zulu.2889.Zimbabwe
Umzabalazo wabaseZimbabwe
Umbiko ngezwe elinezinkinga
Okwenziwa abesimame ngenhloso yokulwa nezenzo zikaMugabe…
indaba nguNICOLE ITANO/featurenet.co.za
BABENGAPHEZULU kwekhulu abesimame ababebuthene epaki elimaphakathi neHarare ngosuku lokhetho lwephalamende olwalungoMarch 2005 eZimbabwe. Babecula bekhulekela ukuthula. Ngisho nokuhlangana kwabantu bekhuleka kuyicala kuleli lizwe elise-Africa eseningizimu elibuswa ngesandla sensimbi…
Ababekhuleka bathelekelwa amaphoyisa ayehamba ngamaLand Cruiser abafaka ezimotweni ayehamba ngazo.
Ngalolo suku abesimame abangu-300, iningi labo okwakungomama nogogo, bagqunywa ejele kanti kubona abayisishiyagalolunye bashaywa kanzima kwadingeka ukuba balaliswe esibhedlela.
Phakathi kwabo kwakukhona noJenni Williams, owasungula iWomen Of Zimbabwe Arise, ebalwa ezinhlanganweni ezimbalwa ezidela konke zikhethe ukumasha ezitaladini ngenhloso yokukhala ngesimo esingesihle sezwe lazo.
“Abesimame yibona abahlukumezeka kakhulu ngenxa yezinkinga zaseZimbabwe kanti njengoba kuyibona abashayeka kakhulu, kufanele baphumele obala bakugxeke lokho,” kusho uWilliams, oseboshwe izikhathi ezingu-18.
“Sikhetha ukuboshwa sishaywe ngenxa yothando lwezwe lethu.”
Abesimame bayakhuleka, bamashe bakhiphe nezimbali ngeValentine’s Day ezinemilayezo ekhuthaza ukuthula kanti ugqozi baluthola enhlanganweni elwela amalungelo abantu eMelika nasemibhikishweni eyayiphikisana nobandlululo eSouth Africa.
Bathi yisiqubulo esithi “Wathint’ abafazi wathint’ imbokodo” esibamisa isibindi.
U-WILLIAMS waduma esakhulumela iCommercial Farmers Union of Zimbabwe yabamhlophe eminyakeni emihlanu eyedlule ngesikhathi uhulumeni waseZimbabwe eqala ukudla amapulazi abalimi abamhlophe ewanika abamnyama.
Luningi uguquko oselwenzeke empilweni yakhe kule minyaka.
U-Williams useyisishoshovu enhlanganweni okwande kuyona abesimame abampofu abansundu.
Waqala ukusebenzela abalimi abamhlophe emva kokuba beqashe inkampani yakhe yezokuxhumana kodwa akathandi ukwenaba ngakwenza kwiWomen Of Zimbabwe Arise.
Wakhetha ukuhlala aqhubeke nomzabalazo kwelaseZimbabwe ngesikhathi iningi labamhlophe libaleka. Uyena kuphela omhlophe kwiWomen Of Zimbabwe Arise. Ngokusho kwakhe, yize noma emhlophe ngebala futhi enegama lesiNgisi, ezidalweni zakhe kukhona ezimhlophe nezingamaNdebele.
Umyeni wakhe wahamba namadodana abo amabili ebalekela isimo esasingagculisi kuleli lizwe kanti unethemba lokuthi izinto zizolunga umndeni wakhe ubuye.
“Ngihlabe ikhefu leminyaka emithathu ekubeni ngunkosikazi nomama,” kusho yena. Bekunzima kodwa umndeni wakhe uyameseka “Bayabona ukuthi silwela ukulungisa isimo kwelaseZimbabwe.”
EMVA kweminyaka emihlanu yokudlanga kodlame lwezombusazwe nengcindezelo, iningi labaseZimbabwe lisesaba ukugxeka uhulumeni phezu kokuba umnotho waleli lizwe ushona phansi kukhona nomkhankaso wokucekelwa phansi kwemizi yabantu eyimijondolo obizwa nge-Operation Murambatsvina oshiye abantu abalinganiselwa ku-700 000 bengenamakhaya izingane zangakwazi nokuya ezikoleni.
Isimo sezepolitiki eZimbabwe senza kungabi lula ukuthi abantu bazwakalise izikhalo zabo. Kunemithetho emisha enqabela abantu ukuba babambe imihlangano nephikisana nokugxekwa kukamongameli nabezokuvikela. Abashicileli bezindaba abazimele bavalwe imilomo kanti kunomkhankaso oxhaswe nguhulumeni olwa nabagxeka uhulumeni osufake ingebhe kwabaningi.
Njengoba lo mthetho kufanele usebenze kwabeseka uhulumeni nabamgxekayo ngokufanayo, ubukeka ucindezela kakhulu abezwakalisa izikhalo zabo ngohulumeni.
Lokhu kusetshenziswa njengendlela yokuvala imibhikisho nemihlangano yabo.
U-Arnold Tsunga, oyinhloko yeZimbabwe Lawyers For Human Rights emele amalungu eWomen Of Zimbabwe Arise enkantolo, uthi ngo-2003 no-2004 babengu-2 000 ababoshwa ngaphansi kwemithetho yengcindezelo.
Kodwa akukho noyedwa owashushiswa. Amalungu eWomen Of Zimbabwe Arise aboshwa ngoMarch agcina ephumile ejele emva kokwethweswa icala lokuphazamisa ukuhamba kwezimoto phezu kokuba umbhikisho wawo wawubanjelwe epaki hhayi emgwaqweni.
UTHABITA KHUMALO osenyunyaneni naye wake wahlukumezeka…
KwakunguMgqibelo ngoJuly ngesikhathi le ntokazi ilungiselela ukuvula umhlangano wabesimame abangamalungu enyunyana owawusehhotela eliseHarare. Kwangena idlanzana labantu lashaya ababesemhlanganweni.
Enye indoda yamshaya ngesibhakela ebusweni kwaphuma amazinyo. Kodwa lesi sishoshovu esilwela abasebenzi asizamanga ukubaleka noma ukufuna usizo.
UThabita useboshwe kaningana naye njengoJenni. Wake washaywa, wathunjwa ngabeseka uhulumeni, izingane zakhe zasatshiswa.
Abahlaseli bakhe wababona kodwa amaphoyisa amtshela ukuthi udaba lwakhe luthinta ezepolitiki akukho angakwenza ngalo.
UThabita uthi usazoqhubeka nomzabalazo.
“Alikho elinye izwe engilaziyo ngaphandle kwaleli. Ngizalelwe kulona. Ngifuna izingane zami zibe nempilo engcono,” kusho yena.
“Abesimame banesibindi. Kodwa siyazinyeza ngamandla ethu. Isimo saleli lizwe siyoshintshwa abesimame mhla babona ukuthi angakanani amandla abanawo!” [z]
BONA ZULU – March 2006
BONA ZULU – March 2006
