zulu.288.zola
Ningathathi ama- shansi!
Usebonakale emidlalweni eminingi ephethe isibhamu enza bonke ubugebengu - nakwiYizo Yizo noma iTsotsi kodwa uthi akukho okuyoma phakathi kwakhe nohlelo lweZola 7...
indaba nguDOUG GORDON
BONA ZULU - August 2006
UBONGINKOSI Dlamini (29) odume ngelikaZola useke washiyelana inkundla nezihlabani zaphesheya ezifana noSnoop Dogg wadlala nezindawo ezisabisayo kwiTV njengekaPapa Action - kodwa iZola 7 yiyona show adalelwa yona.
Ngale show uhlose ukuguqula izimpilo zalabo abayizintandane nabangenamakhaya, anike ithemba kwasebelilahlile. Lolu chunge lwaqala eminyakeni emithathu eyedlule kuSABC1 kanti seluphendule lo mculi umsindisi wabaningi.
Onguphrojusa uNthabiseng Mokoena uphawule kanje ngaye: "UZola ngumuntu othokozisa abantu, kodwa kwiZola 7 wenza okungaphezu kokufinyelela kubalandeli bomculo wakhe nabambuka ezithombeni."
"Ngeke saphumelela ukusiza bonke abantu esithola izincwadi zabo, kodwa njengamanje sesine 'Dream Team' esizenzela ngokwayo umsebenzi wokusiza abanye."
LOKHO kwakha umqondo ngoba umsebenzi kaZola wezikaqedisizungu njengamanje ususabalala emhlabeni wonke ngenxa yomdlalo owawina i-Oscar othi Tsotsi.
Le movie cishe ibe yi-video yomculo kaZola njengoba inezingoma zakhe eziyisithupha. Useke wahambela amazwe afana noSpain, France naseGermany kanti ngoJuly ngonyaka ozayo uzodlala emakhonsathini angu-20 kulo lonke elaseMelika. Ngo-October ingoma yakhe ethi Don't Cry izokhishwa eJalimane ngenhloso yokuqalisa umkhankaso wokondla izingane zase-Africa.
"Kuyinto enzima kakhulu ukuthi ungaphumelelisa bonke abantu ezifisweni zabo. Kulula ukumelana nabalandeli baZola njengomuntu othokozisa abantu, ngoba okuningi abakuzwa kwabemithombo yezindaba yinto ebedukisayo. Iningi lamantombazane engikhuluma nawo, asuke efuna ukuba ngiwanike ama-hug ngiwaqabule bese ngiwasayinela ama-autographs," kusho uZola.
"Izindaba ezingesilo iqiniso mayelana nezintombi enginazo nokuthi zingaki ezikhulelwe, namaphathi e-engagement okwakumele ngiwenze - konke lokho amanga."
Ababukeli beZola 7 bahlale bebheke izinto ezinkulu kuyena.
N GOKUSHO kwakhe abantu bafika lapho ehlala khona bephethe ama-suitcase. "Basuke bezimisele ngokulala ngisho nasemnyango bangahambi kuze kube ngibanika usizo. Ngiye ngibacele babhalele ohlelweni kodwa bangayingeni leyo.
"Sengike ngahlangabezana nabantu abafuna usizo ngokukhulu ukushesha kangangoba baze bangikhomba ngesibhamu ebusweni bangigwaza ngisho nangemibese ukuze ngikwazi ukunaka into ababeyisho.
"Ngithola amakhulu ezingcingo zabantu engingabazi nsuku zonke - amaSMS okuba ngibashayele, sengathi nginemali yokwenza lokho.
"Ngiyazi baningi abantu abadinga ngempela ukuba bavele kwiZola 7 ngoba befuna usizo - pho ngizobona kanjani uma bengicela ukuba ngibathengele ubhiya nogwayi."
Into ecasula uZola kakhulu abantu abazama ukumthatha amashansi ngokumazela umlando wempilo yakhe ekhuliswa ngumzali oyedwa.
"Nginezinsizwa ezifika kimina zithi zingobaba bami kodwa ngizikhombise ukuthi zihambe kabi. Ngiye ngithi anginababa, kodwa angizange ngisho ukuthi angimazi ukuthi ungubani.
"Njengomuntu anginalo ilungelo lokudinelwa abantu abasuke befuna usizo ngempela - kodwa ngeke ngibe nenhlonipho kulabo abazongithatha amashansi."
UZOLA uzibona ephambili ekudlaleni indima yokusabalalisa umculo wakuleli nendima yezamafilimu kwamanye amazwe.
Kulandela ifilimu ethi Tsotsi, umculo wakhe uzozwakala kwenye ifilimu emayelana ne-Africa - yesihlabani saseHollywood uLeonardo di Caprio ethi The Blood Diamond.
UZola nakuleli filimu wanikwa indawo ephambili kodwa wayenqaba ngoba ematasa nohlelo lwakhe iZola 7.
"Konke okumayelana nekusasa lami emafilimini aphesheya, kuyoncika emsebenzini wami weZola 7," kusho yena
UZola kwiTsotsi udlala indawo kaFela esimakhele igama emhlabeni.
UPeter Fudowski onguphrojusa wakwelaseBrithani waqala wezwa umculo we-kwaito walesi sihlabani ngo-2003 ngesikhathi efika eGoli ezocwaninga ngale ndaba. Zamthatha kakhulu izingoma zikaZola njengeGhetto Fabulous, kangangoba wambhuka ngaleso sikhathi ukuba enze izingoma zefilimu ethi Tsotsi.
Namuhla emva kokudayisa cishe amaCD angu-500 000 kuleli, uZola leli filimu nomsebenzi wakhe omusha wokuqopha eJalimane - okuyimakethe enkulu yokuqopha e-Europe - yinto ezokwakhela umculo wakhe igama emhlabeni jikelele.
"Ukwesekwa abezindaba lapha ekhaya nasemazweni aphesheya, yiyonanto ezokwenza yonke into isheshe," kusho yena.[z]
"Amanye amantombazane engixoxisana nawo asuke efuna ama-hugs nama-autographs," kusho uZola.
BONA ZULU - August 2006
Ukudlala kukaZola izindawo ezimbi kungalokothi kunikhohlise - ungumuntu onenhliziyo enhle.
