zulu.2897.coaches
ABAQEQESHI
BEBHOLA
BAKULELI
Sinethulela abaqeqeshi bakuleli bamaqembu angu-16 aku-PSL…
indaba nguMark Gleeson, izithombe ngabakwaGallo
EZEBHOLA
NJENGOKWESIKO, cishe ingxenye yalaba baqeqeshi abangu-16 izolahlekelwa yimisebenzi yabo ngaphambi kokuphela kwesizini, njengoba kuyibo laba baqeqeshi bezovula isizini yePSL kulawa makilabhu. Njengoba sesibheke ku-2010 imisebenzi yabo isiqala ukuba nzima, nokuyilapho nabo bebheke imali ephezulu...
Kukubona ukuzinikela kulo msebenzi noma babe ngabanye abangasebenzi…
1AJAX CAPE TOWN
Sibheke ukuqala kwesizini. UCraig Rosslee emkhankasweni wakhe wokuqala wokulwela isicoco naleli qembu wakhombisa enkulu impumelelo. Lo mqeqeshi owayengumdlali wasemumva kwiHellenic nakwiCape Town Spurs wadumaza labo ababemgxeka ngokuba aphendule iqembu labafana be-Ajax ku-U19 laba ngelinyae lamaqembu aphambili kuleli. Njengamanje ubhekene nengcindezi yokuthi akhombise ukuthi akwenza nyakenye akubanga inhlanhla.
2AMAZULU
Uqweqwe lomqeqeshi uClive Barker waqala ukuqeqesha uSuthu ngo-1974 kanti kusukela lapho, useke waliqeqesha leli qembu izikhathi ezahlujkene. Ngesizini edlule leli qembu alibanga nenhlanhla yokungena ku-top. Kulomsebenzi wokuqeqeshwa kwaleli qembu, uClive Barker usizwa nguNeil Tovey. UClive Barker osewake waba ngumqeqeshi weBafana Bafana, uneminyaka yobudala engu-64 nokumenza abe ngumqeqeshi omdala kunabo bonke kuPSL.
3BAY UNITED
Laba bafana ‘abasengomakoti’ baliqhamukisa ePort Elizabeth kanti baqeqeshwa nguVladislav Heric, owake wahlala isikhashana kwiMaritzburg United. Lo mqeqeshi oliqhamukisa eSerbia usanda kusayiniswa ikontileka entsha ngenxa yegalelo lakhe ekukhuphuleleni leli qembu kulesi sigaba. UHeric useke wasebenza kwi-OR Tambo Cosmos nakwiCity Pillars ku-first division kanjalo naseZambia.
4BLOEMFONTEIN CELTIC
Umqeqeshi owayeqeqesha i-U23 uMich d’Avray usebuyele kuleli emva kokuhlala iminyaka elishumi e-Australia. wawina iligi nendebe kabili esekwiCape Town Spurs ngo-1995, waqeqesha neMoroka Swallows. Eqenjini lamaGlugglug akumhambelanga kahle. Waphinde wasebenza ePerth Glory, nokuyilapho awina khona isicoco sikazwelonke, kodwa sekuphele iminyaka eseqhelile ebholeni…
5FREE STATE STARS
U-Owen da Gama ngesizini edlule washiya iPlatinum Stars wayoqeqesha i-Orlando Pirates. Emva komdlalo owodwa wale sizini entsha, usethathe indawo kaDavid Duncan ekuqeqesheni iFree State Stars. UDa Gama ngokwakhe wadlala ibhola elikhokhelayo eBelgium nase-Ireland, kanti waqala umsebenzi wakhe wokuqeqesha kwiWitbank Aces waye wayozakhela igama kwiStars. Ungumqeqeshi osezakhele igama ekuqeqesheni nakuba ehlulekile ukukukhombisa lokhu kwiPirates.
6LAMONTVILLE GOLDEN ARROWS
UManqoba Mngqithi (37) wathatha izintambo zokuqeqesha emva kokuphuma kukaKhabo Zondo cishe ezinyangeni ezingu-18 ezedlule. Nakuba engenawo umlando otheni ngasekudlaleni ibhola, waqala ukuqeqesha emazingeni aphansi kanti kumanje usenze umsebenzi omkhulu oncomekayo kuBafana Bes’thende.
7KAIZER CHIEFS
Lo mqeqeshi weChiefs ungowokudabuka eTurkey. Iqembu lakhe lisanda kuqala ukuhlangana nokulenze langena kwi-top eight. Lingoshampeni beTelkom Knockout. UMuhsin Ertugral (49) kungenzeka abhekane nokuxoshwa uma leli qembu lehluleka wukuba ngelinye layobanga isicoco seligi ekupheleni konyaka. Usewine izindebe ezinhlanu kwiChiefs neyodwa kwi-Ajax Cape Town. Ngo-2001 kwaphela isizini iqembu leChiefs lilele isibili kwiligi.
8MARITZBURG UNITED
Lo mqeqeshi usewine izicoco zeligi ezine namaqembu amane ehlukene. Kuleli qembu uGordon Igesund kuzodingeka ukuba enze konke okusemandleni ukusiza leli qembu elisanda kukhushulelwa kulesi sigaba kuPSL.
U-Igesund wathatha indawo ka-Ian Palmer owaxoshwa emva kokuwina isicoco kwi-first division. Leli qembu le-Maritzburg yiqembu lika-13 lo mqeqeshi u-Igesund oneminyaka engu-52 aseke waliqeqesha ebholeni elikhokhelwayo kuleli.
9MAMELODI SUNDOWNS
UTrott Moloto wathatha izintambo zokuqeqesha ku-Igesund ngoFebruary. Lokhu kwaqala ngokuba abambe okwesikhashana. Wake waqeqesha neBafana. Ukuphumelela kwakhe kwiNedbank Cup kwamnika ithuba lokuqhubeka nomsebenzi wakhe kodwa futhi wazi kahle kamhlophe ukuthi ikusasa lomsebenzi wakhe lilele ezandleni zomnini waleli qembu uPatrice Motsepe. UMoloto kuzofanele futhi abhekane nokugxambukela kukaTed Dumitru oseyi-technical director entsha yaleli qembu.
10MOROKA SWALLOWS
UJulio Leal nguye oseqeqesha leli qembu nokuzolenza lidlale ibhola laseSouth America njengoba kwenzeka eminyakeni engu-20 eyedlule lisaqeqeshwa nguMario Tuani. ULeal wahlala kancane kuMazulu ngo-2007. Ungumfowabo kaJairo Leal okumanje ungumsizi womqeqeshi kwiBafana Bafana.
11ORLANDO PIRATES
Umqeqeshi womDutch uRuud Krol ngomunye wabaphula irekhodi kwezebhola emhlabeni jikelele ngokuba abonakale kumafayineli amabili eWorld Cup.
UKrol waqala ukufika lapha eSA ngo-1995 engumqeqeshi wase-Egypt kanti useke wahlala kabili eqenjini leZamalek, wasebenza eBastia, eFrance, waba ngomunye wabaphathi kwi-Ajax Amsterdam. Lo mqeqeshi oneminyaka engu-59 waqala kwiPirates ngempumelelo yeCharity Cup.
12PLATINUM STARS
UMiguel Gamondi wabuyela kuleli ngoDecember wafike wahlenga leli qembu elase lilengela ehlathini. UMiguel ongowase-Argentine, emva kokuxoshwa yiSundowns wasebenza eMorocco emva kancane kokuwina isicoco seligi lapho ayesizwa khona nguNeil Tovey. UGamondi usezakhele elikhulu igama ekuqeqesheni.
13SANTOS
Emva kokukhethwa njengomqeqeshi weSantos ngoJanuary, wehlulwa emdlalweni wakhe wokuqala abaningi bathi ngeke ahlale isikhathi eside uDavid Bright owayengumkhuzi wezempi eBotswana. Wabamangaza ngokubeka leli qembu laseCape Town endaweni yesithathu phezulu nokwaba yinto eyaliphendlela indawo emqhudelwaneni wakwelase-Africa ngo-2009.
14SUPERSPORT UNITED
UGavin Hunt waqokwa njengoMqeqeshi weSizini emva kokuwinisa leli qembu isicoco seligi sokuqala ngqa. Lona futhi ngumklomelo lo mqeqeshi oneminyaka engu-44 awuthola ngesikhathi esekwiBlack Leopards. UHunt angingabazi ukuthi angenza umsebenzi omuhle nakwiBafana. Waqeqeshwa kakhulu kulo msebenzi njengoba aze athola nelayisensi yokuqeqesha ngaphansi kwe-UEFA ezikhokhela ngokwakhe izindleko zokuyofunda phesheya.
15THANDA ROYAL ZULU
Lo mqeqeshi ongowokuzalwa eSweden uRoger Palmgren ngomunye wabangu-8 abasemazweni angaphandle abakuPSL. Ngesizini yakhe yokuqala, leli qembu acishe ladliwa yizembe. UPalmgren phambilini wasebenza eSierra Leone naseNigeria.
16 WITS UNIVERSITY
Nakuba eseke wathola ukuhlonishwa njengoMqeqeshi weSizini kuPSL, uRoger de Sa akakaze awine indebe. Lomqeqeshi owake waba ngunozinti weBafana Bafana okuzothi kule nyanga abe neminyaka engu-44, waqala eqenjini leWits ngo-2001, emva kwalokho wadlulela kwiSantos ngaphambi kokubuyela eGoli ngesikhathi uBrian Joffe ethatha izintambo kuWits wase emheha ngemali enkulu yomholo zinyanga zonke. Ngesizini edlule leli qembu alidlalanga ngokugculisayo kangangoba laqeda kwisizini yePSL lingunombolo 12.[z]
BONA ZULU October 2008
u
t
BONA ZULU October 2008
