Zulu.2890.yourceleb_10ques
IMIBUZO
kaDoris Msibi
UMETHULI WE-Forgive And Forget USITSHELA UKUTHI YINI ANGAYENZA EMAHORENI ANGU-24 OKUGCINA EPHILA, NANGESIBUSISO SAKHE ESIKHULU EMPILWENI
1. Likuphi ikhaya lakho-
Ngazalelwa eRustenburg sathuthela eGoli ngisenezinyanga ezimbalwa ngizelwe. Ngikhulele ePimville, eSoweto.
2. Unesikhathi esingakanani wethula iForgive And Forget-
Ngineminyaka emibili.
3. Yini ongeke wayithethelela-
Ngeke ngimoshe impilo yami ngokungathetheleli. Kodwa ngingaba nenkinga yokukhohlwa.
4. Yiluphi udaba olwakuthinta kakhulu kwiForgive And Forget-
Olomfelokazi owathethelela umbulali womyeni wakhe owashona besanda kushada. Amandla-ke lawo!
5. Ngabe ukusebenza kwiTV kwakuyiphupho lakho-
Cha! Ngikhule nginamahloni. Ngangifuna ukuba nguthisha njengomama. Ngisenalelo phupho namanje ngoba ngifundisa ngokungagcwele abafundi basePhafogang High School isifundo sokucijwa kwamaKhono njengengxenye yohlelo lwenkampani yami lokuthuthukiswa komphakathi.
6. Yimuphi umsebenzi owaqala ukuwenza-
Ngenza owokuqoqwa kombiko isonto elilodwa, ngenza owokuphathwa kwemicimbi ngaqala ngowokukhethwa kukaMiss Malaika. Umcimbi weKORA All Africa Music Awards wahlelwa yimina.
7. Wake waba ngunobuhle - yini eyakwenza wangenela umcintiswano walolu hlobo-
Ngicabanga ukuthi kungenxa yokuthi imincintiswano yonobuhle ibiyingxenye yempilo yami. Ngangineminyaka engu-8 ngesikhathi umama engifaka kowokukhethwa kukaMiss Pimville Junior. Ngaba nguMiss Eldorado Park ngo-1998, Miss Teen Gauteng ngo-1999, Miss Soweto ngo-2000 noMrs SA Globe ngo-2006.
8. Ngabe ushadile, unabo yini futhi abantwana-
Yebo. Ngineminyaka engu-5 ngishadile kanti nginezingane ezimbili. Indodana yami uNjabulo uneminyaka engu-4 kanti indodakazi uMasego uneminyaka engu-2.
9. Uma ungasalelwa amahora angu-24 uphila yini ongayenza-
Ngeke ngisebenze. Ngihlala ngisebenza njalo. Lawo mahora ngingawachitha nomndeni wami, sixoxe, sidle sihleke.
10. Yini oyithatha njengesibusiso empilweni-
Wuthando. Ngiluthola kuNKULUNKULU, kumama, kumyeni wami nasemndenini wonke! Uthando lwabo ngilwazisa ngaphezu kwakho konke enginakho nesengikuzuzile empilweni. [z]
Sihlanganiselwe nguNtokozo Maseko
SIXOXA NESIHLABANI
