zulu.1244.health
Ezempilo
IQINISO:
Sinakekela oBaba
I-Father's Day ngeyokukhombisa ukunakekela obaba - ngakhoke kulo nyaka, qiniseka ukuthi ubaba wakho umtenda ngokudla okuzomvikela ekukhuluphaleni nasekuphathweni i-high blood pressure ne-stroke. Ukulawula isisindo somzimba ngokuyikho kwehlisa amathuba okuphathwa yi-high blood pressure - ngokusho kukaPriya Lalla onguchwepheshe wezokudla kwabeSA Sugar.
Ngokulandela ucwaningo lwase-Australia, nazi izincomo zakhe:
P Thokozela ukudla okunhlobonhlobo ukuze uthole umsoco owudingayo.
P Ukudla isitashi esiningi kusho ukuthola amafutha ayingcosana - yidla isinkwa, irayisi, ama-cereal, amazambane, impuphu, isitambu namadumbe.
PThola nemikhiqizo yase-dairy efana nenyama, inhlanzi, inkukhu namaqanda nsukuzonke.
P Emikhiqizweni yase-dairy efana nobisi, ushizi, amasi noma iyogathi, khetha enezinga lamafutha eliphansi, ngoba ine-calcium esiza ekwehliseni i-blood pressure.
P Qaphela usawoti wakho - uma inhlanzi isethinini elinosawoti, icwenge ngaphambi kokuyiseva, idla i-cold meat, ama-packet crisps namakinati anosawoti, sebenzisa usawoti omncane uma upheka, ungawusebenzisi etafuleni.[z]
82 BONA ZULU - June 2006
ngonyaka.
zikhula ngo-6cm
Izinzipho zakho
Geza izandla zakho
Njengoba amakhaza nemikhuhlane sekufikile, imfihlo yokuphila kahle isezandleni zakho.
Gxila ekunakekeleni izandla zakho njengoba usuke wenza lapho uxubha amazinyo ngokusho kwabeHarvard Medical School. Lokhu kusiza ekulweni namagciwane athathelanayo. Qiniseka ukuthi:
u Ugeza izandla njalo.
u Uzihlikihla emanzini afudumele anensipho, uzikhuhle yonke indawo cishe imizuzwana engu-15 kuya kwengu-20.
u Uma ungenayo insipho noma amanzi, sebenzisa izinto zokusula izandla ozisebenzisa kanye uzilahle noma ama-gel sanitisers atholakala emasuphamakethe.
Thanda lelo khofi...
Uma ufuna ukuthola izingane ezinhle mfowethu, phuza ikhofi uyeke ukubhema insangu.
Ososayensi eSao Paolo University, eBrazil, bathola ukuthi ukuphuza ikhofi kwenza imbewu yowesilisa ibe namandla kube lula futhi nokuvundisa iqanda.
Kodwa eState University eNew York bathola ukuthi ukubhema insangu kunika imbewu yowesilisa amandla okuhamba ngesivinini esikhulu ize iqhekeke ingakafiki lapho iya khona.
Hlala uphilile ngoPatricia McCracken
Qeda ukunuka komoya
Uma uhlafuna i-parsley emva kokudla, uzokwenza umoya wakho ube freshi. Lokhu kudalwa wukuthi iqukethe i-chlorophyll eningi - okuyikhemikhali eyenza ibe hlaza.
Abakhulelwe bavame ukuvuvukalelwa yizinyawo ngoba imisipha iyanwebeka izenze zidumbe.
IQINISO:
