zulu.2878.wwe (2)
Owokuzwana amandla
KWI-WRESTLING kulapho uzwa kuchwaza izihlwele sezisanganiswe wukujabulela izikhondlakhondla zezidlakela lapho sezibhekene eringini. Abanye babadlali balo mdlalo yizikhondla ezinhle.
Abanye yizidlakela ozibonayo ukuthi akulula ukuzethemba.
Kodwa kusuka ku-Booker-T no-John Cena kuya ku-Chris Benoit no-Bathista - zonke lezo yizinkunzi esezizakhele elikhulu igama...
Ngabe yinto eyenzeka ngempela"
Abezindaba ngeminyaka yo-1908 babebiza i-wrestling ngento eyi-fake. Kusukela ngaleso sikhathi, abezokushicilelwa kwezindaba sebabhala izindaba ezidalula izimfihlo ezingamanga nge-wrestling. Kodwa konke lokho akuzange kukhubaze ukuduma kwayo.
I-wrestling ineminyaka engaphezu kweyikhulu yaqalwa kanti yaqalwa ezindaweni ezinemibukiso nasemasekisini nokuyilapho kwakuvele kuqhamuke isidlakela sendoda siphonsele noma ngubani ezihlweleni inselelo yokuba balwe.
Loyo wesilisa oyoyamukela inselelo, kwakuba ngomunye oyingxenye yalo mdlalo. Kwakuvame ukuba kube ngumuntu omncane ngomzimba, ozolwa ngesikhulu isibindi kodwa ekugcineni bamshaye 'bamshiye ulimi' - abantu bahahabule le ndoda eyisikhondla.
Noma lona omncane ngomzimba amangaze wonke umuntu awine bese izihlwele zimthakasela.
Ngabe yinto eyenzeka ngempela"
I-wrestling kusukela ekuqaleni yayilokhu iyinto yokuthokozisa abantu. Manje isiphuculwe kakhulu kunakuqala.
Yaphuculwa ngabantu abafana no-Vince McMahon ongumphathi we-World Wrestling Entertainment (WWE). Umndeni wakhe waqala ukuzibandakanya kulo mdlalo ngeminyaka yo-1900. Ngeminyaka yo-1950, ubaba wakhe wayengomunye wophromotha bokuqala ababona kunesidingo sokuba i-wrestling ikhonjiswe kumabonakude. Ngesikhathi u-Vince ethatha izintambo zokuphatha ibhizinisi lomndeni ngo-1981, kwakukhona izinhlangano ze-wrestling ezazikhona, ziphethe ezindaweni ezahlukene eMelika.
Waqala nge-WrestleMania wayenza yaba semgangathweni kazwelonke. Ezinye izinhlangano azikuthandanga lokhu zakubona njengento ebulala umsebenzi wazo ezindaweni zazo. "Lento oyenzayo izokufaka ezinkingeni," kusho ubaba ka-Vince emexwayisa.
Kodwa u-McMahon wathenga amabhizinisi ezimbangi zakhe ezinye zaphelelwa wumsebenzi.
Leso kwakuyisikhathi sama-video games nokugqama komsebenzi weTV. Njengamanje i-WWE ithola cishe ngaphezu kuka-$350 million ngonyaka eziteshini zikamabonakude ezisakaza imidlalo yayo.
Njengoba kungabanga khona abazomelana bancintisane nabo, i-WWE isizehlukanise kabili kwaba wuphiko lwe-RAW nolwe-SmackDown!
Uphiko ngalunye lunamalungu ayizikhondla zalo nezicoco ezingaphansi kwalo. Ukuxova izinto, izikhondla ezenza lo mdlalo zivame ukuba ziye nakolunye uphiko.
Ngabe yinto eyenzeka ngempela"
Imiphumela yanoma iyiphi impi iyahlelwa. Abazolwa baye balungiselele izindlela abazolwa ngazo ingakafiki impi. Ngesikhathi sempi, lezi zindlela ebezihlelwa ngaphambi kwempi, bayazisebenzisa bazenze ngobukhulu ubuchule kunakuqala. Ngisho nonompempe imbala uba yingxenye yalokho ngokwenqubo okuhlelwe ngayo.
Uma ubona umdlali walo mdlalo ephuma igazi, ubokwazi ukuthi yigazi langempela, futhi lisuke liyingxenye yendlela obekuhlelwe ngayo. Olwayo usebenzisa i-razor encane ayifihlile azisike ngayo, ngokuvamile emashiyeni. Lokhu kwaziwa ngokuthi yi- "blading." Uma olwayo opha ngaphandle kokusikeka - kusuke kuyingozi.
Ngezinye izikhathi, njengoba sekuke kwenzeka eminyakeni eyedlule, olwayo angahambisani nendlela impi ebi bhalwe yahlelwa ngayo azame ukudlubulundela aziwinele ngokwakhe.
Esikhathini esedlule, izingqwele zomhlaba kulo mdlalo zazikhethwa ngenhloso, ngoba kungabantu okwakuthi lapho impi sebeyilwa ngempela, bakwazi ukuzivikela.
Esikhathini eside esedlule ababengophromotha babezama ukukholelwa ukuthi i-wrestling yinto eyenzeka ngempela. U-Vince McMahon wakushintsha konke lokho. Ngeminyaka yo-1980 wakwazi ukuba adlondlobalise i-wrestling.
Ngabe yinto eyenzeka ngempela"
Uma abantu bethola ukuthi ungumlandeli we-wrestling, bahlale bethi, "Awazi ukuthi yonke lento akuyona eyangempela"" Emva kokubancoma kwakho ngokukubona kwabo lokho, batshele ukuthi i-wrestling ijinyelwa kanzima.
Ngisho ngabe kuyahlelwa ngaphambi kwempi, kufanele ube yisidlakela ukuze umelane nesimo saseringini. Konke lokho kwenzeka bukhoma ngaphandle kwezinto zokukuvikela, akufani nasefilimini.
Impendulo elula yalowo mbuzo ikhona...
I-wrestling kuba eyangempela uma kudingeka! [z]
BONA ZULU - January 2006
I-wrestling isingomunye wemidlalo ephambili lapha eSA - sicubungule indlela izinto ezenzeka ngayo kuwo...
1. U-Booker-T.
2. U-Eddie Guerrero ongasekho emhlabeni.
3. I-wrestling inedumela eSA.
Ngabe yinto eyenzeka ngempela"
BONA ZULU - January 2006
indaba nguWALTON GOLIGHTLY
