isisindo somzimba esikahle.[z]
