zulu.2896.health
Ayivuke
IKHIPHE UMSEBENZI
UKUNGAVUKELWA, akusiyo inkinga ekhathaza abesilisa abadala kuphela. Cishe izingxenye ezintathu kwezine zabesilisa emhlabeni zinenkinga yokungavukelwa kahle.
U-70% wabanalesi sifo banezinto ezisidalayo - okuyizimpawu zezinkinga zezempilo, kusho kwexwayisa uDkt Shingai Mutambirwa, onguchwepheshe waseSoweto wezifo eziphathelene nomchamo osehlole abaningi besilisa beminyaka eko-20.
"Abathathu kwabesilisa abane abanoshukela bazithola bebhekene nenkinga yokungavukelwa," kusho yena.
Ukuvuka kwenduku kwenzeka lapho igazi lingena 'endukwini' liyenze iqine. Kodwa kuningi okungenza lokhu kungenzeki.
UKUPHUZA UTSHWALA KAKHULU
Uma ungumuntu wesilisa ophuza kakhulu utshwala, usengozini yokubhekana nalesi simo.
Wutshwala kuphela okungaholela ekungavukini kwenduku kanjalo neminye imithi yokwelapha noma ezinye izinkinga zezempilo - konke lokho kungayidala le nkinga.
Izinkinga zokungavukelwa zingadalwa futhi yizinga lamafutha eliphezulu emzimbeni kanye ne-high blood pressure - nokuyizifo eziphazamisa ukuhamba kwegazi liya esithweni sangasese kowesilisa.
I-STRESS
Ukukhathazeka noma ukuba ne-stress kungenza kube nzima ukuvuka kwenduku - ngisho nakubantu besilisa abasebasha.
Kungakhoke ochwepheshe abafana noProf Raymond Rosen ongumqondisi wezinhlelo zezocansi eMelika bethi usuke uyindoda yangempela uma ukwazi ukubhekana nale nkinga ngaphandle kokuba namahloni.
"Ukuhlale ukhathazekile, udiniwe futhi ungenamandla - konke lokhu kumataniswa nokungabi namdlandla ngakwezocansi," kusho uRosen.
Ukusola noma ukugxeka uphathini wakho ngale nkinga noma ukufuna omunye, yizinto ezingeke zisize, kodwa kunalokho kuzoyiqhubela phambili le nkinga.
Ukusebenzisa imithi engenamandla noma engasebenzi kahle kungayenza le nkinga yedlulele .
UNGALUTHOLA USIZO
Lo mlisa omncanyana ophakathi kwemilenze yakho kufanele umnakekele. Akudingeki nakancane uzenyeze ngokuba nale nkinga yokungavuki kwenduku. Okuhle wukuthi lesi ngesinye sezifo eziyizinkinga ezelapheka kalula. Udinga nje isibindi sokuvakashela udokotela wakho ucele usizo.[z]
Indaba: Patricia McCracken
Ngeminye imininingwane xhumana nabeSA Sexual Health Association: ucingo: 0860-100-262: www.sexualhealth.co.za
BONA ZULU February 2009
Ngaphambi kokuba uyisebenzise, kufanele ime - nokuyilapho izinkinga ziqala khona, kodwa le nkinga yokungavukelwa inganqotshwa...
EZEMPILO
Ukusebenzisa izinto zokwelapha ezingasebenzi kahle kungayenza le nkinga yedlulele
ABANGAKWENZA ABESIMAME
Ungakuzibi lokhu:
Kuvamile ukuthi ukwesaba okuhambisana nezinkinga zokungavukelwa kwenze abesilisa babe namahloni. "Kungamsiza owesilisa onale nkinga uma uphathini wakhe embikela ngokwethembeka emva kokuya ocansini, emncoma lapho kufanele ukuze amenze indoda," kusho uchwepheshe wezezocansi uRaymond Rosen.
Ungazigxeki: Ukuzigxeka kungenza ukuba le nkinga yedlulele.
Msize athole usizo: Imithi yokusiza ezinkingeni zokungavukelwa ngeke yenze owesilisa wakho axegelwe yisimilo noma athole iHIV, ngokusho kukaRosen. Lokho akusilo iqiniso. Imithi yokwelapha ingahlenga umshado wakho ikakhulu uma wena nophathini wakho nibhekana nale nkinga ngokubambisa. Kungakhoke omunye wemithi yalesi simo kuthiwa ngu "vusumuzi".
