zulu.2892.tb
Cishe balinganiselwa engxenyeni yokubili kokuthathu abantu baseSA abaneTB - kodwa zilwele ngoba kuvame ukuthi kube lula ukwelapha lesi sifo...
EMASONTWENI ambalwa adlule sizwe ngokushona kukaMaWillies obeyisihlabani somculo we-kwaito emva kokusolakala kokuthi ubeneTB. Ubeneminyaka engu-39. E-KZN naseWestern Cape izibalo zikhomba ukuthi bangaphezulu koyedwa kwabangu-1 000 abantu abaneTB.
Kodwa akufanele ukuthi kube njalo. Ngo-2007 umtholampilo waseMitchell's Plain wazelapha ngendlela egculisayo iziguli ezazineTB. Kusemqoka ukuthi lesi sifo sisheshe sitholakale, kulandele ukwelashwa kwesiguli nokwazi kahle ngalesi sifo.
I-TB yisifo esithathelanayo esibulalayo. Idalwa yigciwane kanti ihlasela amaphaphu omuntu yenze ukuba angaphefumuli kahle. Kodwa kuyenzeka isabalale ihlasele ezinye izingxenye zomzimba.
Balinganiselwa engxenyeni yokubili kokuthathu abantu abanegciwane emzimbeni elingagcina seligulisa uma singadli ukudla okunomsoco, sine-stress, sesikhulile noma sineHIV.
Yiziphi izimpawu zaso?
NgokoMnyango wezeMpilo, izimpawu zalesi sifo ezijwayelekile yilezi: ukukhwehlela okungapheli (okuthatha isikhathi esingaphezulu kwenyanga); ukuphefumula kanzima; inhliziyo emnyama; ukwehla kwesisindo somzimba; ukukhathala, ukuphelelwa amandla; ukujuluka ebusuku; ukuzwela amakhaza; ukuqaqamba kwamalunga omzimba; ukuqaqamba kwesifuba; nokukhwehlela igazi.
Isabalala kanjani?
I-TB ivame ukusabalaliswa wukukhwehlela - amagciwane akhafulelwa emoyeni ahogelwe abanye. Usengozini futhi yokuphathwa yiTB uma uHIV positive (ngenxa yokuba buthaka kwamasosha omzimba) noma uma usebenza ezimayini uhlala useduze kwe-silica (uhlobo lwensimbi olutholakala ematsheni amaningi).
Ngenzenjani uma ngisola ukuthi ngineTB?
Uma uhlolwa iTB kuthathwa isikhwehlela sakho kokunye kwenziwe iX-ray kuhlolwe isifuba.
Akusheshi kutholakale ukuthi unahlobo luni lweTB kulezi esizibalile.
I-TB iyelapheka ngisho noma uneHIV. Kulula ukuyelapha uma isheshe yatholakala.
Uma unalezi zimpawu esizibalile, phuthuma kudokotela noma esibhedlela.
Yelashwa ngani?
Kukhona amakhambi abizwa nge-"first-line" ne-"second-line" okwelapha iTB, kodwa khumbula ukuthi kufanele kuphele izinyanga ezingu-6-8 usebenzisa imithi uyiqede.
"Abantu bavame ukuzizwa bengcono emva kwezinsuku ezimbili besebenzisa imithi bese beyayiyeka emva kwenyanga," kusho uSister Heidi Booyens weTNS Clinic eManzimtoti, eKZN.
Ukuzizwa ungcono akusho ukuthi awusenaso lesi sifo.
Ukungayiqedi imithi kwabantu kwenza iMDR neXDR ingazweli emithini.
Khumbula...
UMnyango wezeMpilo awukhokhisi mali ngokuhlolwa nokwelashwa kwalesi sifo.
Ukwelashwa kweTB
INDABA NGUTHANDI ZULU
EZEMPILO
BONA ZULU - May 2008
u
t
BONA ZULU - May 2008
Usizo lokulwa neTB...
UMnyango wezeMpilo usebenzisana nezinhlaka ezihlukene emphakathini njengezabasebenzi bezempilo ukuze kusizwe iziguli ezisebenzisa imithi ngohlelo olubizwa ngeDirectly Observed Treatment, Short-course strategy (DOTS).
NgineTB ngihlala ekhaya - ngingazivikela kanjani nomndeni wami?
I-TB isabalala kalula uma indawo enihlala kuyona ingavulekile, icinene, yenza lokhu...
Ungasondeli eduze kwabanye abantu.
Lala egumbini elikude nabo.
Igumbi olala kulona malishaywe wumoya.
Geza izandla emva kokuthimula, kokukhwehlela noma kokubeka izandla ebusweni noma ekhaleni.
Vala umlomo nge-tissue uma ukhwehlela, uthimula noma uhleka, ulahle ama-tissue owasebenzisile.
Kusemqoka ukuqeda imithi yakho
Ngeminye imininingwane
Xhumana noMnyango wezeMpilo:
Head office, Pretoria: 012-312-0089;
Eastern Cape: 040-609-3960;
Free State: 056-212-2271;
Gauteng: 011-355-3408;
KwaZulu-Natal: 033-395-2586;
Limpopo: 015-290-9126;
Mpumalanga: 013-712-5837;
North West: 018-297-0962;
Northern Cape: 053-830-0697;
Western Cape: 021-483-5431.
Ukuxhumana kweTB neHIV
Okwenza abantu babe sengozini
Ngokwezibalo zabeWorld Health Organization, u-33% wabantu abangu-40 million abaneHIV/AIDS emhlabeni wonkana uneTB - kanti kubantu abayisithupha noma abayisikhombisa emhlabeni abaneHIV, oyedwa wabo uhlala eSA.
Lokho kudalwa wukuthi iTB ayitholakali kalula futhi ayelapheki kalula ezigulini ezineHIV. I-TB yelapheka kalula uma isheshe yatholakala kodwa ezigulini ezineHIV akulula.
I-TB ibuye idlondlobale kakhulu uma amasosha omzimba engasebenzi kahle.
Iziguli ezineHIV ziyafa uma zingalashelwa iTB noma uma igcine icashe unomphela.
NgokweGlobal Health Reporting, u-90% wabantu abaneHIV/AIDS ushona emva kwezinyanga ezimbalwa ungenwe yiTB.
Kuthiwa ama-ARVs abuye enze ukuba imithi elwa neTB ingasebenzi kahle ngakhoke kusemqoka ukubonisana nesisebenzi sezempilo ngalokho.
Uma ungumuntu oHIV positive owake welashelwa iTB esikhathini esedlule, kungenzeka kudingeke ukuba ushintshelwe kolunye uhlobo lwemithi uqashelwe kakhulu ngoba kungenzeka amakhambi angasebenzi.[z]
